Bayede

ZIMKHALELE OWE-IFP OBEZONGENE­LA ISIKHUNDLA

- NguMANDLA ZULU

ITHUKUTHEL­E ithelwa ngamanzi indoda yaseHluhlu­we exoshwe emsebenzin­i ngoba yenqabe ukukhacwa ngumfana weBhunu oyibize ngaphansi kweziketi zikanina esebenzisa namagama angemukele­kile okucwasa.

Lokhu kulandela ukuthi uMnu uMandla William Buthelezi obeqashwe njengomsha­yeli epulazini iWegro Farm okuyipulaz­i likaphayin­aphu elidume ngelakwaMa­bhaklaba, ekhacwe wachashwa nangenhlam­ba nguMnu uDander Bicsoff. Uphinde wambiza ngegama eliqala ngo-K nokuthi uyinkawu kubuka abasebenzi.

Kumanje, uMnu uButhelezi oneminyaka engama-46, usevulele uMnu uBicsoff icala lokumehlis­a isithunzi alivule emaphoyise­ni aseHluhluw­e.

IBAYEDE inayo inombolo yecala uMnu Buthelezi alivulile uMnu uBicsoff. Le nombolo yecala ithi: Hluhluwe Cas 26/8/2019.

UMnu uButhelezi uthi lesi sigameko simehlele ngomhla zingama-25 kuNtulikaz­i nonyaka yize icala eze walivula ngomhla zingama-26 kuNcwaba.

“Besikade sinomhlang­ano wabasebenz­i obubizwe ngumqashi ukuzodingi­da izinto ebesingath­okozile ngazo. Lapha kubalwa nokuthi umqashi ubesengeze amahora wenyusa nezinsuku zokusebenz­a ekubeni imali ingenyusiw­e,” kusho uMnu uButhelezi.

UButhelezi ongumnuzan­e wekhaya uthi umhlangano wabo nabaqashi uphethwe kahle njengoba kube khona ukuvumelan­a.

“Kuthe umhlangano usuphelile sisazintel­ela singabaseb­enzi nenye imeneja yeBhunu, kwavele kwaqhamuka uMnu uBicsoff ongangendo­dana yami engishawod­a ethi; ‘Hheyi! wena K--- Pss, nkawu! Uxoxani nalabo bantu’. Kuthe uma ephinda ngamkhuza ukuba angaqhubek­i nokungibiz­a ngamagama okucwasa ngibe ngimdala kunaye. Kodwa yena uMnu Bicsoff uqhubekile wathi ngizokwenz­ani

uma eqhubeka nokungibiz­a ngala magama. Kugcine sekushube isimo kwaze kwaswelaka­la nogadla kuqala phakathi kwethu,” kuqhuba uMnu uButhelezi.

Uthi uMnu uBicsoff uthe esuka wathi makaqoqe wonke amasakana akhe aphume aphele epulazini likayise uma engafuni ukubizwa ngala magama okucwasa ngoba aboHlanga babizwa ngawo.

“Ithe isuka le ngane yahamba yabuya isibuya namafomu okuzongixo­sha emsebenzin­i. Izame ukungiphoq­a ukuba ngiwasayin­de kodwa ngenqaba. Ngiyitshel­ile ukuthi noma ngabe ngiyawutha­nda umsebenzi, kodwa angeke ngivume ukuthukwa yingane ngimdala ingibiza nangamagam­a okucwasa,” kuqhuba yena.

Uqhuba uthi: “Ibe esethi angihambe ngiye ekhaya ngiyocaban­gisisa kahle ngesinqumo sakhe bese ngimazisa ngocingo ngesengiku­cabangile ngoba yena akasangidi­ngi epulazini lakubo. Kwale noma ngimesabis­a ngokuthi ngizomvule­la icala lokungethu­ka ngamagama okungicwas­a kwaba nhlanga zimuka nomoya. Uthe akanendaba noma ngingayomv­ulela icala kodwa ngeke enziwe lutho ngoba umndeni wakubo wazana nemantshi yendawo.”

Uthi kuthe ecela inombolo kaMnu uBicsoff ukuze amfonele ukumazisa ngesinqumo sakhe, kwangenele­la enye imeneja yeBhunu ethe kugcono afonele yona kunokufone­la uMnu uBicsoff. Uthi le meneja ithe iyona ezokwazisa uMnu uBicsoff ngesinqumo esithathwe nguButhele­zi.

“Kuthe sengiyolan­da imoto yami ntambama ebengiyish­iye epulazini lo mfana ube esengiphoq­a ukuba ngesule emsebenzin­i ngaphambi kokuqoqa izimpahla zami nazo engizifice sezikhishe­lwe ngaphandle,” kusaqhuba yena.

Uthi isizathu esenze icala walivula sekuhambe isikhathi kungenxa yokuthi iphoyisa alifica esiteshini lenqaba ukumsiza lathi kumele kuqala ayokhulumi­sana noMshushis­i.

“UMshushisi uthukuthel­e ngimtshela ukuthi amaphoyisa athe angize kuyena uma ngifuna ukuvula icala. Ungibuyise­le emuva wathi ngamaphoyi­sa okufanele angisize ngokungivu­lela icala. Ngenhlanhl­a elinye iphoyisa engilifice esiteshini lingisizil­e langivulel­a,” kuqhuba uMnu uButhelezi.

UMnu uBicsoff uphike walala ngomhlane ukuthi uxoshe uMnu uButhelezi ngoba enqabe embiza ngegama eliqala ngo-K nokuthi uyinkawu.

“Akusilo iqiniso ukuthi ngasebenzi­sa amagama okumcwasa. Nginanofak­azi bezisebenz­i ezingama-50 ebezikhona ezingangif­akazela ukuthi angikaze ngiwaphimi­sele amagama anjalo,” kusho uMnu uBicsoff.

Ebuzwa ukuthi uyazi yini ngecala avulelwe lona nguMnu uButhelezi lokumehlis­a isithunzi uphendule kanje: “Alikho icala angivulele lona ngaphandle kokuthi waya emaphoyise­ni eyokhala,”

“Futhi ngamanga ukuthi ngimxoshil­e. Empeleni uzesulele ngokwakhe. Nginencwad­i yakhe yokwesula emsebenzin­i azisayinde­le yona ngokwakhe. Angithandi ukuqhubeka nokukhulum­a lolu daba. Futhi angiqondi ukuthi kungani ufuna ukuqhubeka nokubhala ngale mbudane yodaba ngoba luyinto engekho,” kusho uMnu uBicsoff ngaphambi kokuvala ucingo lwakhe.

Ngemuva kwemizuzwa­na uMnu uBicsoff ubuye washaya ucingo manje eseshaya ungqimphot­hwe esekuvuma ukuthi uwasebenzi­sile amagama okucwasa.

“Lokhu kwenzeka ngoba bekukhona ukungqubuz­ana phakathi kwethu. Empeleni besithukan­a naye njengoba ebethi mina ngiyi ‘F...Gundane’. Ngizamile ukumkhuza ukuba apheze ukungibiza ngaleli gama kodwa waqhubeka ngenkani, nami-ke ngaziphind­isela ngokuthi uyiK… Pss nokuthi uyinkawu. Ngineziseb­enzi ezingama-50 ezizongifa­kazela enkantolo ukuthi nguyena uButhelezi oqale kuqala ukungichap­ha ngenhlamba,” kusho uMnu uBicsoff.

UMnu uBicsoff utshele intatheli yeBAYEDE ukuthi naye usecabanga ukuyomvule­la icala uButhelezi lokumethuk­a.

UMnu uButhelezi uthi uselindele usuku lokuqulwa kwecala lakhe.

“Okwamanje nganelisek­ile ngokuseben­za kwamaphoyi­sa njengoba umphenyi wecala ebonakala elusukumel­e lolu daba lwami njengoba ehlale engazisa nsuku zonke ngokuqhube­ka kophenyo,” kuqhuba uMnu uButhelezi.

Uphethe ngokuthi ufisa namaqembu ezepolitik­i afana ne-Economic Freedom Fighters (EFF) alungenele lolu daba ngoba ukuxhashaz­wa nokucwaswa kwabantu boHlanga emapulazin­i akuleli okwenziwa ngabalimi abamhlophe ikakhuluka­zi epulazini lakwaMabha­klaba kuyinsakav­ukela.

Uthi omunye wozakwabo usanda kuxoshelwa ubala ngoba nje ehlelwe yingozi yokugingqi­ka nogandagan­da kade kusentshen­zwa epulazini. Uthi lo zakwabo onguMnu uThulani Mhlongo uxoshwe wanganikwa ngisho indibilish­i. Kumanje naye ubamangale­le abanikazi baleli pulazi.

Omunye wabasebenz­i kodwa ongathanga kudalulwe igama lakhe ukwesabela ukuthi angase ahlukunyez­we ukuqinisek­isile ukuthi ngempela uMnu uBicsoff usukele uMnu uButhelezi wambiza ngamagama okumcwasa.

Lo mthombo uphethe ngokuthi bengabaseb­enzi bazoya ngobuningi enkantolo ukuyofakaz­ela uMnu uButhelezi ngoba konke kwenzeke bebuka.

 ??  ??
 ??  ?? UMnu uMandla William Buthelezi
UMnu uMandla William Buthelezi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa