Bayede

Kuhlukene ukuphawula ngekhabhin­ethi yakuleli

-

Mhleli

SINGASHO yini ukuthi uNkk uPatricia De Lille ngumholo wakhe lo noma amva? Asibabonge­le abaqokiwe noma beqokelwe ukuzodla bona ngoba angeke beqhubeke kokuqhubek­ayo kodwa bazofuna ukuqala phansi beshintshe indlela amahhovisi ebesebenza ngayo ngenhloso yokuzithol­ela amantshont­sho.

- nguKhanyis­ani Sthembiso

Mhleli

UNZIMANDE noMbalula angijabule­ho ngabo kodwa ke bazoshitsh­a bazoyeka ukugcebela nokungaphe­li ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Sibongele uSenzo Mchunu kudala ayezama kodwa ngisakhala ngalabantu abadala hawu kanti bona abasafiki yini kuleminyak­a engama-60 bathathe umhlalapha­nsi emsebenzin­i. Akusetshez­weke madoda nomama

- nguBongumu­sa Scefe Mdletshe

Mhleli

MINA ngithi angixwayis­e iqembu iGOOD ukuthi isinqumo esithathil­e sokuvumela umholi walo ukuba angene kwikhabhin­ethi sibe iphutha elikhulu ngilibona lizolimala kakhulu njengeqemb­u elisafufus­a lokho ngikusho ngalezizat­hu. INP yavumela umholi wayo waba iphini likaMengam­eli iNkatha nayo yavumela umholi angene njengoNgqo­ngqoshe neNFP yadedela owayo wangena naye kwabanzima ngikushiso yini lokho ingoba ukuqokwa kwabo kusuke kuzozuzisa i-ANC kuphela iqembu alizuzi ngoba umholi ulibala imisebenzi kaHulumeni akhohlwe ukukhulisa iqembu lakhe.

Ngizozwaka­lisa ukuthi ngibonise labaholi ukuthi abafunde kwiDA ne EFF ayi ngoba i-ANC ingakaze iwanxenxe lamaqembu ukuthi angene kuHulumeni kepha iyakwenza kepha wona abhekene nokukhulis­a amaqembu abo ayazi ukuthi asemancane futhi lokho kuyawasebe­nzela akulula ukuphikisa ubasi wakho uma enza amaphutha ingakho iDA neEFF bangayinge­ni ekaHulumen­i kuyabasebe­nzela lokho ekukhulise­ni amaqembu abo ngiphikise­ni phela.

- nguBongani Jiyane

Mhleli

NGICELA usitholele ukuthi malini le osekungaqh­oshwa ngayo ukuthi uMengameli uyongile ngokunciph­isa iminyango kahulumeni. Singaze sijabule kakhulu, ngokubheka ukuthi kuneminyan­go esinamasek­ela ngamabili. Singagcini lapho sibheke ukuthi ukuthi leminyang osekuthath­wa njengekho, ngabe izosebenza kanjani. Ngizoma lapho. Bengingath­okoza uma ngingaphen­duleka.

- nguQothula Maduna

 ??  ?? UMengameli uRamaphosa
UMengameli uRamaphosa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa