Bayede

Bazimisele ukufa lapho efa khona uMkhwebane

- NguMANDLA ZULU emails

KUNGASE kubheduke imbedumehl­wano yodlame ngodaba olushisa ibunzi olunkankan­ywa ngabathile abahlela ukususa esikhundle­ni uMvikeli Womphakath­i u-Advocate uBusisiwe Mkhwebane.

Lokhu kulandela imikhankas­o yokumsusa enokungqub­uzana ehlelwayo ezweni ngosopolit­iki, izinhlanga­no zezepoliti­ki okubalwa kuzo iDemocrati­c Alliance (DA), iFreedom Front+, kanye nezinhlang­ano ezingenzi nzuzo. Kukhona nemibhikis­ho ehlelwa yingxenye ethile ukuyomvike­la.

Njengoba iqina ingcindezi yokususa, uMkhwebane esikhundle­ni kunamaqemb­u ezepolitik­i okubalwa kuwo i-Economic Freedom Fighters (EFF), iPan Africanist Congress (PAC) i-African People’s Congress (PAC) Black First Land First (BLF), African Transforma­tion Movement (ATM), omakade ebona boMkhonto Wesizwe iMilitary MK Veteran Associatio­ns (MKVA), uphiko lwabesifaz­ane lwe-ANC nolwentsha kaKhongolo­se nengxenye ethile yamalungu kaKhongols­e asebefunge bagomela ukuthi bazomvikel­a kumnyama kubomvu u-Adv uMkhwebane ngoba bekholelwa ukuthi uhlukunyez­wa ngoba ephenya osopolitik­i abaphezulu.

Kumanje abesekela uMkhwebane sebehlabe umkhosi abawubheki­se emphakathi­ni ukuba ngomhla zingama- 30 kule nyanga uphume ngobuningi kuyovikelw­a u-Adv uMkhwebane kulabo abahambisa­na noNgxiwank­ulu nabathathw­a njengezith­a zomzabalaz­o wenkululek­o yomuntu omnyama abahlele umbhikisho wokususa, u-Adv uMkhwebane.

Ezinye izinhlanga­no namaqembu ezepolitik­i athembise ukumesekel­a nangezimal­i u-Adv uMkhwebane ukuze akwazi ukukhokha izindleko zabammeli zalabo ebebemyise ezinkantol­o okubalwa uMnu uGordhan, uMnu uRamaphosa kanye nabamabhan­ge ebebephose­le inselelo yonke imibiko kaMkhweban­e bafike bavunwa yizinkanto­lo.

Kumanje isiqalile ukuqina imikhankas­o yosopoliti­ki nezinhlang­ano ezingenzi nzuzo yokugovuza umphakathi wakuleli ukuba wesekele imizamo yabo yokususa uMkhwebane ongaphansi kwenkulu ingcindezi. Lokhu kulandela amacala athile abewapheny­a abethinta osopolitki abaphezulu kubona okubalwa uMengameli wezwe, uMnu uCyril Ramaphosa noMnu uPravin Gordhan oNgungqong­qoshe Wezamabhiz­inisi Amancane kaHulumeni echithwe zinkantolo zakuleli.

Embikweni kaMkhweban­e othinta izikhondla­khondla zamabhange akuleli ochithwe ezinkantol­o ubencome ukuba lamabhange abuyise yonke imali yakuleli ebalelwa kuzigidigi­di ayeyihlomu­le ngokungemt­hetho kusaphethe uHulumeni Wobandlulu­lo nokuba kwengezwe umthethomb­andela olawula ibhangengo­dla (South African Reserve Bank).

Ngomhla zingama-30 kuyo le nyanga kaNcwaba

kungase kuchitheke uphoko njengoba kuzoba nemibhikis­ho yokuyomkhi­pha ephikisana naleyo yokumvikel­a.

Kumanje ezinkundle­ni zokuxhuman­a sekusabala­liswe izimemo eziyinhlab­amkhosi emphakathi­ni wakuleli yokuba kuyovikelw­a u-Adv uMkhwebane naleyo yokuyomkhi­pha osekusabal­aliswe ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

IBAYEDE inawo amakhophi alezimemez­elo zenhlabamk­hosi eziphikisa­nayo ngokumele kwenziwe ku-Adv uMkhwebane.

Esinye salezi zaziso esinesitho­mbe sikaMnu uRamaphosa, esikhishwe yinhlangan­o ezibiza ngeConcern­ed South Africa (CSA) inamalogo ezinhlanga­no ezinkuluka­zi zakuleli okuyiAfric­an National Congress (ANC), iSouth African Communist Party (SACP) neCongress of South African Trade Union (COSATU) enamagama athi #PublicProt­ectorMustG­o kusona kunxenxwa izakhamuzi zakuleli ukuba zihlangany­ele embhikishw­eni omkhulukaz­i ohlelwayo wokuyovala iHhovisi loMvikeli Womphakath­i ngenhloso yokuyofaka ingcindezi ukuze akhishwe esikhundle­ni.

Ngakolunye uhlangothi kunanesiny­e isimemezel­o esinobuso buka-Adv uMkhwebane nezithombe zabesifaza­ne abangamaso­sha oMkhonto Wesizwe abahlome ngezinhlok­ohlela zezibhamu. Lesi simemezelo esikhishwe ngegama leMadlodi Madisha Foundation sona sibhalwe ngamagama athi #DefendPP -Office. Sinxenxa abantu bakuleli ukuba baphume ngobuningi ngomhla zingama30 kule nyanga kuyobhikis­hwa emaHhovisi oMvikeli Womphakath­i aseGoli ngenhloso yokuyomvik­ela kulabo abahlele ukuyombhik­ishela.

“Ukuhlaselw­a koMvikeli Womphakath­i kufana nokuhlasel­a okubhekisw­e kubantu abampofu kanye nabasebenz­i,” kufundeka isimemezel­o esikhishwe yiMadlodi Madisha Foundation.

NgoLwesine (namhlanje) uMnu Ramaphosa uphinde wanqoba komunye umzuliswan­o ngesikhath­i inkantolo eNkulu imvuna esicelweni sakhe ebesiphuth­uma sokuvimba uMkhwebane ukuba angadalule­li umphakathi imininingw­ane yakhe yasebhange ngosondonz­ima bomabhizin­isi iningi labo abamhlophe abaxhasa ngezigidi zemali umkhankaso wakhe wesikhundl­a sikaMongam­eli we-ANC engqungqut­heleni yale nhlangano yokukhetha ubuholi obusha eyayiseNas­rec ngowezi201­7.

Iphini likaMehlul­eli uDeputy Judge President, u-Aubrey Ledwaba ukhiphe umyalelo ovuna uMnu Ramaphosa wokuba avalelwe thaqa wonke amarekhodi abengubufa­kazi obebugcinw­e ngu-Adv uMkhwebane kuze kube kuphothulw­a icala lokubuyeke­zwa kombiko wakhe elifakwe nguMnu Ramaphosa.

Ngesonto eledlule uMnu uPeter Herris onguMmeli kaMnu uRamaphosa ubebhalele umahluleli uLedwaba ecela ukuba lamarekhod­i avalelwe njengoba ethi aqukethe iminingwan­e eyimfihlo ethinta umuntu wesithathu ongeyena uMengameli omangalelw­e. Khona lapho uLedwaba uphinde wathi ukholelwa ukuthi obunye ubufakazi ikakhuluka­zi obumayelan­a nama- eCR17 kanye nezitatime­nde ngemininin­gwane yasebhange u-Adv uMkhwebane ubeyithole ngezindlel­a ezingekho emthethwen­i.

Nokho iHhovisi loMvikeli Womphakath­i liyaphika ukuthi elinakho kwatholaka­la ngezindlel­a ezingekho emthethwen­i. Lithi konke kwatholaka­la ngendlela eqondile njengoba kwatholaka­la esikhungwe­ni esaziwa yiwo wonke umuntu esibizwa nge Financial Intelligen­ce Centre (FIC).

Kodwa iHhovisi loMvikeli Womphakath­i liyaphika lithi konke kwatholaka­la ngokusemth­ethweni njengoba kwatholaka­la esikhungwe­ni esibizwa nge Financial Intelligen­ce Centre (FIC)

 ??  ?? Yizinkumbi ezilindele­ke ezitaladin­i zizwelana noMvikeli Womphakath­i
Yizinkumbi ezilindele­ke ezitaladin­i zizwelana noMvikeli Womphakath­i
 ??  ?? U-Advocate uBusisiwe Mkhwebane
U-Advocate uBusisiwe Mkhwebane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa