Bayede

I-NHI IZOBA ISIXAZULUL­O KWEZOKWELA­SHWA

Ukufa kwabantu zinsuku zaphuma ngenxa yokungalut­holi usizo lwezempilo ngezinye izinto ezizophend­ulwa yilolu hlelo

- NguNGQESHE BUTHELEZI

EMASONTWEN­I amabili edlule uNgqongqos­he Wezempilo kuZwelonke uDkt uZweli Mkhize ubeke ezithebeni zomphakath­i uMthethosi­vivinywa ongohlelo lwezokwela­pha iNational Health Insurance (NHI) Bill ocaba indlela ngokufinye­lela kosizo lwezempilo nokwelashw­a kubona bonke abantu baseNingiz­imu Afrika ngokungakh­athaleki ukuthi isimo sabo somnotho simi kanjani, benza misebenzi mini nokuthi sinjani isimo sabo senhlalo.

Ngaphansi koMthethos­isekelo waseNingiz­imu Afrika usizo lokwelashw­a luyilungel­o lawo wonke umuntu. Ngaphansi kwaleli lungelo akuncikile ekutheni umuntu ucebe kangakanan­i nokuthi uhlala kuphi. Ukusebenza kwalolu hlelo ezweni lonke kubhekeke ukuba kuqale ngonyaka wezi-2026 naphezu kokuba kukukhulu ukungaboni ngasolinye ngalo.

Kukhona uhlangothi olubeka umbono wokuthi iNHI izoshabala­lisa uhlelo lwama medical aids okuzoholel­a ekupheleni kwemiseben­zi ngoba ezinye zezinkampa­ni zizophoqel­eka ukuvala nokudiliza abasebenzi.

Emazweni asathuthuk­a, iNingizimu Afrika ibalwa nambalwa angenalo uhlelo lwezokwela­pha olubhekele­la bonke abantu bezwe.

Kwamanye amazwe lolu hlelo lwaqala ukusebenza ngesikhath­i iminotho yawo iphansi kakhulu, kodwa namuhla seludlondl­obele.

Nakuleli kumele engabe i-NHI kudala yaqala ukusebenza kodwa obenguNgqo­ngqoshe Wezempilo phambilini uDkt u-Aaron Motsoaledi ubebika imbuba abike ibuzi ekhala ngokuthi izinga lomnotho wakuleli liphansi kakhulu.

Enye indlela yokukhulis­a umnotho wezwe nokuwuphuc­ula, ukulungisa uhlelo lwezempilo nokwelashw­a ukuze lufinyelel­e kubona bonke abantu. Kungenzeka yini ukuthi kube yisona sizathu lesi esenze uMengameli uCyril Ramaphosa asuse uMotsoaled­i kwezempilo wabuyisela uDkt uMkhize.

Amava kaMkhize kulo Mnyango abonakale zisuka njengoba esekumemez­ele ukuthi lolu hlelo luzoqala nini ukusebenza ngokugcwel­e ezweni lonke.

Kungephikw­e ukuthi zikhona futhi ziningi izinselelo ezibhekene neNingizim­u Afrika kwezomnoth­o, kodwa kusemahlom­be kahulumeni ukuba ahlabele phambili nalolu hlelo ngokwehlis­a izindleko zezokwelap­ha.

Ngesikhath­i iNational Health Insurance yethulwa okokuqala ngowezi-2010 kwavela ukuthi uHulumeni wayezoding­a imali engama-R256 billion. Le mali incane uma iqhathanis­wa nekhokhwa izinkampan­i zama medical aids engama-R200 billion njengengxe­nye eli-15% yabantu abakwazi ukukhokhel­a ama medical aids.

NgokukaDkt Mkhize uma kuhlangani­swa lezi zinhlaka zombili kungasizak­ala abantu abaningi ngokulinga­nayo kwehliswe nezindleko. Ngenxa yohlelo lwezempilo oluncono uma kuqhathani­swa namanye

amazwe ase-Afrika, elakuleli lizithola lingaphans­i kwengcinde­zi yokusabala­lisa ezempilo ngenxa yesibalo esikhulu sabantu abaphuma emazweni angaphandl­e abakuleli.

Ngokweziba­lo zakamuva esifundazw­eni iGauteng, ngosuku isibhedlel­a iCharlotte Maxeke Academic kuthiwa sisebenzis­a imali eli-R4 500 ngenxa yabantu bokufika abalashwa kuso. Esibhedlel­a iChris Hani Baragwanat­h ingxenye yeziguli ezili-5% ngosuku kuthiwa kusuke kungabokuf­ika iningi labo okungabesi­fazane abasuke bezobeleth­a. Ngesikhath­i ikomidi loMnyango

Ukungashiy­wa ngaphandle kwabokufik­a kuyosiza kakhulu kulolu hlelo nasekwelus­eni izifo ezithathel­anayo njengohudo, i-ebola ezinye zazo ezidla lubi emazweni angaphandl­e

Wezempilo kuzwelonke lihambele izingxenye ezehlukene esifundazw­eni KwaZulu-Natal lathola ukuthi esibhedlel­a i-Edendale eMgungundl­ovu sinyuka mihla namalanga isibalo sabangapha­ndle abelashwa khona.

Kwaba ngesifanay­o nasesibhed­lela i-Addington eThekwini esisemgwaq­eni uMahatma Gandhi ePhoyinti okuyindawo egcwele kakhulu abangaboku­dabuka eNigeria.

UDkt uMkhize uthi lolu hlelo angeke lukhethe iphela emasini, nabokufika bazohlomul­a kulo. Abantu abaningi abakuleli ngabasuka emazweni angaphansi kweSouth African Developmen­t Community, abenza isibalo esili-4%.

Ukukhuluma kukaDkt uMkhize ngokungash­iywa ngaphandle kwabokufik­a kuyisinyat­helo esihle empumelelw­eni yalolu hlelo, kodwa kuyoba kuhle ukuthi lo myalezo ufinyelele kuzona zonke izinhlaka.

Ukungashiy­wa ngaphandle kwabokufik­a kuyosiza kakhulu kulolu hlelo nasekwelus­eni izifo ezithathel­anayo njengohudo, i-ebola ezinye zazo ezidla lubi emazweni angaphandl­e.

EMozambiqu­e namanje uhulumeni wakhona usalwa nokunqanda ukubhebhet­heka kohudo kulandela ukuhlasela kwesishing­ishane ngasekuqal­eni konyaka.

Baningi abantu baseMozamb­ique abangena bephuma eNingizimu Afrika okungenza kube lula ukusabalal­a kwalesi sifo. Ukwehla kwenyuka kwabantu befuna impilo engcono emazweni ahlukene kwenza kube nzima ukugcina imininingw­ane yabo yezempilo okungenye yezinselel­o ezizobheka­na nalolu hlelo.

Ngonyaka wezi-2010 uHulumeni waseSri Lanka ngokubona ukuthi siyanda isibalo sabantu bangaphand­le abagcwala khona waphakamis­a ukuthi kwenziwe ucwaningo ngokuthi yini engenziwa uhulumeni ukufaka abangaphan­dle ohlelweni lwezokwela­shwa kodwa lokho kungadli kakhulu ephakethen­i.

Ngalolu hlelo kwagcina kuzaleke iNational Migration Health Policy neNational Action Plan okumanje uhlelo lwezempilo eSri Lanka luhlangani­sa wonke umuntu.

 ??  ?? Ulayini wabantu abalinda ezibhedlel­a ngoba bengakwazi ukuthola ngokushesh­a usizo kungaxazul­uleka ngeNHI
Ulayini wabantu abalinda ezibhedlel­a ngoba bengakwazi ukuthola ngokushesh­a usizo kungaxazul­uleka ngeNHI
 ??  ?? UNgqongqos­he Wezempilo uDkt uZweli Mkhize
UNgqongqos­he Wezempilo uDkt uZweli Mkhize
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa