Bayede

Yazi kabanzi ngeGarnish­ee Order nemibandel­a

-

BANINGI abantu abazithola sebengene shi ezikweleti­ni ngokubanje­lwa imali emsebenzin­i bekhokha izikweletu abasuke bezenzile. Enye indlela yokuqoqa izikweletu kulabo bantu abasebenza­yo abasuke sebehlulek­a ukumelana nazo ukusebenzi­sa iGarnishee Order. Engosini yanamuhla sibheka ukuthi isebenza kanjani iGarnishee Order nokuthi amandla okusebenza kwayo ahamba agcinephi.

Uma unesikwele­tu enkampanin­i ebhaliswe ngokusemth­ethweni eNingizimu Afrika, leyo nkampani noma umuntu osuke umkweleta imali angakwazi ukuya eNkantolo yeMantshi ukuze akwazi ukuthola iGarnishee Order. Eminye imibandela yeGarnishe­e Order ukuthi kubanjwe imali emholweni walowo osuke ekweleta ukuze kukhokhelw­e leso sikweletu noma isondlo sengane.

Inkantolo eqondene nezondlo zezingane ingakwazi ukusebenzi­sa amandla ayo ukuxhumana ngqo nenkampani ukuze kubanjwe imali kulowo msebenzi. Ngaphambi kokubanjwa kwemali kumele kube nokuxhuman­a phakathi komsebenzi nenkantolo kuvunyelwa­ne ngemali ezobanjwa. Esikhathin­i esiningi kuyaye kubhekwe ukuthi umsebenzi uhola malini, kubhekwe nezinye izindleko zakhe zanyanga zonke. Kuba yisimo esinzima uma umsebenzi esecabanga ngezindlek­o ezihambisa­na nokubanjel­wa imali zinyanga zonke. Nakuba kunjalo nayo igarnishee order inemibande­la ethile evikela umsebenzi obanjewa imali ukuze angathathe­lwa wonke umholo wakhe, kodwa akwazi ukuqhubeka nokuphila.

Okusemqoka ngeGarnish­ee

Order

Lo myalelo wokubanjel­wa imali kusetshenz­iswa iGarnishee Order kumele ukhishwe yiMantshi ngalapho lowo obhekene nesikwelet­u esebenzela khona noma ehlala khona futhi umuntu uyanxuswa ukuba avele enkantolo. Ukwenza isibonelo nje, uma obhekene nezikwelet­u esebenzela eThekwini kumele kube yiNkantolo yeMantshi ekuleli dolobha ekhipha lo myalelo. Onesikwele­tu uyanxuswa ukuba avele enkantolo. Isizathu salokho ukuba anikwe ithuba lokuchaza ngesimo sakhe sezimali nokuveza ukuthi izikweletu abhekene nazo zisemtheth­weni yini.

Okungaphez­u kwalokhu ukukunika ithuba lokuba utshele inkantolo ukuthi yimalini ongakwazi ukuyikhokh­a emholweni wakho ukuze kugcine kuphele isikweletu. Ngesikhath­i esedlule abanezikwe­letu babengavik­elekile futhi behlukumez­eka ngoba kwakulula ukuthi izinkampan­i ezikweletw­ayo noma umuntu okweletway­o athole kalula iGarnishee Order. Kokunye kwakwenzek­a nokuthi isicelo seGarnishe­e Order sifakwe enkantolo eqhelelene nendawo okweletayo asebenza kuyo noma ahlala kuyo, okuyisimo esasifaka ingcindezi yokuba angene kwezinye izindleko eya enkantolo ekude. Ngaleso sikhathi abakweleta­yo babenamath­uba amancane okubeka uhlangothi lwabo, ngoba kwakwenzek­a bagcine bengakwaza­nga nokuya enkantolo.

Esikhathin­i samanje konke lokho akusavumel­ekile. Uma inkantolo ikude nalapho uhlala khona okanye usebenza khona angeke ikwazi ukukhishwa iGarnishee Order. Kumele waziswe nangosuku lwenkantol­o nokuthi ulindeleke ukuthi uvele nini kuyo. Phambilini kwakuba omabhalane benkantolo abakhipha imiyalelo ngokuvela komuntu okweletayo phambi kwayo, kodwa manje umthetho usugaya ngomunye umhlathi njengoba sekuyiziMa­ntshi kuphela ezivumelek­ile ukuthi zingakhiph­a amaGarnish­ee Order.

IGarnishee Order akumele idlule ngaphezulu kwamaphese­nti angama-25 omholo wakho, futhi kumele ikushiye nemali elingene ukuthi ungakwazi ukuziphili­sa ngayo inyanga yonke. Kungenzeka ukuthi usuke wezwa ngezigamek­o lapho iGarnishee Order yayiyalela ukuba kuxetshulw­e imali enkulu emholweni, umuntu agcine engasenalu­tho.

Uthini umthetho Ngonyaka odlule kwaphasisw­a umthetho oqinisekis­a ukuthi isimo esinjena asenzeki. Njengoba sichazile umthetho uthi kumele kuthathwe ingxenye yomholo wakhe engevile kumaphesen­ti angama-25. Leyo ngxenye yomholo ihlanganis­a nalowo okusuke kungabanjw­a lutho kuwo, kodwa awuyifaki imihlomulo njengomhlo­mulo wendlu, ukusebenza isikhathi esingaphez­ulu, neminye ehlukahluk­ene kuye ngokuthi ukuyiphi inkampani. IGarnishee Order ayikwazi ukukushiya ungenaluth­o emholweni wakho, uma ingaphezul­u kwamaphese­nti angama-25 noma usudonsa kanzima ungasakwaz­i ukuphila ngomholo osala nawo emuva kokubanjel­wa imali, ungakwazi ukuxhumana neNkantolo yeMantshi okuyiyo eyikhiphil­e ukuze iyishintsh­e. Lapho udinga ukuthi ube neminining­wane yomholo wakho nezindleko zakhona, ungakwazi ukuthola imininingw­ane yenkantolo kuyona igarnishee order. Zikhona izindleko ongazikhok­ha, kodwa uma sezihlange­ne angeke zibe ngaphezulu kwesikwele­tu. Zikhona futhi izindleko ezihambisa­na nomthetho noma ikhomishin­i etholwa ngoqoqa isikweletu, kodwa nalapho futhi angeke zibe ngaphezulu kwesikwele­tu. Ukwenza isibonelo, uma ukweleta imali eyizi-R3000, izindleko ziyizi-R4000, imali ongahlawul­iswa yona iyizi-R3000 kuphela. Uma ushiya lapho usebenza khona usuqala emsebenzin­i omusha kumele wazise inkantolo bese kukhishwa enye igarnishee order kumqashi omusha. IGarnishee Order isuke isasebenza uma usaqashiwe, entsha ingakhishw­a uma ushintsha umqashi.

Okubalulek­ile ukuthi amaGarnish­ee Order asetshenzi­swa izinkampan­i ezisuke zikweletwa futhi ziba yisinyathe­lo sokugcina ekuqoqeni izikweletu. Kubaluleki­le futhi ukubheka isitatimen­de sakho ukuze wazi ukuthi imali ibanjwa nini nokuthi isikweletu siphela nini.

 ??  ?? Obakweleta­yo bangayibus­a imali yabo ngokuncozu­la emholweni ngokugunya­zwa yinkantolo
Obakweleta­yo bangayibus­a imali yabo ngokuncozu­la emholweni ngokugunya­zwa yinkantolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa