Kushaqeke noZondo ngezigidi zamathenda kwaTransnet
KWAKUNYUSWA ngezigidigi imali yamathenda enkampanini kaHulumeni iTransnet ukuze kube khona abahlomulayo. Lobu ngobunye ubufakazi obuqhamuke izolo ngesikhathi uMnu uThobani Mnyandu wenkampani yabammeli iMNS Attorneys eqhubeka nokwethula ubufakazi kuKhomishini kaZondo emayelana nokugwamandwa kombuso. Le nkampani yabammeli yaqashwa ukuba ibheke izinsolo ezazimayelana nokungalandeli imigomo yamathenda kwaTransnet.
Ubufakazi bayizolo bebugxile ekususweni kwezinjini zezitimela ePitoli ziyiswa eThekwini. IKhomishini izwe ubufakazi ngokuthi imali yayinyuswa kanjani isuka ezigidini eziyisi-R9 ize ifinyelela kwezili-R100 ngonyaka. Le mali kuthiwa ayigcinanga lapho kodwa yanyuka yaze yafinyelela ezigidini ezingama-R600
Ngesikhathi umsebenzi uqala ngonyaka wezi-2014 imali yomsebenzi yayizigidi ezili-R9 eyayibekwe eceleni ukuthutha izinjini zezitimela ziye eThekwini kodwa ngesikhathi esingangonyaka yabe isishaya phezulu.
Ebufakazini bakhe uMnyandu uthe ngowezi-2014 inkampani iChina North Rail yabathumelela umyalezo kwaTransnet ibatshela ukuthi ukuthuthwa kwempahla iyiswa eThekwini kuzodla izigidi eziyisi-R9. Uthi bashaqeda ezinyangeni ezili-11 le mali isinyuke yafinyelela ezigidini ezili-R100.
“Isicelo somsebenzi sathunyelelwa iCNR bethi imali kungenzeka ifinyelele ezigidini ezili-R100. Kulesi sicelo ngasekugcineni kwase kuvela ukuthi umsebenzi wonke ungadla imali eyizigidi ezingama-R318.” kusho uMnyandu ebufakazini. USihlalo weKhomishini uJaji uZondo obebonakala ukuthi ushaqekile ubuze ukuthi ngabe izikhulu zakwaTransnet noma ibhodi laba nakho yini ukubuza ukuthi kungani izindleko zize zinyuke kangaka!
“Umsebenzi wezindleko okwakumele zidle imali eyizigidi eziyisi-R9 unganyuka uze ufinyelele ezigidini ezingama-R600, nakwazi ukuthola yini ukuthi izizathu zokunyuswa kwemali zazikuphi,” kubuza uZondo. Ephendula uMnyandu uthi kukhona lapho bezwa khona imibuzo eyayibuzwa ngokunyuka kwemali kodwa bangabona ilandelelwa.