Kuningi ongakwenza ngomkhiqizo inkukhu
ESIKHATHINI lapho umnotho ubheke phansi kubalulekile ukubhekisisa ukuthi iyiphi imboni enekusasa. Inkukhu ingenye yezinyoni ezifuywayo ejwayelekile futhi enemikhiqizo eminingi. Abakhulele ezindaweni zasemakhaya bazongifakazela ukuthi inkukhu beyithathwa njengezibi zasegcekeni, kodwa ibalulekile uma kufike umkhwenyana. Ngokukhula sibe sesibona izindlu ezazakhiwe njengesikole kuthiwa kugcwele izinkukhu ezifuyiwe kuzo.
Ibhizinisi lezinkukhu likhulu ngendlela emangalisayo emhlabeni. ENingizimu Afrika imboni ekhiqiza inyama yenkukhu ingenye yezimboni eziphambili ekhiqiza amaphesenti angama-65 enyama yenkukhu edliwa kuleli lizwe. Inkukhu idayiswa iyisibhukuza iphila, iphinde idayiswe iyisibhukuza seyibulewe yafakwa efrijini, kuphindwe kudayiswe izingxenye ezehlukahlukene zayo ezehlukaniswa ngononina, njengoba siyaye sibone kuthengwa ubuthaphuthaphu izingingila sezisebhokisini elibukeka kahle, nokunye okuningi.
AboHlanga sebeyihlukanisa nangemibala, uzwe bethi bafuna ebomvu noma eyempangele, kucace nje ukuthi umbala usho lukhulu. Izinkampani ezidayisa ukudla okuphekiwe sezikujwayele ukudayisa amaphiko wodwa, ubone abantu bewagijimela ubuthaphuthaphu, ikakhulukazi uma esethosiwe.
Umbuzo ofikayo ngothi uma kudayiswa amaphiko wodwa senziwa njani isibhukuza senkukhu. Phela inkukhu inamaphiko amabili kuphela. Imvamisa uma esethosiwe abantu
bawafuna ngamaningi, kucace ukuthi kubulawa izinkukhu eziningi kufunwa amaphiko nje kuphela.
Uma ubuka lezi zinhlobonhlobo zemikhiqizo ephuma enkukhwini, kuyacaca ukuthi inkukhu iyibhizinisi elibalulekile elingabhekisiswa ngumuntu ofisa ukusungula ibhizinisi. Inkukhu ikhipha inyama enhlobonhlobo, kanti futhi yinkukhu ezalela amaqanda. Inkukhu ekhiqiza inyama ayikhuliswa ngendlela efanayo naleyo ekhiqiza amaqanda. Asizukugxila emaqandeni namuhla. Ngithanda sike sibuke imboni yenyama, okuyimboni emile futhi enekusasa eNingizimu Afrika. Ngokwezibalo zakwaSARS, inyama yenkukhu eqhamuka kwamanye amazwe ngoMasingana kulo nyaka, ingamathani ayizi-35 174, okukhombisa ukwehla ngezi-2 565 wamathani uma siqhathanisa nesikhathi esifanayo ngoZibandlela. Uma siqhathanisa nezibalo zikaMasingana wezi-2017 inyama yenkukhu engena eNingizimu Afrika yehle ngezi-12 068 wamathani, okungamaphesenti angama-27,5 noma izigidi eziyizi-145, 8 zamarandi. Ukwehla kwezibalo zemikhiqizo eqhamuka kwamanye amazwe kuyizindaba ezithokozisayo ngoba kusho ukukhula kwemboni ngaphakathi ezweni.
Ukukhulisa nokufuya izinkukhu akwenzeki ngomlingo nangokufisa nje, kodwa kwenziwa ngabantu abanesibindi njengomndeni wakwaChiliza onepulazi endaweni yaseCato Ridge lokukhulisa izinkukhu bese bezihambisa enkampanini yakwaRainbow. Echaza uMnu uVangeli Chiliza indlela abaqala ngayo kuleli bhizinisi, kwaba ngukuthenga ipulazi elingamahektha ali-10,5. Kumuntu ongahlelile ukuthi uzokwenzani ngomhlaba, leli pulazi libukeka lilincane ukuthi lingenza umsebenzi omkhulu kangaka. Kuhle ukuhlela umqondo ucabangisise ukuthi indawo onayo ungayisebenzisa kanjani ukuze uyiguqule ikhiqize futhi ingene ibe ngenye yamabhizinisi ahlonishwayo ezweni. Lo msebenzi awudingi udedangendlale wepulazi.
Kubathatha amasonto ayisihlanu kuya kwayisithupha ukukhulisa izinkukhu zilungele ukuya emakethe. Akusiyo into encane ukukhulisa izinkukhu ezibalelwa emakhulwini amathathu ezinkulungwane ngesikhathi esisodwa. Kusho ukusebenza ngobuchwepheshe wenze isiqiniseko ukuthi izinkukhu zidla ukudla okufanelekile, zikuthola ngesikhathi esifanele, ukufudumala nokukhanya kusesilinganisweni esifanele. Ayikho into edlula ukuthola ulwazi oluqondile ngalowo mkhiqizo wakho, uqiniseke ukuthi ulandela imigomo ebekiwe futhi evumelana namakhasimende akho. Lokhu kwenza isiqiniseko sokuthi akakushiyi amakhasimende akho ngoba ninesivumelwano.
Kuyakhombisa ukuthi kubalulekile ukuthola imakethe ngaphambi kokuqala ibhizinisi. Ababolekisa ngemali yokusungula ibhizinisi banezinto abazibhekisisayo ngaphambi kokuboleka umuntu imali. Enye yazo yimakethe noma amakhasimende azongenisa imali yebhizinisi. Ukuba umndeni wakwaChiliza awulivulanga leli bhizinisi ngabe abantu abayizinkulungwane bahlezi emakhaya.
Ungenethezeke kunezifo zezinkukhu nezinkinga ezahlukene ezidinga ukunakekelwa ngumnikazi webhizinisi.