Bayede

Izazelene kuMacron noMerkel ngozohola i-EU

- nguNGQESHE BUTHELEZI

KUKHULU ukungaboni ngasolinye phakathi kweFrance neGerrmany ngokumele avale isikhala sikaMnu uJean-Caude Juncker njengoMeng­ameli we-Europen Union Commission njengoba ihlandla lakhe lifinyelel­a esiphethwe­ni ngoMfumfu nonyaka.

Ukhetho lwe-Europen Union Parliament selufike lwedlula, ingcabha isisele kumazwe ayizikhond­lakhondla anezwi elizwakala­yo ekuqokweni kongathath­a lesi sikhundla.

Ukuhlukana ngokumele aqokwe kugqame kakhulu phakathi kukaMengam­eli waseFrance uMnu u-Emmanuel Macron noShansela waseGerman­y uNkk u-Angela Merkel. Laba baholi bahlulekil­e ukufihla imizwa yabo ngokumele athathe lesi sikhundla ngesikhath­i behlangene engqungqut­heleni ebiseBruss­els ekomkhulu leEuropen Union ngoLwesibi­li.

UNkk uMerkel ukusho ngokungahl­onizi ukuthi yena siqu sakhe weseka uMnu uManfred Weber, weqembu elihambisa­na naye ePhalamend­e laseGerman­y okuyilo elibe phambili ngamavoti ePhalamend­e le-European Union.

Ngaphansi kohlelo olubizwa nge spitzenkan­diat system olwasetshe­nziswa ngesikhath­i kuqokwa uMengameli osephuma esikhundle­ni uJuncker, umholi iqembu lakhe elivotelwe kakhulu futhi kunguye oseqhulwin­i kulo nguyena obebekwa njengoMeng­ameli weKhomishi­ni.

Ukube lolu hlelo luyasetshe­nziswa nakulokhu uWeber bekunguyen­a obezoba uMengameli olandelayo ngaphandle kwamathand­abuzo. Noma ngabe uvunwa yizimo, kodwa kukhona abashaya amakhala ngaye ngokuthi akanawo amava kwezepolit­iki nakuhulume­ni.

UMengameli uMacron nedlanzana lamalungu ePhalamend­e kwi-European Union bayaphikis­ana nalolu

hlelo ispitzenka­ndiat system. Abakuvezay­o ukuthi akukho lapho i-Europen Union yake yazibophez­ela khona ngalo futhi lusasetshe­nziswe kanye kuphela ngokhetho lwangowezi-2014.

“Namhlanje angithandi ukuthi side sikhuluma ngamagama athile, kube khona amagama abantu azohlaselw­a, ngicabanga ukuthi kumele sicabange kahle ngemiphume­la yokhetho, ngalokho okuvezwe ngabantu be-European Union futhi uma sikhetha kumele sikhethe abantu abaqotho abazokwazi ukuthatha izinqumo ngokushesh­a,” kusho uMacron.

Abanye okubhekwe ukuthi bathathe lesi sikhundla uMnu uFrans Timmermans, uNkk uMargrethe Vestager noMnu uMichel Barnier. UMacron ukholwa ukuthi bobathathu laba baholi banekhono namava okuba ngomengame­li.

Izihlalo ePhalamend­e leEuropean zingama-571, kanti umbango omkhulu wazo ubuseFranc­e phakathi kwalabo abeseka i-European Union nalabo abangahamb­isani nokuba khona kwayo. Zingama-74 izihlalo ezibangway­o kuleli Phalamende ngabaseFra­nce.

Kuyiwe kulolu khetho uMacron engenamand­la njengoba iqembu eliphikisa­yo iRassemble­ment National Party eliholwa uMnu uMarine Le Pen belilingan­a neliholwa uMacron i-En Marche ngokocwani­ngo olwenziwe kodwa uLe Pen akabonwa nangokhalo embangweni wesikhundl­a sikaMengam­eli.

Okhethweni lwangowezi-2014, ayeyisithu­pha amaqembu avotelwa athola nezihlalo ePhalamend­e le-European Union, kodwa kulokhu izinto bezishints­hile ngoba amaqembu abengenile ayi-9, kanti kugqame namaqembu amancane.

Phakathi kwamaqembu abesembang­weni wezihlalo kukhona iLiberal Democrats, iGreens neChange UK. Lawa ngamanye amaqembu amasha azaleke ngokusungu­lwa kwe-Independen­t Group okungamalu­ngu ePhalamend­e laseBritai­n axebuke kwiLabour Party neConserva­tive Party.

 ??  ?? UMengameli u-Emmanuel Macron uthi baningi abantu abanamava abangahola iPhalamend­e le-European Union
UMengameli u-Emmanuel Macron uthi baningi abantu abanamava abangahola iPhalamend­e le-European Union
 ??  ?? UShansela u-Angela Merkel
UShansela u-Angela Merkel

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa