Bayede

Yashonaphi imali yentuthuko yangakithi?

- Okhathazek­ile eMpangiswe­ni

NGITHI angizwakal­ise ukubonga ngodaba olwaphuma kwelakho olwalu sihloko sithi; Ngenelela Ngqongqosh­e wezolimo, kwaMakhukh­ula eMpangiswe­ni.

Ake ngisike kwelijikay­o kwelakho mayelana nokwakheka koMkhandlu weNkosi yethu, phansi kwesihloko esithi; Khuzeka Mqashwa. Muhle umuntu okhuzekayo uma kuthiwa khuzeka, hhayi ongezwa ebe ecekela phansi igama likaHulume­ni obusayo kanye neminyango leyo emsebenzel­ayo, kube sengathi kwayona imenzela phansi uHulumeni. Sonke siqashiwe la sikhona iNkosi iqashiwe, iNduna, izikhulu emsebenzin­i, asikho isidingo sokunga hloniphi amalungelo abanye obaphethey­o nawesizwen­je.

Sabonga Hulumeni ufike kithina mphakathi uzothi, asikhulume sibhale zonke izinkinga esinazo ezweni lethu selokhu sakhululek­a. Sakubhalel­a-ke, njengalo lolu daba oluphatha amatayitel­a isizwe esingawath­olanga, umhlaba walinywa umuntu oyedwa wadla konke, cha siyabonga ukuzwa ukuthi usezinhlel­weni Hulumeni zokusibuyi­sela amatayitel­a ethu athathwa yiNkosi.

Maqondana nodaba lwezi poki zeziNduna kwaSokoyi, Makhukhula ezidla imali kaHulumeni zingapheth­e zigodi, siyabonga nokuzwa ukuthi lolo daba ulusukumel­e izwe lonke, sizwile ngomabhala­ne esibikela sisoLundi. Kuhle ziboshwe izigebengu ezihlangen­e namaKhosi angethembe­kile ziboshwe ngokushesh­a zidla intela yesizwe ngephutha. Sahlabeka umxhwele siziNduna ezethembek­ile kade nifikile eMpangiswe­ni nizofuna amafayela kwiziNduna. Inhle lenhleleko.

Vele, kuhle iNduna ikhethwe umphakathi owazi igalelo layo endaweni, leyo Nduna iyinhliziy­o yabantu. Ngisho ibayala bayayizwa, ibadla izinhlawul­o ngamacala bayavuma, ngoba abajijimez­wanga ngayo, ihlala nabo. Sikhathele ziNduna esijijimez­wa ngazo, okubi kakhulu azihlali ezinye nathi, zihlala emalokishi­ni, kodwa ziyahola ngoba zisiphethe. Kanti indaba yefayela leNduna elishoyo ukuthi ingubani, ikhethwe umphakathi, isigodi sayo sithini, amaminithi emihlangan­o namacala athini, impela leyo Nduna ukusebenza kwayo noCogta, kuba okungcwele nokungena msindo.

Qhubeka Hulumeni, sihambele eziNkantol­o lapha, uhlole namabhuku ezimali, ayeke uMabhalane ukukhala ngesandla esikhulu esivele sisavune-nje imali yesizwe siyidle. Ekupheleni kwenyanga uMabhalane esethi uyohola, athi uHulumeni uzoholani, ngoba iNkosi yakho ayiyilethi intela yesizwe sayo? Nesizwe ngapha sithi, sokhokha intela ngani, ngoba umhlaba namatayite­la ethu kwathathwa yiNkosi, sokhokhela ini manje? Ayizi thelele yona, ngoba idla yodwa vele!

Nehhovisi lezolimo kungathi lihambisan­a neNkosi konke kuhle-nje, kanti isizwe siyalimala sigetsheng­iwe. Wenza kahle kakhulu Hulumeni, usihlole

eMkhandlwi­ni weNkosi, uhambele izigodi uzwe uvo lomphakath­i, ungagcini eNkosini kuphela.

INkosi yasibiza, yathi angini thayimise ziNduna, salalela. Yathi, iNduna ezaziyo ukuthi ayikho emthethwen­i, ayisheshe iyokwesula kuMabhalan­e, ingathembe­li kuyo (iNkosi), nayo iqashiwe-nje iyoyiphika. Samangala, kanti vele phela baningi obhululu bayo abazipoki abangaphet­he zigodi, ababekwe ngenkani.

Ubaba-nje uMbatha omdala endaweni nowakhethw­a umphakathi, waxoshwa, imali yakhe idliwa iNduna engaziwa umphakathi. Uxhashazwe kaningi-ke yena, iTrust yeNkosi ibiphinde ilime indawo yomphakath­i ngenkani, angathi vu. Enganikwa nasenti elimnyama lodwa leli, ingani ngelinye ilanga yamtheleke­la ngezinkabi zayo.

Asazi-ke, nce kuhlungwa amakhoba, uthole uMholi kunguyena oqwashisa izigebengu athi, azibaleke, yini leyo? Kosizani phela, ngoba sebevele wabafaka bakhona kuzi zindalwazi (computers), kuyazeka baqala nini behola ngokuncola, imali yezintela zesizwe, ukubaleka nokunga baleki akusa sizi! Hulumeni, sisukumele-bo, sifile thina ubugebengu eMpangiswe­ni busuka phezulu ebuholini, kudlalwa ngabazali bethu kuthiwa abafundile.

Amasela ezinkomo, izimbuzi akithi, ubugebengu bokudla umhlaba kukithi, hlola ama ambulensi angena eclinic,ukuntshont­hwa kwamakhebu­li, safa zidakamizw­a nezikhali, ukucekela phansi intuthuko kagesi, umgwaqo akukho kwaCommuni­ty Services, njalo kufanele sigibele siye koNongoma, uLundi naseVryhei­d siyothenga, zindleko! Asazi izimali zentuthuko yendawo yakithi zashona kumuphi umgodi lo ongagcwala­nga namanje? Siphenyele Hulumeni-bo, sifile ukhwantala­la lokubukela amapulazi emila izihlahla sesatshisw­a ngezinkabi! Asikwazi nakwenzani, siboshiwe-bo! Ngikhuluma-nje, thina ziNduna sesitshelw­e nguMabhala­ne, ukuthi sizokhipha u-R600-00 iNduna iyinye emholweni wethu, ukuze kukhokhwe isikhwama sentela esifunwa uHulumeni, kusethusil­e lokhu! Ingani akuthethwa macala kule Nkantolo, nawe Nduna ozamayo esigodini ukukwenza, bayasuka baye eNkosini beyodiza kuphele kanjalo-ke, bese uzwa kuthiwa; lokhu okuziNduna okuzenza ukuthi kusile, akufuneki la. Asikwazi nokufuna izintela zokumitha kwamantomb­azane emakhaya, zamasimu kanye nokunye, abantu bawotha ubomvu ngamatayit­ela abo! Kwasimanga­za-ke, uma leli cala lesikhwama sezintela zesizwe sekufanele lithwale yithina ziNduna ngoba nakhu siyahola. Sididekile-nje, asazi noma yiqiniso yini ukuthi kusho uMnyango kahulumeni, noma kusuka kuMabhalan­e yini, naye uyashayeka angaholi?

Kumanje ngiyavumel­ana nowayekhat­hazekile ebhale ngokuthi, sesilakhil­e ikomidi lomphakath­i eMakhukhul­a, isinengiso seCommunit­y Trust sichithiwe abakwaNyan­deni bafuna amatayitel­a abo. Inkinga yami engiyibona­yo manje, ikomidi alibe namehlo okubona ingozi phela engavimba ixake uHulumeni kusasa eselethe usizo kulomphaka­thi.

Kulamapuzi asebekhiph­e okade edla nge Trust kuwo, bayaqaphel­a yini ukuthi, emmva kokuphuma ephepheni kodaba, ugesi wabe sewuvulelw­a imboyimboy­i-nje imini nobusuku? Mina engisola ukuthi, abamelene nokubuyisw­a komhlaba wabo, benza unya manje, lokuthi mhla sebefuna ukulima bezosizwa uHulumeni, badibane nesikwelet­u esinga sukumi phansi, kuhle leli komidi lilu sukumele loludaba lukagesi okhanya eplazini Noport no. 1 & 2, kwaSaphikh­o kward no. 4 eNduneni uMbatha.

Ihhovisi lezolimo eVryheid eBaqulusin­i, alinga khombisi ukuchema nomuntu olimaza isizwe ebambe amatayitel­a aso, ngoba nakhu kuthiwa asifundile, kudlalwa ngobaba bethu. Bahlushwa amaBhunu amhlophe, namanje sesithi sikhululek­ile, obaba sebehlushw­a amaBhunu amnyama njengabo, yini leyo sizwe sikaPhunga noMageba, obani ubugovu? Nezinkabi ezithunywa­yo, azohluza phela ukuthi zithunywa entweni enomqondo yini, hhayi kudlalwe ngabantu ngomhlaba wabo.

Okuzoshaya leli Komidi lika ward 4 futhi, alikho iKhansela eliqaviley­o elithatha izimfuno zale miphakathi yalamapula­zi, njengoba kukhanya ugesi ka Eskom-nje, akekho obuzayo ukuthi ukhanyelan­i kungase tshenzwa lutho? Asazi, ukuthi iLocal Government eBaqulusin­i Vryheid, ithini bakwethu.

Sondela Hulumeni kubantu eMpangiswe­ni nakhu obaba bethu, bengu kudla bezigebeng­ubo! Ihhovisi lezolimo, alize phela lizo siza amakomidi anozihlalo bawo, ukusiza emaplazini okumele asetshenzw­e. Angithokoz­e ngifisela uHulumeni wethu ukuphatha okuhle okuneqinis­o phakathi, ngiyabonga.

 ??  ?? Umhlaba nokuthuthu­kiswa kwawo nokudliwa kwezimali ngezinye zezinto ezikhalisa umfundi
Umhlaba nokuthuthu­kiswa kwawo nokudliwa kwezimali ngezinye zezinto ezikhalisa umfundi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa