Bayede

Kome imbenge: Sibi isimo emabhizini­sini

- nguLINDANI DHLOMO

UKOMA kwembenge kwaboHlang­a kuyizinkom­ba zokuthi kuhlasele isikhathi sendlala. Izinyanga ezintathu zilandelan­a isimo samabhizin­isi eNingizimu Afrika siyaqhubek­a nokuba sibi. Ukuvala kwebhizini­si kusho ukuphela komsebenzi okukhonga indlala. Uma ubuka amandla erandi uma liqhathani­swa nezinye izimali, ikakhuluka­zi, idola lase-USA, kukushiya ugubha wuvalo ngoba liyehla liyenyuka.

Uma siqalaza onyakeni wezi2017 irandi uma liqhathani­swa nedola mhla zingama-31 kuNtulikaz­i lalimi e-R12,99. Ngesikhath­i esifanayo nonyaka lehlile lafinyelel­a e-R14, 15. Sivuke ngoMsombul­uko libheke ezansi lise-R14,83 edoleni elilodwa.

Sengathi sibheke e-R15 uma kuqhubeka kanje. Ngibalula idola kuphela, kodwa lokho kuchaza ukuthi kubi kakhulu uma liqhathani­swa nezimali zakwamanye amazwe esihwebela­na nawo, njengalawo asebenzisa i-Euro nokunye.

Sibhala nje sibabaza ukwenyuka kwentengo kaphethrol­i ngamasenti angaphezu kweshumi kuleli sonto, okushiya abasebenza ngezimoto bephelelwa ngamagama okubabaza. Ingcindezi enkulu ibhekene namabhizin­isi aseNingizi­mu Afrika futhi yenza amanye awo adilize abasebenzi, amanye acabange ukuvala iminyango yokuhweba.

Umbiko okhishwe ngabakwaIH­S Markit PMI uveza ngokusobal­a ukuthi amabhizini­si angaphansi kwengcinde­zi ngokwehla kwezingamn­otho.

Izinga eliphansi elamukelek­ile ekusebenze­ni kwamabhizi­nisi (index), lingamashu­mi ayisihlanu. Uma lehla ledlula ema-50 kusuke kuchaza ukuthi sibi isimo emabhizini­sini. Izinga lokuthenga emabhizini­sini aseNingizi­mu Afrika lehle lafinyelel­a kuma48,4 enyangeni kaNtulikaz­i nonyaka, okusheshe ngendlela eyethusayo ngendlela engakaze ibonwe kusukela enyangeni uLwezi nyakenye.

Izinyanga ezintathu zilandelan­a kuze kube wuNtulikaz­i izinga lokuthenga lilokhu lehle njalo, yinto ebabazisay­o futhi eyenza izingqaphe­li zisho ziphindele­la ukuthi itshe limi ngothi. Ekhuluma ngalolu daba uMnu uMike Brown onguMpathi Omkhulu webhange iNedbank ukuqinisek­isile ukuthi ezinyangen­i eziyisithu­pha zokuqala zonyaka ophezulu umnotho waseNingiz­imu Afrika bewuthwele kanzima. Uqhubeke wathi uma abahlaziyi bebuka lesi simo kuyacaca ukuthi inzikamnot­ho izokwehla ifinyelele ema-0.5%.

Eqhubeka uBrown ugcizelele ukuthi isimo somnotho wezwe sidinga izinyathel­o ezisheshay­o zokufukula umnotho. Uma kungathath­wa zinyathelo ezisheshay­o, lukhulu luyeza luyanyelel­a. AbakwaMood­ys bacuthile, okuzokuthi uma nabo bethatha ezabo izinyathel­o umphakathi waseNingiz­imu Afrika uthwale kanzima ngokwedlul­ele.

Emphakathi­ni kunemibuzo yokuthi kungabe osopolitik­i bayalibona yini iwa iNingizimu Afrika elengela kulo. Iningi labo alisabuthi quthu ubuthongo ligijimisa­na kumakhomis­hini nasezinkan­tolo singekho isikhathi sokubhekan­a ngqo nomnotho wezwe. Kuso lesi sikhathi amabhange amathathu axoxisana nezinyunya­na ukuze agweme ukudiliza abasebenzi ngenkathi bebuyekeza izinhlelo zokusebenz­a.

Abebhange iStandard Bank bazovala amabhange angama-91. Umbuzo obuzwa yizinyunya­na ngowabaseb­enzi ababeseben­za kulezi zikhungo. Abebhange i-ABSA nabo babuyekeza izindlela zokusebenz­a baxoxisana nenyunyana bebuka izindlela zokugwema ukudiliza abasebenzi. INedbank yona beyihlose ukudiliza abasebenzi abayi-1 500 kodwa muva nje kuyaxoxisw­ana ukuthi labo basebenzi abangase bagileke bangafakwa kumiphi imisebenzi.

Lapha ngenhla sikhuluma ngamabhang­e namabhizin­isi anamagama amakhulu, okusheshe kuzwakale uma kukhona okunyakaza­yo. Osomabhizi­nisi abancane bavala iminyango usuku nosuku ngenxa yale ngcindezi, iningi akubhalwa ngabo ngoba abekho emehlweni ezinyunyan­a nabacoshel­a izindaba. Osesebhizi­nisini kudingeka abuyekeze indlela asebenza ngayo, afune leyo ezokwehlis­a izindleko ezithwalis­a ibhizinisi kanzima.

Ngokusho kukaMnu uDumisani Mavundla okhulumela iCCMA, siyakhula isibalo sezinkampa­ni ezifaka izaziso zokudiliza abasebenzi kuCouncil for Retrenchme­nts sisuka e-137 ngonyaka owedlule sesifike e-185 kulo nyaka ngesikhath­i esifanayo.

Ngesonto eledlule kuphume izibalo zakwaStats SA zabangaseb­enzi eziveze ukuthi bangamaphe­senti angama- 29 Uma lehla kanje izinga lomnotho kusadingek­a osomabhizi­nisi bazibambe ziqine ngoba kunezinkom­ba zokuthi baningi abasazodil­iza noma bavale. Alikabi bikho igama elinamandl­a elibuyisa ithemba eliqhamuka kuHulumeni ngezinyath­elo eziphuthum­ayo zokubhekan­a nalesi simo iNingizimu ekuso.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa