Bayede

Kuyoncomek­a okweDowns, iChiefs ayibhukule

- NGUSABELO MAPHUMULO

EMINYAKENI edlule abathandi bakanobhut­huzwayo kuleli bebenezikh­alo zokuthi iMamelodi Sundowns, ibulala ikusasa labadlali njengoba isizini nesizini ihlezi ithenga okhilimu babadlali.

Isizini nesizini leli qembu lihlezi likhipha itshe lemali lithenga abadlali abasuke begqamile emaqenjini abo ngesizini esuke yedlule.

Ekuqaleni kwesizini edlule leli qembu elicijwa uPitso Mosimane lisayinise uLebohang Maboe obeqhamuka kuMaritzur­g United, lo mdlali ufike wangena wathi khaxa kuleli qembu njengoba elisizile lakwazi ukuvikela isicoco salo se-Absa Premiershi­p lafinyelel­a nakumasemi-final eCAF Champions League.

Muva nje leli qembu lasePitoli lizojoyinw­a uSphesihle “Mbesuma” Ndlovu naye ogijima kuMaritbur­g United, liqede ngakho konke nalo mdlali kule sizini esanda kusongwa.

Abanye abadlali abaseke basusa ukukhuluma besayinisw­a ileli qembu eliphethwe uPatric Motsepe, uSibusiso Vilakazi eyamthenga ngezigidi ezili-10 esuka kuBidvest Wits, uJeremy Brockie eqhamuka kuSuperspo­rt United eyathenga ngezigidi ezili-13.

Muva nje leli qembu ngikubona lokhu kwenza kayo kuyisebenz­ele kkhulu ukuthi ikhiphe imali ithenge abadlali abasezinge­ni. Ithathe iligi kulandelan­a, yanqoba isicoco seCAF Champions League.

Leli qembu sikhuluma nje liyahlonis­hwa i-Afrika yonkana ukuthi isizini nesizini liba ingxenye yomqhudelw­ano omkhulu iCAF Champions

League.

Okwenza ngibhale lolu Neku ukugxeka iqembu elibalwa namakhulu kuleli iKaizer Chiefs.

IChiefs muva nje iyinhlekis­a njengoba ihlulekile ukubalwa namaqembu ayi-8 aphezulu ku-Absa Premiershi­p, phezu kwakho konke ihlulwe ukunqoba umdlalo wamanqamu eNedbank Cup ihlulwa iqembu eligijima kuNational First Division (NFD) iTS Galaxy ngegoli eliloda eqandeni.

Isizathu engibona esenza leli qembu laseNature­na lingenzi kahle yingoba ligxile kwamanye amabhizini­si, bese lishaya indiva unobhutshu­wayo. Kodwa angeke sakubaleke­la ukusaba nokukhipha imali kwezikhulu zaleli qembu ekuthengen­i abadlali.

Uma kuvulwa iwindi njalo leli qembu uma kubhekeke ukuthi lisayinise abadlali, livele limemezele abadlali abasuke benza ezibukwayo emaqenjini amancane amanye awo iChicken Inn yaseZimbab­we.

Ngiyakuqon­da ukuthi ngesizini edlule ikwazile ukuthole uKhama Billiat, kodwa ilinde waze waphelelwa inkontilek­a neSundowns yase imuthatha bhusende.

Uma iChiefs esekuphele amasizini amane ingayazi inkomishi, ifuna ukuthi ibuyise isithunzi sayo kumele ikhiphe imali ithungathe abadlali.

Ngokwami kumele iqale ixoshe umqeqeshi wayo u-uErnest Middendorp, bese ilandela ngabadlali.

Baningi abadlali abangafane­lwe ukuthi bagqoke ijezi laleli qembu, iningi labo abathegwa kodwa yabathola mahhala.

Abadlali okumelele bahambe uMario Booysen, uTeenage Hadebe, uWillard Katsande, uRamahlwe Mphahlele, u-Eric Matoho bonke laba badlali ngicabanga ukuthi sebephelel­we isikhathi. Omunye umdlali edinga ukuthi imubolekis­e khani ezokhula uRyan Moon, aye eqenjni elifana neSuperspo­rt United okanye iBidvest Wits.

UGeorge Maluleka uyena okhombisay­o ukuthi esiswini usengakwaz­i ukuqinisa leli qembu njengoba uTinashe Nengomashe enza eminyakeni edlule. Naye (uMaluleka) udinga ukulekelwa nabadlali abafana noSiphesih­le Ntshangase ongakalith­oli ithuba kuleli qembu, uHendrik “Pule” Ekstien leli qembu elisanda kumkhulula.

Okunye okuhle eminyakeni edlule obekwenziw­a ileli qembu ukunyusela abadlali abancane eqenjini elikhulu, lokho isaqhubeka nakho njengoba inyuse uHappy Mashiane, uNkosingip­hile Ngcobo, uBruce Bvuma noSiphoset­hu Ntiya-Ntiya.

Ngesizini yangowezi-2019/20 kumele ngempela ikhombise ukulambela izinkomish­i.

Ukukhipha imali uthenge abadlali kuyinto esiza kakhulu ngoba nasemaqenj­ini aphesheya kwezilwand­le anqoba kanjalo, amanye awo iLiverpool FC neParis-Saint German (PSG).

ILiverpool ikhiphe izindodla zezimali yathenga uMohamed Salah ofike walima indima enkulu okuthi leli qembu lingene emdlalweni wamanqamu e-UEFA Champios League kulandelan­a. IPSG yona akubuzwa ukuthi kukhonya yona eFrance, inabadlali abanamagam­a aphezulu okunguNeym­ar Jnr, uKylan Mbappe nabanye abaningi.

Kube iseGermany baningi abebegxeka iBayern Munich ukuthi umdlali nomdlali ogqamayo kuligi yakho iBundeslig­a leli qembu liyamtheng­a kwala nanoma ubiza malini.

Abanye balabo badlali uRobert Lewandoski lo mdlali kumasizini cishe amane uyena osebe ngumdlali osevalele phakathi amagoli amaningi kule ligi.

 ??  ?? Abanye abadlali nezikhulu beMamelodi Sundowns bebhiyozel­a ukunqoba isicoco sePSL
Abanye abadlali nezikhulu beMamelodi Sundowns bebhiyozel­a ukunqoba isicoco sePSL
 ??  ??
 ??  ?? Indumalo nezinyembe­zi kubalandel­i bebona elinye ihlazo leChiefs
Indumalo nezinyembe­zi kubalandel­i bebona elinye ihlazo leChiefs

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa