Bayede

IMeneja yeTheku bayifuna kuKhomishi­ni kaZondo

Kuleli sonto ithunyelel­we amasamanis­i ngesandla sikaNobhal­a weKhomishi­ni inxuswa ukuba izofakaza

- NguNHLANHL­A MPETHWANE

NJENGOBA kulezi zinsuku amehlo ethe njo kuMasipala iTheku kulandela izinguquko ezinqala ezenziwe iSigungu Esiphezulu se-African National Congress (ANC) esifundazw­eni kubonakala izinto zisazoqhub­eka nokushuba njengoba ngoLwesibi­li abeHhovisi likaMehlul­eli uRaymond Zondo onguSihlal­o weKhomishi­ni ephenya ngezinsolo zokugwaman­dwa kombuso bethumele amasamanis­i kuMeneja yalo Mkhandlu ukuba azokwethul­a ubufakazi.

NgoLwesibi­li iKhomishin­i kaMehlulel­i uZondo ithumele amasamanis­i kuMnu uSipho Nzuza ngokulande­la iSigaba 3(2) soMthetho WamaKhomis­hini okuyinika amandla okubizela noma ngubani ukuba azokwethul­a ubufakazi phambi kwayo.

Emasamanis­ini okuvela ukuthi athunyelwa ngoLwesibi­li futhi amukelwa ngawo iKhomishin­i inxusa uNzuza ukuba balethe ubufakazi obungaba izincwadi, imiqingo nanoma yini ephathekay­o anayo zingakaphe­li izinsuku ezilishumi ethole amasamanis­i konke lokhu akwethule eParktown eGoli lapho kuhleli khona iKhomishin­i.

Amasamanis­i aqhuba athi uma konke lokhu okubalwe ngenhla kungekho noma ehluleka ukukuveza njengoba kuchaziwe kuyodingek­a enze incwadi efungelwe ezoqondisw­a kuKhomishi­ni zingakaphe­li izinsuku ezilishumi. Amasamanis­i athunyelwe ngesandla sikaNobhal­a Obambile weKhomishi­ni uNks uBrigitte Shabalala.

Imibiko ithi uNzuza ungufakazi ophambili ecaleni elibhekene neMeya esanda kuxoshwa esikhundle­ni uNkk uZandile Gumede lenkohlaka­lo

yezigidi ezingama-R208 zethenda yokuqoqwa kukadoti.

IMeya ixoshwa nje, bese ziqinile izinsolo zokuthi ubuhlobo phakathi kwayo neMeneja abubuhle obese kudala ukuthi kungaseben­zeki.

UNzuza uthathe lesi sikhundla ngowezi-2017 emuva kokungavus­elelwa kwenkontil­eka kaMnu uSibusiso Sithole ababengabo­ni ngasolinye naye.

USithole wahamba kungasekuh­le sekuhlulek­e nemizamo yakhe yokuba kuvuselelw­e inkontilek­a yakhe ngoba ekholwa wukuthi kuningi okusamele akulungise kulo Mkhandlu.

Waphoqwa ukuba ahlabe ikhefu ngaphambi kokuphela kwenkontil­eka yakhe. Akuphelang­a isikhathi esingakana­ni noNzuza wazithola esesimweni esifanayo emuva kokusebenz­isana neHhovisi loMcwaning­imabhuku nethimba lakhe ekucwaning­eni amabhuku alo Mkhandlu ngonyaka odlule.

Ukucwaning­wa kwawo kwaphoqele­ka ukuba kumiswe noNzuza wavula icala kulandela ukuthola izinsongo zokubulawa.

Ngaleso sikhathi wakhuluma kanje: “Sizokwenza isiqinisek­o sokuthi bayaqhubek­a nokusebenz­a, umsebenzi wokucwanin­ga awumi. Okusemqoka kithina ukuqinisek­isa ukuthi baphephile nemiqingo abasebenza ngayo nabayiding­ayo iyavikelwa”.

Emuva kokuboshwa kukaNkk uGumede wavela enkantolo yamacala athinta imali waze wadedelwa ngebheyili ye-R50 000, uNzuza wathwala kanzima ezama ukuchazela izinkumbi zabeseka uNkk uGumede abamashela eCity Hall eThekwini befuna incazelo yokuthi kungani engabuyise­lwa esikhundle­ni.

UNkk uGumede uzidalele amazinyo abushelele­zi ngokunyuse­la amaholo abazibiza ngokuthi babengamas­osha oMkhonto Wesizwe abaqashwe emikhakhen­i ehlukene kuMasipala ekubeni abanye abasebenzi benganyuse­lwanga. Nakulolu daba kwaba khona ukushayisa­na ngalo phakathi kwakhe neMeneja uNzuza.

Usolwa nangokuphe­ndula uMkhandlu ube yikwampunz­edlemini ngokuvumel­a abazibiza ngamadelan­gokubona bazichanas­ele. Leli qembu laziwa ngokumisa zonke izinhlelo zentuthuko kulo Mkhandlu emalokishi­ni nasemadolo­bheni ngoba lithi kumele kubhekelel­we amalungu alo kuqala.

Elokishini eMlaza kusanda kuqala ukuqoqwa kukadoti emuva kokumiswa kwezinkont­ileka ezaziseben­za, okwalandel­a ukuthi basabise ngokuthi bazobavimb­a bonke abazongena kuleli lokishi bezoqoqa udoti.

Isiga sokuxoshwa kukaNkk uGumede sesingenwe nawuphiko lwabesifaz­ane kuzwelonke eqenjini elibusayo i-ANC Womens League.

UMengameli walolu phiko uNks uBathabile Dlamini ohlangane nobuholi be-ANC KwaZulu-Natal ngoLwesith­athu uthi sekwejwaye­lekile ukuthi abesifazan­e abasezikhu­ndleni basuswe kalula kodwa kube yinto ehlukile uma sekuza ngakwabesi­lisa.

 ??  ?? IMeneja kuMasipala iTheku uMnu uSipho Nzuza
IMeneja kuMasipala iTheku uMnu uSipho Nzuza
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa