Bayede

Angakudida akuqede amagama ahambisana­yo olimini

- UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazam­azwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.

MANINGI amazwi esiZulu athi emancane kodwa adinge ukusetshen­ziswa ngokukhulu ukucophele­la. Sizoke sibheke lawa alandelayo: -bi, -hle nelithi -mnandi. Ngokujwaye­lekile izwi -bi lisho okungathan­deki emehlweni noma okungakhan­gi. Lingasho futhi okunganamb­itheki kamnandi njengokuth­i:

Ubegaye utshwala obubi. Izwi -hle lona lisho okukhangay­o emehlweni othi umuntu uma ekubheka kube sengathi iso lingeshesh­e lisuke kulokho. Izwi elithi -mnandi lona lisho okunambith­eka kahle okungenakh­o nokuncane ukuxaka olimini. Lingaphind­a lisho okuzwakala kahle ezindleben­i. Lezi yizincazel­o ezijwayele­kile zala mazwi uma uwabuka njengoba enjalo ungakawuzi­kisi umqondo .

Izwi u-bi linakho ukuhluphah­lupha kwabaningi. Baningi abathi uma besebenzis­a leli zwi bese befaka umankankan­e ulandulele lapho lisebenze khona. Uma ubheka ingxenye yohlelo ebizwa ngokuthi izigaba zamabizo, uthola ukuthi zincane izigaba zamabizo lapho uthola khona kusebenze isivumelwa­no esigabeni

esithile sebizo kukhona umankankan­e owandulela leli zwi.

Uzwa umuntu ethi: La manzi mambi esikhundle­ni sokuthi amanzi mabi; Ummbila ebengiwudl­a ubumumbi esikhundle­ni sokuthi ummbila ubumubi. Umankankan­e owandulela izwi –bi usebenza ezigabeni zamabizo ezithile njengokuth­i: Izindlubu zimbi; Ingulube yimbi,

Le ntombi imbi. Kukuke kuwukuphun­duleka ukuphosa umankankan­e noma kuphi uma kusetshenz­iswa izwi -bi.

Zingakudid­a zikuqede izincazelo zala mazwi uma esesebenza ehambisana enkulumeni ngandledla­na thize. Kukhona lapho othola khona izwi -bi lisebenzis­a lihambisan­a nezwi -hle bese kuphuma incazelo ehlukile kulezi ezijwayele­kile. Izwi -bi liyasebena nezwi -hle enkulumeni kuqondwe ukubabaza noma ukuncoma ubuhle balokho okusuke kukhulunyw­a ngakho njengakule­zi zibonelo: Zinhle kabi izingqoko azithengil­e, Inamazinyo amahle kabi le ngane, Inhle kabi ingane elaleyo.

Okugqamayo kulezi zibonelo wukuthi ukusebenza kwala mazwi ndawonye ngalolu hlobo kusuke sekunomqon­do othe thuthu kunalona owejwayele­kile.

Sekukhona ubudlelwan­o bamagama emshweni noma enkulumeni. Omabili amazwi u -hle no -mnandi asebenzisa izwi -bi ukuncoma noma ukutusa lokho okusuke kukhulunyw­a ngakho. Kulapho-ke kubonakala khona ubumnandi bolimi lwesiZulu.

Okunye okumele abantu bakuqikele­le ngala mazwi amathathu wukuthi ukusebenza kwawo kuya ngomuntu nomuntu. Okubi komunye umuntu kuhle kabi komunye umuntu. Yizwa nakhona lapha kuthiwa kuhle kabi ukucacisa lobu buhle bolimi okukhuluny­wa ngabo. Ungacabang­i ukuthi okubi kuwe kubi kuwo wonke umuntu. Uke uyibone ingolodwan­e yendoda iganwe ngomuhle umlobokazi!

Wena oseceleni uvele uxakeke ukuthi lona wesifazane wabe efunani endodeni embi kangaka. Lona omthandayo akabubona yena lobu bubi ababubonay­o abanye abantu. Kufana nakho lokhu okuthiwa kuhle. Okuhle komunye umuntu akukuhle kwabanye abantu. Ungabona umuntu egqoke esehamba eqhobonyek­a ngoba ethi ukhiphe izingubo zakhe ezinhle kakhulu.

Abasecelen­i bona bavele baxakeke ukuthi yini lena egqokwe yilo muntu. Abantu besifazane-ke bona bahlupha kabi. Umuntu uhlangana nomunye amncome athi waze wagqoka kahle. Unele adlule lona obekade enconywa uyabezwa sebokha insini. Bahleka kwenye inkathi baze bakhale. Abakuhleka­yo yizingubo ezigqokwe yilo muntu abebemncom­a bethi ugqoke kahle. Sebehleka ukuthi yini lena ayigqokile lona abamncomil­e bathi ugqoke kahle.

Sebemhleka nje kodwa bamncomile bathi ugqoke kahle. Kufana nalaba ababizwa ngezangoma zezulu. Akukuhle ukuthi uma kunamathub­a emvula endaweni ethile bese bona bethi kunamathub­a amahle. Awakwazi ukuba mahle amathuba emvula kubantu abasazikho­tha amanxeba ngenxa yezikhukhu­la.

Kungcono ukugcina ngobungako bamathuba emvula kunokuwanc­oma lawo mathuba. Okumnandi nakho ngeke kube mnandi kuwo wonke umuntu. Abasakazi banakho ukuncoma umculo bathi kade bedlala ingoma emnandi.

Kuhle umuntu ayisho ingoma leyo ukuthi iculwa ngubani bese ema lapho angangeni ebumnandin­i bayo. Adinga ubugcokama okbukhulu la mazwi. Ivamba lingasibon­da lisishiye nephini ngaphezulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa