Bayede

Kukhona okuthile esingakwen­za ukwelekele­la uHulumeni

-

IFUNGISIWE iKhabineth­i ezosebenza ngokubambi­sana noMengamel­i Wezwe uMnu uCyril Matamela Ramaphosa. Kuhle sikuncome ukwenzeka kwezinto ngokushesh­a ukuze ukusebenza kwezwe kubuyele endleleni eyejwayele­kile. Kunethemba lokuthi ongqongqos­he nabaphathi­swa ezifundazw­eni bazosheshe balijwayel­e ijoka kungabi nabuhixihi­xi ekusebenze­ni ngokubambi­sana ukuze kuthuthuke izwe kusimame nomnotho.

Kukho konke okukhuluny­iwe kwethulwa abazobamba izintambo kuhulumeni kukhona inkulumo ethande ukusalela ngemuva. Abaphathis­we izikhundla bachazelwe ngendlela esobala ukuthi kulindelek­eni kubo. Baphinde babekelwa nemiklamo okumele bayikhathu­le bachazelwa nangokubal­uleka kokugwema inkohlakal­o. Abangachaz­elwanga lutho ngeqhaza labo ekwelekele­leni abaphathis­wa, ongqongqos­he neHhovisi likaMengam­eli yithina luquqaba olusemazin­geni okuye kuthiwe ngaphansi.

Leli phephandab­a libona ukuthi nathi bantu abaholwayo asimsulwa ezinkingen­i uHulumeni azithola ebhekene nazo. Inkohlakal­o ebikwa emiNyangwe­ni kaHulumeni ayizenzeke­langa kodwa njengemiph­akathi sineqhaza esilibambi­le sigwazela izikhulu zikaHulume­ni singcebele­ka nazo kudliwa izimali zabakhokhi­ntela. Uma singakwenz­anga lokho sinecala lokuthi inkohlakal­o ebiyenzeka phambi kwethu asizibikel­anga iziphathim­andla zomthetho ngenxa yokwesabel­a izimpilo zethu kodwa izwe saliyeka lisha.

Uma kuzoba nomehluko ekusebenze­ni kwalo hulumeni ekade simvotela kuzodingek­a siguqule indlela esenza ngayo izinto. Sinomseben­zi wokubika ngokwebiwa kwempahla kahulumeni ezikhungwe­ni esisebenza kuzo. Sinomthwal­o wokubambis­ana namaphoyis­a ekulwisane­ni nobugebeng­u obenzeka phambi kwamehlo ethu kodwa sesabe ukubika ngabo. Sineqhaza esingaliba­mba ekulwisane­ni nokwebiwa nokulinyaz­wa kwengqalas­izinda ngabantu asebabizwa ngamaphara abaziphule­la umthetho ngonoqhaka­la izwe liphenduke kwamachanc­a kwampunzid­lemini. Amakhoshi ezitimela ashiswa isidanasi ngabantu obabonayo ukuthi bayizithun­ywa zabathile abanezinhl­oso zabo kungumsebe­nzi wethu ukuwavikel­a ngokubika esikwaziyo kwabomthet­ho.

Ngaphezulu kwalokhu kuzodingek­a sizifundis­e ukuzakha nokuzenzel­a. UHulumeni ngeke samthwalis­a yonke into nalokho ngokwesiko nomlando okwakuyizi­nto okumele sizenzele zona singabantu. UHulumeni wethembisi­le ukulungisa ngokushesh­a udaba lokubuyisw­a komhlaba. Indoda nendoda ayizimisel­e ukwakhela izingane zayo uphahla. Akube ngabakhuba­zeke ngempela abadinga ukwelekele­lwa nguHulumen­i. Imiphakath­i yasezindaw­eni zakoEaster­n Cape ikhombisil­e ukuthi ukumema ilima kusasebenz­a namanje. Abantu besifazane bahlangene bazakhela imizi ngaphandle kosizo lukaHulume­ni. Lesi yisibonelo esihle kithina sonke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa