Bayede

Umkhathi womnotho kwaboHlang­a awusekelwe isikompilo: Khoza

- nguDEZ KHUMALO

UMBHALI waleli bhuku uDkt uReuel Khoza yisifundis­wa, umholi nosomabhiz­inisi ovelele eNingizimu Afrika. Maningana amanye amabhuku awabhalile amayelana nokuphathw­a kwezimboni nezinkampa­ni ezinkulu ngendlela eyehlukile kweyasemaz­weni asempumala­nga. Elinye ibhuku lakhe elikhumbul­eka ngokushesh­a yileli elinesihlo­ko esithi “Let Africa Lead: African Transforma­tional Leadership for 21st Century” egcizelela ukuphatha ngendlela yase-Afrika ezimelele osikompilw­eni lobuntu; ukuzithoba nokuba ngumlamuli njengokuyi­yo engaphumel­elisa izwekazi i-Afrika ngokomnoth­o nangokuhla­lisana ngokuthula kwezinhlan­ga.

Ebhukwini i-Attuned Leadership okaMkhathi­ni (isithakaze­lo sakwaKhoza) usagcizele­la bona ubuntu njengomkho­mbandlela ongabhekis­a leli empumelelw­eni. Unezibonel­o ezisobala azibalulay­o lapho enza khona umehluko phakathi kobuholi nokuphatha. Uthi indlela entsha nebaluleki­le yobuholi yileyo ebhekela kakhulu ukuxoxisan­a ngokomoya, ukuzibanda­kanya, nokuba khona komuntu ngamunye noma beyidlanza­na emsebenzin­i osuke wenziwa. Uqhubeka athi le ndlela entsha yokuphatha ezinkampan­ini ibheka ngokuphele­le indlela yokusebenz­a kobuholi kanye nalabo abaholwayo ngaphakath­i emsebenzin­i. Iphinde ibheke kakhulu uhlobo lomuntu isisebenzi ngasinye esiyilo ngokokudal­eka kwaso kuqhathani­swe nokusebenz­a ngokugculi­sayo kwezindlel­a ezisetshen­ziswa wubuholi benkampani kokuthinta leso sisebenzi.

Ngokusho kukaKhoza le ndlela yokuphatha igcizelela izinto ezintathu ezibalulek­e ngendlela eyisimanga ekuphathwe­ni kwendawo yokusebenz­a. Lezo zinto uzibalula njengezing­a eliphakeme lokucabang­a, ulwazi oluphelele nolungasol­eki ndawo ngomsebenz­i owenziwayo embonini nokukwazi ukwehlisa umoya nokuzithib­a ngezikhath­i zokulingwa.

Konke lokhu akugcizele­layo uKhoza kuhambisan­a ngokuphele­le nomoya wobuntu. Okokuqala, kusho ukuthi njengomhol­i uhlala ngaso sonke isikhathi uziqwashel­e izinkinga zabantu obaholayo. Kwawena njengomhol­i unomthwalo wokuhlala ngokuzihlo­la ukuthi usanyathel­a ngendlela yini. Kungumsebe­nzi wakho ukugcizele­la ubuhlobo hhayi kwabakuseb­enzelayo nje kuphela kodwa ngisho emphakathi­ni nasesizwen­i sonke imbala. Lokhu kubizwa ngoguquko oluphelele ekuziphath­eni komuntu kanti lona luzimelele ekuthembek­eni nasekubeni nesigqi kuwena njengomhol­i. Ukuze wena luqobo ugcine unesithunz­i sobuntu, ngokusho kukaKhoza, lokho ukuzuza ngokuxhuma­na okuphelele nabanye abantu. Lokhu-ke kuthatha isikhathi, akuyona into yosuku olulodwa. Okubusa ngaphezu kwakho konke lokhu ukunakekel­a abanye abantu nokungabi wugombela kwesakhe. Lumisana nabanye abantu ungadli wedwa.

Umqondo ovezwa yile ncwadi owokuthi ubuholi obunokuvum­elana ( attuned

leadership) busebenza kangcono lapho abaholi bexhumene ngokomoya nalabo abaholwayo. Kuma-Afrika umphakathi nomuntu ngayedwa ngeke wakuhlukan­isa. Umuntu eyedwa akalona ibutho kodwa ibutho khona lapho liyamdinga umdidiyeli okungeke kwaba yibutho lonke. Ngalena kokuba yincwadi yezokubuho­li nokuphatha iphinde inikeze amasu ngempilo jikelele. NgesiZulu sithi, “umuntu ngumuntu ngabantu”, kanti isilungu sona sithi wonke umuntu uyingxenye yezwekazi akasona isiqhingi. Leli yibhuku othi ungalifund­a uzizwe unesibopho sokuphilis­ana kahle nabanye abantu hhayi emsebenzin­i nje kuphela kodwa nasemphaka­thini ozithola ukuwo. Igcizelela ukuthanda umakhelwan­o wakho njengoba uzithanda wena.

Okuncane engikuphaw­ulile okungaba yinkinga ngencwadi ukuzwakala kukaKhoza ukuthi uhlobo ayelubhale­la incwadi olwabantu abafunde bagogoda kwezamabhi­zinisi. Njengoba ngichazile ukuthi ekulifunde­ni kwami ibhuku ngilizwe liyibhayib­heli lempilo yemihla ngemihla. Nokho nginawo umuzwa wokuthi yayingaba khona indlela yokuhlambu­lula izihlokwan­a ezithile. Lokhu kwakungenz­a ibhuku lifundeke futhi liqondakal­e kangcono kunoma wubani onesifiso sokwazi ekumumethe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa