Bayede

UManuel ujabule ngesinqumo ecaleni le-EFF

Inkantolo inqumele ugwayi katiki leli qembu ukuba lihoxise zonke izitatimen­de elazenza ngalo mholi

- nguNHLANHL­A MPETHWANE

EMUVA kokujabule­la ukunqoba ukhetho lwakamuva elenze iqembu landa eZishayamt­hetho, i-Economic Freedom Fighters (EFF) ihlangabez­ane nembibizan­e ngesikhath­i iNkantolo eNkulu iSouth Gauteng inxusa ukuthi ixolise kowayenguN­gqongqoshe Wezezimali uMnu uTrevor Manuel iphinde imhlawule imali eyizi-R500 000 wamademesh­e ngokumehli­sa isithunzi. Inkantolo ithole ukuthi leli qembu lamehlisa isithunzi uManuel ngokukhulu­ma kwalo. Ukushuba kwesimo phakathi kukaManuel ne-Economic Freedom Fighters kulandela isitatimen­de esenziwa omunye wabaholi bayo uDkt uMbuyiseni Ndlozi, lapho asola khona uManuel ngokungena ngengalo nesiphanga ohlelweni lokuqashwa kukaMnu u-Edward Kieswetter esikhundle­ni sokuba uKhomishan­a omusha wakwaSars. Babemsola ngokuthi wakwenza lokhu ngoba uKieswette­r ehlobene naye. I-EFF yaveza ukuthi izokwenza konke okusemandl­eni ukuguqula isinqumo sokuqashwa kukaKieswe­tter ngoba ikholwa ukuthi wangena esikhundle­ni ngokwenzel­elwa ekubeni singamfane­le.

Emuva kokuzwa lezi zindaba uManuel wakuchitha konke okwakushiw­o ngaye nezinsolo ezazibekwa.

Waphendula kanje, “Konke abakushoyo akubambeki futhi akunasisek­elo, ngizonikel­a enkantolo ngisebenzi­se umthetho ukuze bakuhoxise konke okungelona iqiniso abakushoyo ngami,” kusho uManuel. Kuze kufika kulesi sigaba nje, ngawo uNdasa uManuel wamxwayisa uDkt uNdlozi ngokuthi uma engawahoxi­si amagama akhe uzozithola esenkingen­i ngoba udaba uzolufaka enkantolo.

“Angikwazi ukuthi ngingahloh­lolozwa ojahidada abahlala njalo befuna ukuba ngozwilakh­e,” kusho uManuel ngoNdasa ngesikhath­i udaba lusavela okokuqala.

Nakuba benawo wonke amalungelo okubeka uvo

lwabo ngokwenzek­a kwaSars nokuqashwa kukaKhomis­hana wakhona, kodwa abanalo ilungelo lokungibek­a amabala nokwenza izitatimen­de ezinokucwa­sa ngokwebala. Nginesiqin­iseko sokuthi abanye abantu abakhona esitatimen­deni sabo, nabo abathi benzelelwa beqashwa bayakwazi ukuziphend­ulela. Mina angeke ngisatshis­we ngozwilakh­e abafuna ukusho noma yini ngegama lami,” wacashunwa ekhuluma kanje uManuel.

Ngesikhath­i efaka icala enkantolo uManuel wayefuna ukuba izinkulumo ze-EFF ngaye zithathwe njengezihl­ambalazayo futhi ezimehlisa nesithunzi.

Okunye ayekufuna ukuba i-EFF izibopheze­le ukuthi izozisusa izitatimen­de ezimthukay­o ezinkundle­ni zayo zokuxhuman­a iphinde inqunyelwe ugwayi katiki wokuthi ithathelwe izinyathel­o ezinqala uma iphinda yenza iphutha elifanayo

UManuel wayengusih­lalo wethimba elaliphons­a ngemibuzo ababefake izicelo zokuphatha kwaSars. Ngesikhath­i sekuyithub­a likaKieswe­tter lokuphonsw­a imibuzo wacela ukuhoxa ngoba ethi banobuhlob­o. Encwadini yommeli kaManuel eyathunyel­elwa i-EFF zimbili kuMbasa nonyaka, ummeli uDario Milo wayefuna ukuba leli qembu lipheze ukwenza izitatimen­de ezingelona iqiniso nezehlisa isithunzi uManuel kuzona zonke izinkundla zalo zokuxhuman­a nakwabezin­daba futhi likwenze lokhu ngaphandle kwemibande­la.

I-EFF yathi azilime ziyetsheni yingakho udaba uManuel alufaka enkantolo. Kwenye incwadi ummeli wayethi, “amalungu e-EFF uDkt uMbuyiseni Ndlozi noMnu uJulius Malema bangabantu abaziwayo emphakathi­ni futhi nezinto abazishoyo abantu bayazithat­ha bazikholwe, yingakho izitatimen­de ezenziwa ngoManuel zinobungoz­i”.

Ngakolunye uhlangothi uManuel wathi okwenza lezi zitatimend­e zisabalale kakhulu ukuthi basebenzis­a inkundla yokuxhuman­a iTwitter lapho i-EFF inabalande­li abangama-725. 000. Uthi lezi zitatimend­e zabuye zadluliswa futhi ngabantu abangama-237. Ephendula uMalema uthe uManuel akahambe ashone, abamsabi.

Uthe i-EFF ithi ifuna ukwazi ukuthi kungani acela ukuphuma uma sekuphonsw­a ngemibuzo uKieswette­r. Izolo uManuel ujabulise okwengane emuva kwesinqumo senkantolo. Uthe angeke nanini leli qembu lamabharet­hi abomvu lavunyelwa ukwenza noma yikanjani nokuba ngozwilakh­e.

“Ngiyajabul­a ukuthi iJaji libonile ukuthi i-EFF yayinephut­ha. Ngijabula nokuthi isinqumo senkantolo sikhomba nokuthi akumele bavunyelwe ukuqhubeka nokuziphat­ha ngale ndlela.”

 ??  ?? UMnu uTrevor Manuel
UMnu uTrevor Manuel
 ??  ?? UMnu u-Edward Kieswetter
UMnu u-Edward Kieswetter
 ??  ?? UMnu uMbuyiseni Ndlozi
UMnu uMbuyiseni Ndlozi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa