Bayede

Sibuyela enkundleni emveni kokwekulul­ama isihlabani

- nguSABELO MAPHUMULO

UNEIL Powell ongumqeqes­hi weqembu lakuleli lo mbhoxo iBlitzbokk­e (Springbok Sevens), ujabulile kubuya umdlali omqoka weqembu okunguCeci­l Afrika.

U-Afrika ubuya nje ubelimale kusuka ngonyaka odlule emqudelwan­eni weHSBC World Rugby Series, koweLondon Sevens. Yize ukubuya kwakhe kungeke kusalisiza elakuleli kodwa amagalelo akhe kulindelek­e ukuthi asize ezilaPowel­l zisonge isizini zenze kahle.

Ukubuya kwakhe lo mdlali odabuka ePort Elizabeth kudalulwe emva kokulimala kukaStedma­n Gans, wabe esebizwa ezovala isikhala sakhe. Omunye umdlali obiziwe eqenjini elizomela iNingizimu Africa koweParis Sevens kule mpelasonto uMfundo Ndhlovu naye obizwe ukuzovala isikhala sikaDewald Human yena onezinking­a ezithinta impilo yakhe.

“Kuyangijab­ulisa kakhulu ukubuya kuka-Africa ngiyakuqon­da ukuthi ngeke sisasivike­la isicoco kodwa iphupho lami ngaye lifezekile ekwolokuth­i adlale okungenani umqhudelwa­no owodwa ngaphambi kokusongwa kwesizini. Ubese hlale isikhathi eside kakhulu ekhaya, ngiyakholw­a ukuthi amagalelo akhe uzowaseben­zisa sisonge kahle unyaka,” kusho uPowell.

EzikaPowel­l zikeliswe endaweni yesine, ngamaphuzu ali-131. Izwe okuyilo elihamba phambili iFiji Sevens ngamaphuzu ali-164, ilandelwe i-United States of America (USA) Sevens ngamaphuzu ali-143 bese endaweni yesithathu kube yiNew Zealand Sevens yona enamaphuzu ali-131.

IBlitzbokk­e iseqoqweni B, izotholana phezulu neWales Sevens, iKenya Sevens kube i-Australia Sevens. Lo mqhudelwan­o kule mpelasonto uzobanjelw­a eStade Jean Bouin, eFrance.

I-Australia Sevens iyona ebukeka inganikeza iBlitzbokk­e umdlalo onzima, lelizwe lisendawen­i yesi-6 ngamaphuzu angama-99. Kulawa amanye amazwe izozidlela amahlandla njengokujw­ayelekile iWales ilele endaweni ye-13 ngamaphuzu angama-30 kuthi iKenya ibe kweye-14 ngamaphuzu angama-27.

Sekuvele kucacile ukuthi ezikaPowel­l zihlulekul­e ukuqopha umlando wokuthi zinqobe iHSBC World Rugby Series kathathu kulandelan­a, muva nje sezilwela ukuba yingxenye yama-Olympics azoba ngonyaka ozayo eTokyo.

“Laba badlali bobabili sizokwenza isiqinisek­o sokuthi bayalithol­a ithuba lokuthi badlale yonke imidlalo, kakhulukaz­i uNdlovu ngoba usamncane sifuna kufike imiqhudelw­ano emikhulu esevuthiwe. U-Africa yena ukuthi abuyelwe ifomi yakhe kuphela. Sifuna ukwakha iqembu eliqinile elizoya eTokyo. Abanye abadlali esisebenza ngabo ekubakhuli­seni uSiviwe Soyizwapi no-Angelo Davids. La badlali babe nesizini enhle kabi nangeledlu­le ngasho umdlali wonyaka uzophuma koyedwa kubona,” kuchaza uPowell.

U-Afrika usebe yingxenye yeqembu emiqhudelw­aneni engama-61, wavalela phakathi amaphuzu ayizinkulu­ngwane ayi1430. Waba yingxenye yeqembu le sizwe elalidlala iNdebe YoMhlaba ngowezi-2013. Ngonyaka wezi2016 wathola indondo yethusi emqhudelwa­neni wama-Olympics ayebanjelw­e eRio de Janeiro eBrazil.

 ??  ?? UCecil Afrika
UCecil Afrika

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa