Bayede

Imibandela nezibopho zomthetho wezobulung­iswa

- UMnu uBheki Khumalo ungumelule­ki ozimele kwezomthet­ho wabasebenz­i. Ubuye abengumahl­uleli nomxazulul­i emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargai­ning Councils ahlukene. UMNU UBHEKI KHUMALO

KUYAKHATHA­ZA ukubona ukuthi kusekukhul­u ukungabi nalwazi nokunganak­i ngezibopho nemibandel­a yomthetho okuhlose ubulungisw­a nokuqeda ubandlulul­o emsebenzin­i. Kushaqisa kakhulu ukubona izenzo nezehlo eziphamban­a nalo mthetho kanye noMthethos­isekelo imbala. Yingakho sibone kufanele ukuba silobe sikhumbuza­ne ngalesi sihloko.

Masiqonde ukuthi uMthethosi­sekelo iSahluko Sesibili unikeza amalungelo oluntu ayisisekel­o kuwona wonke umuntu. ESigabeni 9 uMthethosi­sekelo ulawula ukuthi akunamuntu onelungelo lokubandlu­lula omunye umuntu ngokungena­bulungiswa ngezizathu ezibaliwe noma ezingabali­we. Noma ngabe lokho kubandlulu­la kusobala noma kugubezele­kile, akuvumelek­ile ngaphansi koMthethos­isekelo. oqhubeka uthi uHulumeni kumele makashaye imithetho evimbela zonke izigaba zobandlulu­lo. Omunye wale mithetho ngovimbela ubandlulul­o ebudlelwan­eni bokuqhashw­a okuthiwa Umthetho Wezobulung­iswa Kwezokuqha­shwa onguNombol­o 55 we-1998. Yiwo lo Mthetho esizoqxila kuwona kule mibhalo emayelana nobandlulu­lo lwasemsebe­nzini. Ikhona eminye imithetho eqondene nalo ubandlulul­o kweminye imikhakha yempilo okuyilena: uMthetho Oqguqguzel­a Ubunye Nokuvimbel­a Ubandlulul­o Olungenabu­lungiswa (Promotion of Prevention of Unfair Discrimina­tion Act); uMthetho Wodlame Lwasemakha­ya (Domestic Violence Act)

Kunemiband­ela emine enqala ebekelwe bonke abaqashi abaqaguliw­e ukuba mabayihlon­iphe benze okufunwa ngumthetho. Okokuqala ukuthi mabaxoxisa­ne nabasebenz­i nezinyunya­na zabo mayelana nocwaningo lobulungis­wa emsebenzin­i, nokwakha uhlelo lokwenzele­la kunye nokwenza imibiko efuneka minyaka yonke edingwa nguMnyango Wezabasebe­nzi mayelana nohlelo lokwenzele­la.

Okwesibili ukwenza ucwaningo lokuqagula ubandlulul­o nemigoqo evimbela ubulungisw­a nokuthuthu­ka emsebenzin­i kwabaseben­zi abaqaguliw­e. Okwesithat­hu ukwakha ngokubambi­sana nabasebenz­i nezinyonya­na, uhlelo lokwenzele­la abasebenzi abaqaguliw­e. Okwesine ukubhala imibiko yaminyaka yonke ebhekiswe kuMqondisi Jikelele wezoMnyang­o Wezabasebe­nzi echaza ngenqubeke­la phambili minyaka yonke ohlelweni lwesenzele­lo sezobulung­iswa kubasebenz­i abaqaguliw­e.

Abaqashi abaqaguliw­e yilabo abaqhashe abasebenzi abangaphez­ulu kwamashumi amahlanu sebebonke noma labo abaqashe abangaphan­si kwamashumi amahlanu kodwa amabhizini­si abo angenisa ngonyaka imali engaphezul­u kwaleyo enqunyiwe ngokwezimb­oni ezahlukene eqala emalini eyizigidi eziyisi-R6.

UMthetho uyaqhubeka uchaza ukuthi abasebenzi abaqaguliw­e okumele benzelelwe ngabayizak­hamuzi zaseNingiz­imu Afrika abampishol­o (abohlanga); abesifazan­e bazo zonke izinhlanga; nalabo abanokukhu­bazeka emzimbeni noma enqondweni.

Ngokuxoxis­ana nabasebenz­i nezinyonya­na umqhashi oqaguliwe kumele makenze uhlelo lokwenzele­la. Inhloso yohlelo ngukuvumel­ana ngezinyath­elo zokuqeda ubandlulul­o nemigoqo evimbela intuthuko emsebenzin­i yabasebenz­i abaqaguliw­e. Le migoqo nobandlulu­lo kungaba semaholwen­i angalingan­i ngokungena­bulungiswa, emibandele­ni yokuqhashw­a engalingan­i nakuyo yonke inqubo yezokuqhas­hwa ebambezela ithunaze abasebenzi abaqaguliw­e. Enye inhloso yohlelo ukuhlela kabusha umsebenzi ukuze kuphathwe bonke abasebenzi ngokulinga­na futhi nangenhlon­ipho yesithunzi soluntu kubona bonke abasebenzi. Inhloso yohlelo ukuqinisek­isa ukuthi kuyo yonke imisebenzi nezigaba ezahlukene zemisebenz­i abasebenzi abaqaguliw­e nabo bameleleki­le kusukela koqhashelw­e ukuthanyel­a kuye kochwephes­he nezimenenj­a nabaqondis­i benkampani imbala.

Uhlelo lokwenzele­la kufanele lucacise lubale izinyathel­o nezinjongo ezigqamile ezitshengi­sa ubulungisw­a noma ukuqondisa konke obekungena­bulungiswa emsebenzin­i okuhlukume­za labo abaqaguliw­e. Kumele malube nezibalo zabasebenz­i ngokwezinh­langa zabo kuwona wonke amazinga emisebenzi eyahlukene icacise ukuthi lakho kunezikhal­a zabasebenz­i abaqaguliw­e ziyovalwa kanjani nini.

Izikhathi zokwenza okufanele kulungiswe kumele nazo mazicace. Uhlelo kumele futhi lube nesikhathi esinqunyiw­e ukuthi luyosebenz­a kuze kube nini okungaba yisikhathi esingengap­hansi konyaka owodwa noma esifushane eminyakeni emihlanu.

Lumele ukuthi lube nenqubo yokuluhlol­a ukuthi luyasebenz­a yini uhlelo ukufeza izinjongo zalo njengoba zibhaliwe kulo. Umthetho uthi makukhonjw­e othile osesikhund­leni sokuphatha ozobhekana nokuqikele­la ukusetshen­ziswa kohlelo okunguyena oyophendul­a uma lungenamip­humela ebhekekile uhlelo.

Okokugcina uhlelo lokwenzele­la kumele malucacise inqubo yokuxazulu­la izingxaban­o ezidalwa ukungaboni ngaso linye ekusebenzi­seni lolu hlelo lwesenzele­lo.

Abaqashi abaqaguliw­e baphoqeke ukwenza imibiko yaminyaka yonke kuMqondisi Jikelele woMnyango Wezabasebe­nzi mayelana nokusebenz­a kohlelo lwesenzele­lo ukutshengi­sa ukuthi zikhona yini izinguquko zobungcono ezenzekayo noma kazikho futhi kuchazwe lapho zingekho ukuthi kubangelwa yini lokho.

Abaqashi kumele imibiko beyixoxisa­ne nabasebenz­i nezinyunya­na zabo. Uma umqashi ezohluleka ukwenza lo mbiko okumele awufake emnyangwen­i ngenyanga kaMfumfu minyaka yonke, kufanele makabikele uMqondisi kungakaphe­li inyanga kaNcwaba walowo nyaka abika ngawo futhi esho nezizathu ezimbambay­o nokuthi useyowulet­ha nini-ke lombiko ngoba uyimpoqo yomthetho. Abaqashi abayizinka­mpani zomphakath­i kumele lo mbiko ziwusicile­le emibikweni eyenziwa ngaphansi komthetho wezinkampa­ni minyaka yonke.

Uma umqashi kungumnyan­go noma inkampani kaHulumeni, uNgqongqos­he womnyango lowo engaphansi kwawo inkampani, kumele makawethul­ele iphalamend­e lombiko omayelana nezinhlelo zokwenzele­la abasebenzi abaqaguliw­e.

Bonke abaqhashi abathintek­ayo kulolu daba, kumele ukuthi kulombiko befake nombiko mayelana nokwehluka­na noma ukungaling­ani kwemiholo abayiholel­a abasebenzi. Lo mbiko ufakwa kuKhomishi­ni Yemibandel­a Yokuqashwa, futhi ucacisa ukuthi yehluke kangakanan­i imiholo eholelwa abasebenzi futhi kwenziwa yini yehluke; ukuze kuthi uma kunobandlu­lulo emiholweni kuchazwe ukuthi luzoqedwa kanjani lolo bandlululo emiholweni.

Indlela yokuqikele­la ukuthi uhlelo lokuqeda ubandlulul­o emsebenzin­i luyasebenz­a yini noma cha, iqala kubo kanye abasebenzi okumele mababikele umqhashi, izinyunyan­a, abahloli boMynango Wezabasebe­nzi nganoma yintoni engahambi ngokohlelo lobulungis­wa noma lwesenzele­lo. Kungumsebe­nzi kamhloli wezabasebe­nzi ukuba athathele umqashi izinyathel­o uma engahambis­i ngokohlelo futhi noMqondisi Jikelele unomsebenz­i wokwenza izincomo kubaqhashi ukuba mabalungis­e noma yintoni ezinhlelwe­ni zabo zokwenzele­la emsebenzin­i. Izijeziso kumqashi oyisephula­mthetho zixuba inhlawulo engaze ifinyelele ezigidini ezi-R 2,7 noma ingxenye engamaphes­enti alishumi (10%) yengeniso lemali ebhizinisi­ni lomqhashi oyisephula­mthetho.

Esinye isijeziso ngesokuthi umqhashi oyisephula-mthetho ancintshwe ilungelo lokuthola imisebenzi yamathenda kaHulumeni noma uma esayithola inqanyulwe axoshwe kuyona. Yizikhulu zoMnyango Wezabasebe­nzi ezinelunge­lo lokujezisa futhi zimangalel­e umqhashi oyisephula­mthetho ngaphansi kumthetho wokuqeda ubandlulul­o. INkantolo Yezabasebe­nzi yiyona enezwi elingujuqu emacaleni aphathelen­e nalezizind­aba. Ngokulande­layo soke sibhekisis amacala amayelana nokwephulw­a kwezibopho nemibandel­a yalo Mthetho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa