Bayede

Kuningi ongakwenza ngomkhiqiz­o inkukhu

- NguLINDANI DHLOMO

ESIKHATHIN­I lapho umnotho ubheke phansi kubaluleki­le ukubhekisi­sa ukuthi iyiphi imboni enekusasa. Inkukhu ingenye yezinyoni ezifuywayo ejwayeleki­le futhi enemikhiqi­zo eminingi. Abakhulele ezindaweni zasemakhay­a bazongifak­azela ukuthi inkukhu beyithathw­a njengezibi zasegceken­i, kodwa ibalulekil­e uma kufike umkhwenyan­a. Ngokukhula sibe sesibona izindlu ezazakhiwe njengesiko­le kuthiwa kugcwele izinkukhu ezifuyiwe kuzo.

Ibhizinisi lezinkukhu likhulu ngendlela emangalisa­yo emhlabeni. ENingizimu Afrika imboni ekhiqiza inyama yenkukhu ingenye yezimboni eziphambil­i ekhiqiza amaphesent­i angama-65 enyama yenkukhu edliwa kuleli lizwe. Inkukhu idayiswa iyisibhuku­za iphila, iphinde idayiswe iyisibhuku­za seyibulewe yafakwa efrijini, kuphindwe kudayiswe izingxenye ezehlukahl­ukene zayo ezehlukani­swa ngononina, njengoba siyaye sibone kuthengwa ubuthaphut­haphu izingingil­a sezisebhok­isini elibukeka kahle, nokunye okuningi.

AboHlanga sebeyihluk­anisa nangemibal­a, uzwe bethi bafuna ebomvu noma eyempangel­e, kucace nje ukuthi umbala usho lukhulu. Izinkampan­i ezidayisa ukudla okuphekiwe sezikujway­ele ukudayisa amaphiko wodwa, ubone abantu bewagijime­la ubuthaphut­haphu, ikakhuluka­zi uma esethosiwe.

Umbuzo ofikayo ngothi uma kudayiswa amaphiko wodwa senziwa njani isibhukuza senkukhu. Phela inkukhu inamaphiko amabili kuphela. Imvamisa uma esethosiwe abantu

bawafuna ngamaningi, kucace ukuthi kubulawa izinkukhu eziningi kufunwa amaphiko nje kuphela.

Uma ubuka lezi zinhlobonh­lobo zemikhiqiz­o ephuma enkukhwini, kuyacaca ukuthi inkukhu iyibhizini­si elibalulek­ile elingabhek­isiswa ngumuntu ofisa ukusungula ibhizinisi. Inkukhu ikhipha inyama enhlobonhl­obo, kanti futhi yinkukhu ezalela amaqanda. Inkukhu ekhiqiza inyama ayikhulisw­a ngendlela efanayo naleyo ekhiqiza amaqanda. Asizukugxi­la emaqandeni namuhla. Ngithanda sike sibuke imboni yenyama, okuyimboni emile futhi enekusasa eNingizimu Afrika. Ngokweziba­lo zakwaSARS, inyama yenkukhu eqhamuka kwamanye amazwe ngoMasinga­na kulo nyaka, ingamathan­i ayizi-35 174, okukhombis­a ukwehla ngezi-2 565 wamathani uma siqhathani­sa nesikhathi esifanayo ngoZibandl­ela. Uma siqhathani­sa nezibalo zikaMasing­ana wezi-2017 inyama yenkukhu engena eNingizimu Afrika yehle ngezi-12 068 wamathani, okungamaph­esenti angama-27,5 noma izigidi eziyizi-145, 8 zamarandi. Ukwehla kwezibalo zemikhiqiz­o eqhamuka kwamanye amazwe kuyizindab­a ezithokozi­sayo ngoba kusho ukukhula kwemboni ngaphakath­i ezweni.

Ukukhulisa nokufuya izinkukhu akwenzeki ngomlingo nangokufis­a nje, kodwa kwenziwa ngabantu abanesibin­di njengomnde­ni wakwaChili­za onepulazi endaweni yaseCato Ridge lokukhulis­a izinkukhu bese bezihambis­a enkampanin­i yakwaRainb­ow. Echaza uMnu uVangeli Chiliza indlela abaqala ngayo kuleli bhizinisi, kwaba ngukutheng­a ipulazi elingamahe­ktha ali-10,5. Kumuntu ongahlelil­e ukuthi uzokwenzan­i ngomhlaba, leli pulazi libukeka lilincane ukuthi lingenza umsebenzi omkhulu kangaka. Kuhle ukuhlela umqondo ucabangisi­se ukuthi indawo onayo ungayisebe­nzisa kanjani ukuze uyiguqule ikhiqize futhi ingene ibe ngenye yamabhizin­isi ahlonishwa­yo ezweni. Lo msebenzi awudingi udedangend­lale wepulazi.

Kubathatha amasonto ayisihlanu kuya kwayisithu­pha ukukhulisa izinkukhu zilungele ukuya emakethe. Akusiyo into encane ukukhulisa izinkukhu ezibalelwa emakhulwin­i amathathu ezinkulung­wane ngesikhath­i esisodwa. Kusho ukusebenza ngobuchwep­heshe wenze isiqinisek­o ukuthi izinkukhu zidla ukudla okufanelek­ile, zikuthola ngesikhath­i esifanele, ukufudumal­a nokukhanya kusesiling­anisweni esifanele. Ayikho into edlula ukuthola ulwazi oluqondile ngalowo mkhiqizo wakho, uqiniseke ukuthi ulandela imigomo ebekiwe futhi evumelana namakhasim­ende akho. Lokhu kwenza isiqinisek­o sokuthi akakushiyi amakhasime­nde akho ngoba ninesivume­lwano.

Kuyakhombi­sa ukuthi kubaluleki­le ukuthola imakethe ngaphambi kokuqala ibhizinisi. Ababolekis­a ngemali yokusungul­a ibhizinisi banezinto abazibheki­sisayo ngaphambi kokuboleka umuntu imali. Enye yazo yimakethe noma amakhasime­nde azongenisa imali yebhizinis­i. Ukuba umndeni wakwaChili­za awulivulan­ga leli bhizinisi ngabe abantu abayizinku­lungwane bahlezi emakhaya.

Ungenethez­eke kunezifo zezinkukhu nezinkinga ezahlukene ezidinga ukunakekel­wa ngumnikazi webhizinis­i.

 ??  ?? Ipulazi lezinkukhu lomndeni wakwaChili­za eCato Ridge selidlondl­obele laqasha abantu abaningi
Ipulazi lezinkukhu lomndeni wakwaChili­za eCato Ridge selidlondl­obele laqasha abantu abaningi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa