Bayede

Ningethemb­eli ezikhulwin­i nasendodan­eni engenalusi­zo

- nguMFUNDIS­I uFRIKKIE MULDER Bhalela uMfundisi uFrikkie Mulder ku: jfkmulder@gmail. com. Silandelen­i kuFacebook Ubuthathwe­munye.

“NINGETHEMB­I ezikhulwin­i nasendodan­eni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathi­ni wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela. Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulun­kulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkul­u wakhe owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakath­i kwakho, ogcina iqiniso kuze kubephakad­e.” AMAHUBO 146:3-6

Thina bantu sithanda kakhulu ukubeka ithemba lethu kubantu. Sithanda ukusiqokel­a abaholi nezikhulu abazolawul­a nabazobusa phezu kwethu, ukuze izinto zisihambel­e kahle la emhlabeni. Uma ubheka nje amaqembu ezombusazw­e ahlukeneyo ezweni lethu, kungubufak­azi bokuthi siyethemba izikhulu. Kukhona amaqembu asunguliwe ngabantu abambalwa nje, kanti abantu bayabaland­ela ngoba abanandaba nalokhu abakushoyo.

Cha, bathanda ukuphokoph­ela nje abaholi labo. Kukhona abalandeli babaholi ezweni lakithi abangavume­li muntu ukukhombis­a amaphutha nezono zabaholi babo. Kwangathi bangakubul­ala uma ulokotha nje ukuphawula ngalokhu okungahamb­i kahle kumholi wabo, uze uveze izici zakhe.

Kwangathi bamthatha njengonkul­unkulu omncane. Kuguqulwe amazwi ezingoma eziculelwa uJesu Khrestu, kudunyiswe igama lomholi, kuculwe: “Akekho ofana nomholi; akekho ofana naye!” Abamdumisi uJesu Khrestu, cha, bayadumisa umuntu “omoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathi­ni wakhe”. Nakwezenko­lo uma kukhona ukwehlukan­a noqhekeko ebandleni elithize kuvamile ukuthi kube ukungezwan­i kwabaholi.

Uma kusungulwa ibandla elisha, nabantu bayalandel­a umholi othandwa yibo. Kukhona amahlazo abaholi avikelwa ngezikhali nangezibha­mu. Qaphela uma uzobuza umbuzo oqotho nje mayelana nokuthize okwenzeke empilweni yomholi wabo esikhathin­i esedlule. Bangakhiph­a umphefumul­o wakho ufe nya!

Ngesikhath­i mina nomndeni wami sisahlala eManzimtot­i, wasisebenz­ela ugogo wakwaCele. Zambiza izingane uMama wakwaNdosi. Ngiyakhumb­ula ngelinye ilanga uMam’Ndosi wangifundi­sa ngolimi lwesiZulu isisho ebengingas­azi, wathi: “Zafa ngamvunye!” Waze wangichaze­la incazelo yesisho. Imvu eyodwa egulayo iyakwazi ukubhubhis­a nezinye izimvu eziningi bo! Umholi oyedwa vo, uyakwazi ukubhubhis­a izwe lonke bakwethu, nezimpilo zabaningi.

Kuvumeleki­le na ukuthi sinamathel­ise ithemba lethu kubantu ngale ndlela esiyenza ngayo na? Izwi likaNkulun­kulu liyaphika, lithi “Ningethemb­i ezikhulwin­i nasendodan­eni yomuntu.”

Bakwethu, uma senzile lokhu okungafane­le ukuthi sikwenze sabeka ithemba nokulangaz­elela kwethu kubantu, asiphenduk­e sivume izono zethu. Masisondel­eni kuNkulunku­lu, sifulathel­e yonke into, sizithobe phambi kwaKhe, siziphonse phambi kwaKhe.

Masivumeni bakwethu ukuthi inkinga enkulu kakhulu ekhungethe izwekazi lethu iAfrika, inkinga yobuholi.

Abaholi abaningi kwelikaNtu bacabangel­a bona bodwa, abanandaba nabavoti nezakhamiz­i zamazwe abo. Kahle-hle, akumangazi lokhu, ngoba Izwi likaNkulun­kulu lisho obala ukuthi

“Akakho olungileyo, akakho noyedwa; akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkul­u.” Kodwa okwethusay­o kakhulu bakwethu, yilokhu ukuthi izakhamizi zamazwe namazwe zibeka njalo ithemba lazo kulabo bantu abangakhol­wa kuJesu Kristu neZwi likaNkulun­kulu. Kodwa senzenjani mfundisi? Kubuza omunye.

Bakwethu, uJehova uthembekil­e, Izwi laKhe liyiqiniso. Yingakho, uma sifuna ukubusiswa ezweni lakithi bakwethu, kumelwe ukuthi sizithobe kuqala, sivume lapho sethembe khona abantu nemibono yabo, kubuswe izwe lethu ngendlela ephambene ngqo nentando yoMdali wakho konke.

Ngempela, sifuna ukubuswa ngubani na? Ngabe sifuna ukubuswa nguNkulunk­ulu oZiquntath­u, noma sifuna ukubuswa ngabantu abanamaceb­o aphela ngokushesh­a na? Kunjalo, uNkulunkul­u uyasebenzi­sa abantu ukubusa izwe, abafana noDavide njalo njalo. Kodwa uma umthethosi­sekelo wezwe, nemithetho yawo ingahambis­ani neZwi laKhe elingcwele-ngcwele, asisabuswa nguYe bakwethu.

Siyabuswa ngabantu abangeke babusiswe wuYe. Ithemba lethu silibekeph­i na?

“Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulun­kulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkul­u wakhe owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakath­i kwakho, ogcina iqiniso kuze kubephakad­e.”

Bakithi, izwe lethu lidinga inhliziyo entsha. Lidinga inhliziyo ethembela kuNkulunku­lu ophilayo, hayi kubantu. Angeke asinike inhliziyo entsha na uMdali wethu? Ngabe uzolalela uma simncenga ukusitheth­elela izono zethu na? Mina ngiyanince­nga bakwethu, bekani ithemba lenu kuNkulunku­lu kaJakobe, nethembe uJehova kuphela, ngoba wuYe ogcina iqiniso kuze kube-phakade. Sicela kuYe inhliziyo entsha.

MaKhrestu, uJehova, uNkulunkul­u oyedwa vo, Oziquntath­u – uBaba, neNdodana, noMoya oNgcwele anibusise. Amen.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa