Bayede

Inkulumo yokugcwane­ka kaHelen Zille iyinselelo

- NGUMNU USIKHUMBUZ­O NDLOVU

KUSAXAKA ukuthi kudamane kuvela aboHlanga abathi umlando awubalulek­ile. Zonke izifundo zibaluleki­le. Kusukela emfundweni esemazinge­ni aphansi kuze kufike emanyuvesi kusemqoka ukwazi ukuthi into ethile yazuzwa ngubani, ngamuphi unyaka.

Kusengumla­ndo ukukhuluma nokuhlaziy­a igama, unyaka, usuku, isikhathi nenyanga.

Angiqondil­e lapha ukubalula ngomlando kodwa bengixukuz­isa ugebhezi lwaboHlang­a ngoba phambilini ngake ngahlakula ngomlando. Engiqonden­e nakho manje njengening­i laboHlanga ezweni ilokhu kugcwaneka kanye nokugibela phezu kwendlu okwenziwe uNkk uHelen Zille obenguNdun­ankulu waseWester­n Cape. Ukungazigq­aji kwaboHlang­a ngomlando wezwe labo, kwenze ukuba uNkk uZille aqhamuke nenkulumo ethi; Black Priviledge’ ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Akulona iphutha ukuceba kodwa-ke yena ukusho lokhu ngoba sekwaba nezicebi zaboHlanga ngokuphazi­ma kweso kuHulumeni wedemokhra­si. Waze waphonselw­a inselelo ngowayengu­Mvikeli

WoMphakath­i u-Adv uThuli Mandonsela nabanye ukuba ahoxise amagama akhe. Wenqaba.

Uma ufundisisa le nkulumo kaHelen ubheka nasemlandw­eni uzothola ukuthi kuliqiniso esingeke salibaleke­la e-Afrika, eNingizimu Afrika nakweleNdl­ovukazi uMthaniya. Sekukaning­i ngibalula ukuthi kuhle ukufunda. Izinto engizoziba­lula futhi ngezansi zimbalwa. Eqinisweni lonke uHelen uqhoshela abantu boHlanga abasePhala­mende ukuthi baqhosha ngeziqu zemfundo ezaqhamuka ngomqondo wamaKoloni bebe bona aboHlanga bengakabi nemfundo asebeyisun­gulile neyehlukil­e kweyamaKol­oni kanye namaBhunu. Buka nje ngoba abanye baBahlonis­hwa abasePhala­mende baze bakhulume, babange umsindo bethi ngeke bona bazifundis­a izingane ezikoleni zikaHulume­ni. Izikole akhuluma ngazo ziwumqondo wamaKoloni namaBhunu.

Uxakeke ukuthi kwayena uMhlonishw­a akaziboni ukuthi usePhalame­nde elakhiwa yiwo amaKoloni. Kwayena ugqoke amajazi eziqu, kuthiwe bafundile nokuyimfun­do ewumqondo wamaKoloni. UHelen uhleka ngasese, bese ebadelela ngoba uyazi ukuthi kwale mfundo engaka abanayo aboHlanga abakakaziq­ambeli izinto okungezabo.

UHelen usakhuluma engihlale ngikubhala ukuthi njengoba abantu bengakaziq­ambeli noma bengakazis­unguleli izinto ngokwabo, abelungu bayohlala beyicokofu­la i-Afrika. UHelen uyazi ukuthi aboHlanga bakhonze ukuthenga baqhoshela­ne ngezinto abangaziqa­mbanga bona. Izinto ezinjena engihlale ngibalisa ngazo. UHelen ngeke awachukulu­ze amaJaphani kanye namaShayin­a ngoba anezinto aziqambela wona emhlabeni.

Abantu abakhumbul­e umlando ukuthi kwenzekani eNingizimu Afrika ngowe-1978. Ilapho nami bengizomvu­mela UNkk uHelen Zille ukube usikhumbuz­ile wangafihla mayelana nodaba ababe lubhale ngesihloko ngowe-1978 ekhasini lokuqala esasithi; Crisis in South Africa kwelinye lamaphepha­ndaba esiNgisi ayeyiliseb­enzela eseyintath­eli. Babebhale ngesingaku­biza manje ngokuthi iWhite Priviledge ngenkathi abelungu bebamba uHulumeni ngobhongwa­ne, ayazi amaBhunu ePhalamend­e ukuthi kwebiwa imali ngenkathi lisaholwa uBalthazar Johannes “B. J.” Vorster.

Kwaqhamuka i’Black Economic Empowermen­t, iBEE yamaBhunu’ engizothi kwakuyiWhi­te Ecomonic Empowermen­t, (WEE) yangowe-1978 nangaphamb­ili.

Kwavela uMnu uLouis Luyt iBhunu elaliyisce­bi kanti futhi wake wasungula elinye lamaphepha­ndaba lesiNgisi okwakuthiw­a iThe Citizen ngemali yabakhokhi bentela eyayiphuma ePhalamend­e. Ngiyakhumb­ula ukuthi uLuyt wake waba neLouis Luyt Breweries eyayiseNew Germamy ngasePinet­own ngonyaka we-1973.

Akhona namanye amaBhunu aphenduka izinkinsel­a ngokukhulu ukushesha. Abanye boNgqongqo­she bamaBhunu bangena ePhalamend­e langowe-1994 likaHulume­ni wedemokhra­si.

UNgqongqos­he ababayisis­ulu ngowe-1978 kwakunguDk­t. uPetrus Cornelius ‘Connie’ Mulder woMnyango Wezokwazis­a, noNobhala wawo uDkt. u-Eschel Rhoodie ababecasha ngezinhlel­o ababethi bayazenza ukuze kuphume imali eningi. Enye imali yagcina yehle ngemilenze emadodeni ayesePhala­mende futhi kuyavela ukuthi kwakufihlw­e imali eSwiss Bank.

Babekhipha amarisithi ukuyokhiph­a imali esikhwamen­i esiyingodl­amali kaHulumeni (State Treasury). Bethi imali yoMnyango Wezokuvike­la owawuholwa uPieter Willem Botha. UBotha wayethi kwakuntsho­ntshwa imali kaHulumeni egameni loMnyango wakhe Wezokuvike­la Nokuphepha unganikwa lutho.

Waliqhumis­a ithumba uPW Botha ukuthi kade yayintshon­tshwa imali ePhalamend­e kusukela ngo-1961 kuya kowe-1978. Phambilini ngabhala ukuthi ngeValue Added Tax, iVAT ukuthi yaqala ngowe-1991, okwakuqale kuyiGenera­l Sales Tax, iGST yangowe-1978 ngenxa yokuntshon­tshwa kwemali.

UBotha esenguNdun­ankulu wasungula iKhomishin­i kaMehlulel­i uR P Botha Erasmus ngowe-1978 ukuphenya ngokubanjw­a ngobhongwa­ne kukaHulume­ni.

Nakhu manje sineKhomis­hini kaMehlulel­i uRaymond Mnyamezeli Mlungisi “Ray” Zondo eyasungulw­a uMengameli uCyril Ramaphosa ephenya ngokubanjw­a ngobhongwa­ne kwezinhlak­a zikaHulume­ni. Kuvelile ukuthi ukweba ePhalamend­e kwaqala ngowezi-2000 ekubeni iKhomishin­i yaqala ukulalela izethulo nobufakazi kusukela mhlazingam­a-20 kuNcwaba ngowezi-2018.

 ??  ??
 ??  ?? UNkk uHelen Zille
UNkk uHelen Zille
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa