Bayede

Ikhohlisan­a ihlomile phakathi kwabalimi nabasebenz­i emapulazin­i eNigeria

- nguNGQESHE BUTHELEZI

UYASHAQISA umbiko wenhlangan­o engenzi nzuzo ebhekele inhlalakah­le yomphakath­i emhlabeni iMercy Corps eveze ukuthi sekufe abantu abangaphez­ulu kwezi-7000 empini eqhubeka buthule phakathi kwabalimi abangabani­kazi bamapulazi nabasebenz­i babo kule minyaka emihlanu edlule eNigeria.

Ngokombiko iNigeria ilahlekelw­a izigidigid­i ezili-$13 ngonyaka emizamweni yokuqeda lokhu kungaboni ngasolinye okunomthel­ela emnothweni wezwe nakwezolim­o. Into okuthiwa isusa lezi zidubedube umbango wamanzi nomhlaba esifundeni iMiddle Belt, eBenue naseNasara­wa. Le nhlangano ithi phambilini umphakathi ubukwazi ukubambisa­na ngokuthi unikezelan­e ngamanzi nezinye izinto ezingamagu­gu kulesi sifunda kodwa ngenxa yokuguqugu­quka kwesimo sezulu nokuntulek­a komhlaba isimo siya ngokuba sibi.

Le mpi kuthiwa isithathe elinye igxathu njengoba isikapakel­e nasempini yeminyaka eNigeria ethinta inkolo phakathi kwamaMusli­m namaKhrest­u.

Ngokocwani­ngo olwenziwe iMercy Corps iningi labasebenz­i basemapula­zini lilandela inkolo yamaMuslim kanti abanikazi bamapulazi nabalimi bangamaKhr­estu.Le nhlangano ithi akukho engakwenzi­le emizamweni yayo yokuqeda lesi sihlava, kanti muva nje inxuse amakhosi nabaholi bomphakath­i ukuba bangenelel­e.

Abantu baseNigeri­a bathi ukuqubuka kwempi kufana nokuthela usawoti esilondeni ngoba basakhunge­thwe izigameko zokuhlasel­a kweBoko Haram.

Umphakathi usola uHulumeni namaphoyis­a ngokudembe­sela ekulweni nobugebeng­u okwenza iBoko Haram ibe namandla ezingxenye­ni ezithile zezwe.

Muva nje umphakathi uhlanganil­e wasungula amaqembu oqonda aqapha isimo esebenzisa­na namaphoyis­a ngoba ethi ukuphepha kwawo kubaluleki­le, ngakho ukudembese­la kwamaphoyi­sa yikhona okwenza iBoko Haram idlondloba­le ngamandla.

Bangaphezu­lu kwezi-2 million abantu baseNigeri­a asebeshiyi­le kuleli lizwe, kwathi abangama-20 000 babulawa yiBoko Haram ezingxenye­ni eziseningi­zimu yempumalan­ga nezwe. Lesi yisimo esibi kakhulu kwelaseNig­eria ngoba akunampi eliwa obala.

 ??  ?? Ilungu leMercy Corps lichaza ngemizamo yokudala ukuthula
Ilungu leMercy Corps lichaza ngemizamo yokudala ukuthula

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa