Bayede

Impatho isemqoka ekusimamis­eni ibhizinisi

- NguLINDANI DHLOMO

ABATHENGI banamandla okumisa nokuwisa ibhizinisi. Umthengi unelungelo lokuzikhet­hela lapho ezosebenzi­sa khona imali yakhe. Ukubona umuntu engena esitolo sakho ezothenga kwenza umninisito­lo amamatheke ngoba kusho ukuthi iyangena imali. Abaningi bathi umuntu olethe imali kufanele aphathwe njengenkos­i ngoba usuke elethe impilo yebhizinis­i. Wena wenzenjani uma bekuthatha kancane?

Enye yezinto ezibalulwa njengemban­gela yokwehla kwezinga labathengi yindlela abaphathek­a ngayo uma bethenga. Umbiko owakhishwa yiNew Voice Media ngonyaka wezi-2018 uveza ukuthi amabhizini­si alahlekelw­a yimali ebalelwa ezigidigid­ini ezingama-$75 ngonyaka. Umbiko uveza ukuthi amabhizini­si aqavile futhi aziwayo ayehluleka ukugcina abathengi bengayi kwezinye izitolo. Abathengi ababalelwa kumaphesen­ti angama- 67 bayagcogco­ma, ngenxa zokuthi bafuna indawo lapho bezozizwa behlonishw­a khona. Lo mbiko ukhombisa ukwenyuka kwezibalo ngamaphese­nti angama-37 kusukela embikweni owedlule.

Lokhu kuveza isithombe esingesihl­e ngeningi labasebenz­i. Uma kukhulunyw­a ngendlela yokuphatha abathengi iminwe ikhomba kakhulu kubantu abaqashelw­e ukwenza lowo msebenzi. Umqondo womuntu ozokhokha umtshela ukuthi imali yakhe ibalulekil­e kunomkhiqi­zo, ngakho-ke unelungelo lokuzikhet­hela ukuthi uzokhokhel­a bani. Uma bebaningi abakhiqiza imikhiqizo efanayo umuntu ophethe imali uba nezinto asuke ezilindele kulowo omdayisela­yo.

Okokuqala umthengi ufuna ukubona ukuthi lowo odayisayo unakho yini ukujabula uma embona esondela. Ukubingele­lwa kusho into enkulu kubathengi, ngoba kubenza bazizwe bamukeleki­le. Okwesibili abathengi bavamise ukuba nemibuzo. Uma imikhiqizo ingabhaliw­e inani futhi kungekho nomuntu ozobakhomb­isa ukuthi umkhiqizo ubiza malini, iningi ligcina lingasawet­hembi lowo mkhiqizo, lingabe lisamethem­ba nalowo odayisayo. Kunabasebe­nzi abangenayo inhlonipho komunye umuntu, abamthatha njengesinx­ibi umuntu ozothenga into angenayo. Umthengi uyashesha ukuzwela uma edelelwa, lokho kumenze ahambe angabe esabheka emuva. Umkhiqizo umelwe ukuba sezingeni elihle, ungabi odlulelwe yisikhathi noma osuwonakel­e.

Enye yezimpunye­la esihlonihl­wayo kwezamabhi­zinisi, uMnu uWarren Buffett uthi kuthatha iminyaka engamashum­i amabili ukuzakhela igama elihle elethenjwa­yo, kanti kuthatha imizuzu engeqile kwemihlanu ukubulala igama, banxaphe abantu uma belizwa libizwa.

Zidlana imilala, kukwamazik­hethele kulo mhlaba. Yileso naleso sitolo sinendlela yaso esikhombis­a ngayo ukunakekel­a amakhasime­nde aso. Kwenye yamasupham­akethe umthengi obuza umkhiqizo uthathwa aze ayobekwa lapho umkhiqizo ubekwe khona. Lokhu kuyaye kwenze bobabili babone uma umkhiqizo sewuphelil­e. Kwamaningi amasuphama­kethe bakukhombi­sa ngesandla noma bakhulume ngomlomo umthengi azule afifiyele agcine edikibele kwesinye isikhathi ajokole.

Kuyadingek­a umnikazi bhizinisi abe seduze namakhasim­ende akhe, kwesinye isikhathi azibambele mathupha. Kwamanye amabhizini­si umnini webhizinis­i isimo asimvumeli ukuba abonane ngqo nabathengi. Kuleso simo kumele kuqiniswe kakhulu emenejeni nokufundis­a abasebenzi ubumqoka bokwenza umsebenzi.

Abasebenzi abasebenza isitokwe bavamise ukuba nempatho enhle kubathengi ngoba bayazi ukuthi awukho umsebenzi ngaphandle kwempatho enhle. Laba abasebenza umshonisal­anga bayazi ukuthi ubuhlobo obuhle nabathengi abubanikez­i lutho olungako, abaqikekel­i ukuthi babaphatha kahle abathengi. Noma lingashona kungene abambalwa esitolo umsebenzi uzokhangez­a imali yakhe kumqashi.

Uma sikhuluma ngenani labantu abaphelelw­a wumsebenzi, abanye babo kwavalwa izinkampan­i ngoba abathengi bengasange­ni esitolo ngobuningi.

Kubaluleki­le ukuthi abasebenzi bafunde futhi bafundiswe ukuthi imisebenzi namaholo kuncike kakhulu ebukhoneni bamakhasim­ende.

 ??  ?? Abathengi abanelisek­ile beza ngobuningi babo ukuzotheng­a
Abathengi abanelisek­ile beza ngobuningi babo ukuzotheng­a

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa