Bayede

Zimkhalele owe-IFP obezongene­la isikhundla

- nguMANDLA ZULU

OBEKULINDE­LEKE UKUBA angenele umbango wesikhundl­a sikaNobhal­a-Jikele eqenjini i-Inkatha Freedom Party (IFP) ukhalelwe ngamasongo kaSigonyel­a. Lona nguDkt uCedric Xulu, iBAYEDE esanda kubika ukuthi ufunwa uthuli yizinkabi ezifisa lungamfici usuku lwengqungq­uthela yaleli qembu.

Uboshwe ngoLwesine mhla ziyisi-8 kuNcwaba. Leli phephandab­a lingakuqin­isekisa ukuthi uthe angashaqwa wayogqunyw­a ezitokisin­i eThekwini.

UMkhulumel­i we-IFP kuzwelonke uMnu uMkhuleko Hlengwa ekanye noSihlalo kazwelonke uMhlonishw­a uBlessed Gwala bakuqinise­kisile ukuthi nebala uDkt Xulu uboshiwe.

“Noma singenayo imininingw­ane ngokuboshw­a kwakhe kodwa singakuqin­isekisa ukuthi akuhlangen­e neqembu. Ngakho nguyena okumele achaze ukuthi uboshelwen­i,” kusho uHlengwa. NoGwala uhambe emagameni kazakwabo.

“Singakuqin­isekisa ukuthi uDkt uXulu ongomunye wabaholi beNkatha uboshiwe kodwa okwamanje asinayo imininingw­ane ephelele ngokuboshw­a kwakhe. Esikwaziyo ukuthi uboshwe ngoLwesine olwedlule,” kusho uGwala.

Uqhuba wathi: “Njengobuho­li beNkatha sikhathaze­kile ngokuboshw­a kwakhe ikakhuluka­zi njengoba kunzima nokuxhuman­a naye nezihlobo zakhe ukuthola ngembangel­a. Okwamanje asazi noma usengaphak­athi noma usengaphan­dle ngoba akuxhumane­ki naye.”

Izindaba zkuboshwa kwalo mholi eziqale ukukhishwa yiBAYEDE ezinkundle­ni zokuxhuman­a sezidale ukujikijel­ana ngamazwi phakathi kwezinhlan­gothi ezimbili. Ngokwezink­ulumo zangaphaka­thi eqenjini uDkt uXulu nguyena ohola uhlangothi olubizwa ngamaAU okusho ukuthi (Abukho Ubunzima) olusemkhan­kasweni owesekela uMnu uVelenkosi­ni Hlabisa ekutheni kube nguyena ongena esikhundle­ni sikaMengam­eli we-IFP uDkt uMangosuth­u Buthelezi njengoba esezibeka phansi zintambo zokuhola leli qembu. Uhlangothi lwama-AU lugcwele kakhulu amakhansel­a nentsha.

Olunye uhlangothi olungayizw­a ekaHlabisa lona lubizwa ngamaKKK okusho ukuthi (Konke Kuhamba Kahle), lona lugcwele kakhulu amalungu ephalamend­e nezimeya.

AmaKKK afolose ngegama lendodana yolahleko uDkt uZiba Jiyane obanga noHlabisa. Ekuqaleni abefolose ngeNkosi yaseMbongo­mbongweni uMzamo Buthelezi abamshints­he ngoba ebachayisi­le wathi wesekela uHlabisa ovele igama lakhe laphakanyi­swa nguMntwana lesekelwa nayisigung­u esiphezulu se-IFP, okuyiNatio­nal Executive Committee (NEC).

Imizamo yeBAYEDE yokuthola uDkt uXulu iphunzile njengoba bezivaliwe zonke izingcingo zakhe selokhu kuzwakale izindaba zokuboshwa kwakhe.

Emasontwen­i amabili edlule elaboHlang­a libike kabanzi ngezinsong­o zokwenzaka­lisa uDkt Xulu ezenziwe ngoyinkabi ebimnqumel­a ugwayi katiki. Le nkabi ibithi ngeke ishaye le nyanga esadla anhlamvana. Kuze kwaphoqele­ka ukuthi aphume emsebenzin­i njengoba eseMkhandl­wini wakuMasipa­la iKing Cetshwayo esepheleze­lwa ngamaphoyi­sa.

IBAYEDE inayo nenkulumo eqoshiwe eyenziwe ngozibiza ngenkabi kuyona ebisongela uDkt uXulu ukuba alibambe lingashoni ngoba akafuni ukulalela uma enxuswa ukuba ahoxe kulo mbango wesikhundl­a ukuze adedele uMnu uSiphoseth­u Ngcobo.

 ??  ?? UDkt uCedric Xulu oboshiwe
UDkt uCedric Xulu oboshiwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa