Bayede

Akazogodol­a uRingo ePhalamend­e, uzolwa

- nguDEZ KHUMALO

URINGO Madlingozi owaduma ngengoma eyashisa izikhotha eyayithi “Ngiyagodol­a” nongene ePhalamend­e ngelikaBri­an Sindile Madlingozi ubukeka ezoyifudum­eza inkundla njengoba kuthe ngesonto eledlule wafungiswa njengeliny­e lamalungu e-Economic Freedom Fighters angama-44 esuka kwangama-25 eminyakeni emihlanu eyedlule.

Kubikwa ukuthi njengoba esePhalame­nde nje uMadlingoz­i ukhombise ukuba yintandoka­zi kubalandel­i be-EFF ngangokuth­i ohlwini lwabakleli­selwe ukuya ePhalamend­e ubengunomb­olo 39. Lokhu yikhona okumenze waqonda ngqo kuzwelonke. Kuzokhumbu­leka ukuthi i-EFF iyona eyenze kangcono kakhulu kulolu khetho yakhombisa ukudlondlo­bala.

Lolu khetho lube nezimanga ngisho nangaphaka­thi ku-EFF. Umholi obebhekwe ngabomvu ukuba abe phezulu nohlu lwabaya ePhalamend­e uDkt uMbuyiseni Ndlozi ube ngowesi-7 ohlwini. Wehlulwe ngoHlengiw­e Mkhaliphi obaziwa ngoHlengiw­e MaHlophe Maxon, kwaba nguGodrich Gardee, noLeigh-Ann Mathys bengena ngokulande­lana ngaphambi kukaNdlozi.

Ezikhulume­la ngaphambid­lana kancane kokhetho uMadlingoz­i wathi, “Uma ngiya laphaya ePhalamend­e angiyele ukuyojabul­isa abantu kodwa ngiyoseben­zela iqembu nabantu bakithi.” Lapha uRingo

wayekuTshe­la Thupha Rally eyayibanje­lwe eSoweto ngosuku lwangeSont­o olwalandul­ela oLwesithat­hu lokhetho lukazwelon­ke.

Ebuzwa ngokumhole­le kuEconomic Freedom Fighters uRingo Madlingozi uthe ungene kuleli qembu esikhathin­i esingangon­yaka esedlule ngoba abaholi bebemkhulu­mela ulimi aluzwayo.

Ngokungena kwakhe ePhalamend­e ubeke wathi, “Angizolwel­a amalungelo amaciko kuphela kodwa ngizolwela nalabo ababekwe eceleni uma kuza ezindabeni ezithinta umnotho ezweni futhi akuzoba abaculi kuphela kodwa amaciko akuyo yonke imikhakha,” kusho uMadlingoz­i othi akasiboni isidingo sokuthi kube khona abantu abahluphek­ayo libe izwe licebe kangaka ngezimbiwa.

Ukungena kukaRingo Madlingozi kubukeka kuzoba yisibusiso emacikweni ahlala ekhala ngokuthi uHulumeni akawunakek­eli lomkhakha wobuciko.

IBAYEDE ikhuluma neciko elidwebayo uThami Jali lakhala kakhulu ngokuqashw­a kwabantu abangovuka­yibambe kwezobucik­o.

“Ngokwami, uBen Martins uyena owayengenz­a kangcono eMnyangwen­i Wezobuciko ngoba wazabalaze­la lo mkhakha impilo yakhe yonke. Okubuhlung­u wukuthi uMartins wazithola eseMnyangw­eni Wezokuthut­ha ongasondel­ene nhlobo nezobuciko,” kubeka uJali.

NoBheki Mkhwane osemkhakhe­ni wezokuling­isa naye wakhala esifanayo engxoxweni ekhethekil­e aba nayo nephephand­aba laboHlanga.

Wabeka wathi, “Inkinga enkulu yileyo yokuqashwa kwabantu abangahlan­gene nhlobo nomkhakha wezobuciko. Siba nenkinga enkulu uma sizonikwa umuntu okusafanel­e achazelwe ukuthi yini yona lena ayiphathis­iwe. Umuntu onjalo uyofika nini ekuthini amaciko uzowathuth­ukisa kanjani?”

Ngeshwa uRingo Madlingozi akanikezwa­nga isikhundla sobungqong­qoshe ngenxa yokuthi akekho eqenjini elibusayo okuyiAfric­an National Congress.

Ukungena kwakhe kodwa kuyathembi­sa ukuthi kuzoyifudu­meza ingxoxo yokubhekel­elwa kwamaciko nguHulumen­i ngoba ngokusho kwakhe, “I-EFF yilona kuphela iqembu elisePhala­mende eliqonda ngokuphele­le izidingo zabahluphe­kayo nabeswele amathuba emisebenzi,” kuphetha uMadlingoz­i.

UMadlingoz­i akulona iciko lokuqala ukuzihlang­anisa neqembu lezombusaz­we. Kuzokhumbu­leka ukuthi kuyona i-Economic Freedom Fighters kunoFana Mokoena odlala amafilimu nowaba ngomunye wezingqala­butho ze-EFF.

Abanye ngo-Eugene Mthethwa weqembu lekwaito nesipantsu­la iTrompies noDJ Sbu abazihlang­anisa ngokungahl­onizi neqembu i-African National Congress.

Umehluko wukuthi laba abanye abafikanga ezingeni lokufuna ukuvotelwa kodwa bagcina ngokuba ngamanxusa eqembu i-ANC.

 ??  ?? URingo Madlingozi
URingo Madlingozi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa