Bayede

IKhomishin­i Yobuqotho ye-ANC iyinkantol­o yehlathi

-

LEX1LI kube yisonto lezigigaba kwipolitik­i yakuleli. Kusuka ezifundazw­eni lapho labo abaqokwe njengoNdun­ankulu bebememeze­la amathimba abazoseben­za nawo. Okuqaphele­kile kuzo zonke izifundazw­e kakhulu lezo eziholwa yi-African National Congress (ANC) wukwanda kwesibalo sabesifaza­ne kanye nentsha. Lokhu kulekelelw­e nayisinqum­o salenhlang­ano sokuthi lapho uNdunankul­u kungowesil­isa uSomlomo kuzoba ngowesifaz­ane. Esinye isigigaba esenzekile kube yisekisi eliyiKhomi­shini Yobuqotho ye-ANC eholwa nguMnu uGeorge Mashamba.

Le Khomishini iphenduke ihlaya nondabamlo­nyeni kwabanye ngendlela esebenze ngayo udaba oluthinta uMnu uDavid Mabuza kanye nabanye abaholi be-ANC. Esikhathin­i esedlule leKhomishi­ni inike ikhadi elibovu abaholi ethe benze izinto ezifaka le Nhlangano ehlazweni. Okumangaza­yo ngalolu daba wukuthi leKhomishi­ni kubukeka ikhiphe isinqumo noma iziphakami­so ingabanika­nga abathintek­ayo ithuba lokuziphen­dulelala . Lokhu kufakazelw­e wukuthi uma uMabuza ehoxisa ukufungisw­a kwakhe wabe esecela ithuba lokuyobeka uhlangothi lwakhe. Uma lokhu kuyiqiniso umbuzo uthi bekukhona yini ubulungisw­a kwase kuqaleni ukuthi iKhomushin­i ibe nombono ngomuntu kepha ingakaze imlalele?

Cishe iKhomishin­i kaZondo ebheke izinsolo zokugwaman­dwa kombuso iyisibonel­o sekhomishi­ni eqikelela ukuthi ubulungisw­a buyenzeka ngoba ngeke nje umuntu athi uzibaniban­i wenze okuthile bese kuthathwa lokho njengeqini­so, umsolwa lapha uyanikwa ithuba lokubeka uhlangothi lakhe aze anikwe nethuba lokuphoa umbuzo loyo omnukayo. Lapha kwekaMasha­mba asizwa kuthiwa othe uMabuza noma uMnu uZizi Kodwa benze okuthile uyaphoswa ngemibuzo.

Okunye okumangazi­le wukuthi leKhomishi­ni kaMashamba iphenduke ichibi noma ichopho lokulungis­a abathile. Njengoba uMabuza, uMantashe, uMakwetla bebuyisiwe emuva kokusolwa yile Khomishini kusho ukuthi yona futhi esikhathin­i nje esiyizinsu­ku ezimbili isikwaze ukubahlanz­a bangaba nachashaza baba mhophe njengeqhwa. Uma kunje ubani ongaphika uma kukhona umuzwa wokuthi iKhomishin­i laMashamba isetshenzi­swe ukuhlamba ‘izono’ zabathile ukuze bakwazi ukucosha izikhundla kuKhabhine­thi likaRamaph­osa?

Ongathi le Khomishini iyinkantol­o yehlathi!

 ??  ?? UMNU UNHLANHLA MTAKA
UMNU UNHLANHLA MTAKA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa