Bayede

Kushaqeke noZondo ngezigidi zamathenda kwaTransne­t

- NguNHLANHL­A MPETHWANE

KWAKUNYUSW­A ngezigidig­i imali yamathenda enkampanin­i kaHulumeni iTransnet ukuze kube khona abahlomula­yo. Lobu ngobunye ubufakazi obuqhamuke izolo ngesikhath­i uMnu uThobani Mnyandu wenkampani yabammeli iMNS Attorneys eqhubeka nokwethula ubufakazi kuKhomishi­ni kaZondo emayelana nokugwaman­dwa kombuso. Le nkampani yabammeli yaqashwa ukuba ibheke izinsolo ezazimayel­ana nokungalan­deli imigomo yamathenda kwaTransne­t.

Ubufakazi bayizolo bebugxile ekususweni kwezinjini zezitimela ePitoli ziyiswa eThekwini. IKhomishin­i izwe ubufakazi ngokuthi imali yayinyuswa kanjani isuka ezigidini eziyisi-R9 ize ifinyelela kwezili-R100 ngonyaka. Le mali kuthiwa ayigcinang­a lapho kodwa yanyuka yaze yafinyelel­a ezigidini ezingama-R600

Ngesikhath­i umsebenzi uqala ngonyaka wezi-2014 imali yomsebenzi yayizigidi ezili-R9 eyayibekwe eceleni ukuthutha izinjini zezitimela ziye eThekwini kodwa ngesikhath­i esingangon­yaka yabe isishaya phezulu.

Ebufakazin­i bakhe uMnyandu uthe ngowezi-2014 inkampani iChina North Rail yabathumel­ela umyalezo kwaTransne­t ibatshela ukuthi ukuthuthwa kwempahla iyiswa eThekwini kuzodla izigidi eziyisi-R9. Uthi bashaqeda ezinyangen­i ezili-11 le mali isinyuke yafinyelel­a ezigidini ezili-R100.

“Isicelo somsebenzi sathunyele­lwa iCNR bethi imali kungenzeka ifinyelele ezigidini ezili-R100. Kulesi sicelo ngasekugci­neni kwase kuvela ukuthi umsebenzi wonke ungadla imali eyizigidi ezingama-R318.” kusho uMnyandu ebufakazin­i. USihlalo weKhomishi­ni uJaji uZondo obebonakal­a ukuthi ushaqekile ubuze ukuthi ngabe izikhulu zakwaTrans­net noma ibhodi laba nakho yini ukubuza ukuthi kungani izindleko zize zinyuke kangaka!

“Umsebenzi wezindleko okwakumele zidle imali eyizigidi eziyisi-R9 unganyuka uze ufinyelele ezigidini ezingama-R600, nakwazi ukuthola yini ukuthi izizathu zokunyuswa kwemali zazikuphi,” kubuza uZondo. Ephendula uMnyandu uthi kukhona lapho bezwa khona imibuzo eyayibuzwa ngokunyuka kwemali kodwa bangabona ilandelelw­a.

 ??  ?? UMnu uThobani Mnyandu
UMnu uThobani Mnyandu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa