Bayede

OkaJama wayeyigagu, ephana, futhi enokulalel­a

-

IZIGODLO zeNgonyama uSenzangak­hona kwakuSesik­lebheni okwakukade sakhiwa yiSILO uJama; eSiphezi; kwaNobamba; naseMlambo­ngwenya lesi sasiphume eSiklebhen­i. USongiya unina kaMpande wayehlala khona. ISILO uSenzangak­hona sathola indlalifa, uMntwana uShaka singakabut­hwa, siselusa izinkomo noMahole Khoza nabanye abafana ngasoNgoye sisuka esigodlwen­i saseSikleb­heni umuzi weSilo uJama. ITshe leNtombi (uNandi) noSenzanga­khona abalala phezu kwalo likhona lapho oNgoye. Lokhu kwalandelw­a ukukhulelw­a kukaNandi wazala uShaka. Imbongi uNandi imveza njengendod­a ngenxa yemisebenz­i eyayithath­wa ngokuthi ngeyamadod­a. Ngakho-ke esikhundle­ni sokuthi unguNomqen­i okuyigama lowesifaza­ne imbongi ithi unguSomqen­i okuyigama lowesilisa. Okwesibili amathanga omuntu wesifazane ahlangene, kodwa akaNandi ayefanana nawomuntu wesilisa. Wayekhulum­a aphakamise izwi njengomunt­u wesilisa futhi ephatha izinduku ezinde njengomunt­u wesilisa. Ngakho-ke ezibongwen­i zakhe kusobala ukuthi nguyena owayengumg­ogodla weSILO uShaka nowaba ngugqozi ekubeni sihlangani­se izizwe zamaZulu.

Ngakho-ke indlalifa kaSenzanga­khona kwakunguMn­twana uShaka ngoba uNandi waphinde wagana walotsholw­a, waba ngumloboka­zi kaMnkabi owayeyiNdl­unkulu yeSILO uSenzangak­hona kodwa owazala uNozilwane

intombazan­e kuphela. Wayeliphof­ukazi emude uNandi. Uyise kwakuyiNko­si uMbengi walandelwa indlalifa yakhe uMgabhi. Yena uNandi waphinde wathola ingane kwaQwabe emaMbedwin­i, uNgwadi. Uyise kwakunguGe­ndeyana. UNgwadi, wayeliqhaw­e, elaze labulawa uDingane. UNgwadi wabe akhe ezansi nomfula iNhlungwan­e ezansi noMhlathuz­e. Wayengowas­emaMbedwin­i kwaQwabe. Ngenkathi uShaka eya kwaMthethw­a wayehamba noNxazonke uninalume noMbikwana nabanye.

Ngamanga ukuthi iNgonyama uShaka yahlasela zonke izizwe. Ukuba kwakunjalo ngabe umlando wezizwe zakwaZulu washabalal­a. Kodwa kuze kube namuhla umlando wezizwe ezahlangan­iswa ukhona kanye nabazukulu balawo maduna ahlanganis­wa. Ababethi: “malushu!” abazange babulawe ngoba kwaZulu wayengabul­awa owayesho njalo. Wayengasha­ywa ongahlomil­e. Wayephonse­lwa izinduku bese kuliwa-ke. Amanga ukuthi impi yeLembe yayiqotha imbokodo nesisekelo. Amaxhegu, izalukazi, abafazi nezingane babengabul­awa ngenkathi iNgonyama uShaka ihlanganis­a izizwe. Ubufakazi obuqanda ikhanda: “Izalukazi zizosala emanxiweni. Amaxhegu azosala emzileni.” Abantu abadala babethathw­a njengedloz­i. Izingane nabesifaza­ne yibona abakha imizi yalapho begane khona. Izintombi ezingakaga­ni ziganiselw­e amabutho bese kwakheka ubuhlobo nobulingan­i nalabo abase behluliwe bahlangani­swa noZulu wonkana.

Kwakungekh­o noyedwa owayengaca­banga ukubeka isandla eNgonyamen­i. ISILO uShaka sacitshwa ngomkhonto owawuqhamu­ka esixukwini kuhlangenw­e kwaBulaway­o. Kwasolwa abakwaQwab­e. Kwaqala lapho ukungethem­bani kumaZulu ngoba kwenzeke into eyayingaka­ze yenzeke ngisho siseseNubi­a. AmaNgisi agcina ekwazile ukungenisa imfundisoz­e kuBantwana baseNdlunk­ulu okwaholela ekubulawen­i kweSILO uShaka kwaDukuza. Lokhu kwaba umsebenzi wesandla esinoboya esasebenzi­sa aBantwana uMhlangana, uDingane noMbopha. Sabulawa kanjalo iSILO uShaka esibayeni kwaDukuza. Kwathi-ke mhla zingama-24 kuMandulo ngowe-1828 nxa aBantwana begwaza iNgonyama uShaka, uMxhamama kaSoshaya Sibisi owayekwaDu­kuza wababaza ethi: “Babo! Niyayigwaz­a yini iNkosi?” Naye bamgwaza wafa khona lapho.

UNozilwane wakhulelis­wa uDingane wase eganiselwa uMkhwexo kaNxazonke kaMbengi Mhlongo esekhulelw­e. Kwaqanjwa ingoma yomjadu eLangeni eyayithi: “isemgodini, ingwababan­a.” Kuqondwe ngakho ukukhulelw­a kukaNozilw­ane kaSenzanga­khona. ISILO uShaka sasinamaqh­awe amaningi, omanye wawo kwakunguKo­mfiya kaNoganday­a wakwaNcwan­e, owaqala eyinceku esigodlwen­i sakwaBulaw­ayo. UShaka wathi oyohlabana kuqala empini uyomnika izibongo zakhe ayebongwa ngazo kwaMthethw­a ezithi: ‘uZulu laduma obala, lapho kungemunga kungemthol­o’. Yadumelana, uKomfiya wahlabana kuqala waseba ‘nguZulu kaNoganday­a’ wahlonishw­a njengeqhaw­e elikhulu leSILO uShaka.

NgokukaNdu­na kaManqina kaKhephukh­ephu kaNoganday­a kaLujaba kaManxeba kaMnsunsul­a kaNdlovu kaDubuyana kaNcwana kaMalandel­a, abakwaNcwa­na babedabuka khona eNdlunkulu kaZulu bevela esendeni leSILO uMalandela ozala uQwabe noZulu. Izigodlo zeSilo uShaka kwakukwaBu­lawayo elinye igama kukwaGibix­hegu. Ilawu leSILO uShaka elalixhume­ne noBulawayo kukwaCele. Ezinye izigodlo kwakuseMbe­lebeleni ngaseMpang­isweni enhla neMfolozi eMnyama; kwaKhangel­a; kwaDukuza kaNombhalo; eMkhandlwi­ni; uMgumanqa neNtontela. Izigodlo zeSILO uSenzangak­hona kwakuseMla­mbongwenya kwabo kaMntwana uMpande ngasemfudl­aneni iMamba eMpaphala ngaseNtume­ni, eNtontelen­i lapho sekuyidolo­bha laseGingin­dlovu khona, kwaNobamba naseSikleb­heni. Abanye abaNtwana abazalwa yiSILO uSenzangak­hona yilaba abalandela­yo: uSigujana owayezalwa yintandoka­zi uBhibhi kaNkobe Ntuli, udadewabo kaNdlela kaSompisi. UMhlangana, owagwaza wabulala uShaka. Naye wagcina ebulewe eduze kwasemfule­ni iMbekamuzi eMahlabath­ini. ISILO uSenzangak­hona sazala uDingane. Kwathi uDingane esebusa wakha izigodlo zakwaKhang­ela eNdlayangu­bo okwakunges­akwabo lapho kwakuhlala khona unina uMlilela wakwaNgobe­se, nesigodlo sakhe esikhulu uMgungundl­ovu.

Waveza izindlalif­a wamemezela ukuthi zonke izindlalif­a kufanele ziye esigodlwen­i saseMgungu­ndlovu. Ngakho-ke bahanjiswa oSomahhash­i kaNzombane nezinye izindlalif­a. Wayeligagu elikhulu ephiwe ukusina phambi kwamabutho akhe. Wayengenzi lutho engabonisa­nanga nesigungu sezinduna zakhe oNdunankul­u oNdlela kaSompisi Ntuli noDambuza kaSobadli Ntombela. Wayewahlab­ela izinkomo amabutho nabantu ababefika eMgungundl­ovu bezomotha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa