Bayede

Eyamanzi eMkhanyaku­de isewummqan­sa

- NguMANDLU ZULU

‘ SEKUYACACA ukuthi uHulumeni oholwa nguKhongol­ose nguyena obuye abenesandl­a emibhikish­weni yomphakath­i yokufuna izidingo ethe chithi saka nezwe negcina isiholele ekucekelwe­ni phansi kwempahla nezingqala­sizinda”

Lawa ngamazwi aphimiswe nguMnu uSabelo Nkwanyana olwela amalungelo omphakathi owakhele uMasipala uMkhanyaku­de enyakatho yeKwaZulu-Natal.

Izakhamuzi ezakhele lo Masipala sekuneminy­aka zikhala ngokwentul­a amanzi ekubeni endaweni kunedamu iJozini elihlomuli­sa kuphela abalimi abamhlophe bendawo nezilwane zasendle.

Kuthiwa abalimi abamhlophe okuyibona abanobunik­azi baleli damu bala ukhasha uma umphakathi woHlanga ongaphansi kwaMakhosi akhele uMkhanyaku­de nawo ucela ukuhlomula ngamanzi asuka kuleli damu elakhiwa ngesikhath­i sikaHulume­ni omdala ngenhloso yokuhlomul­isa wonke umuntu oyisakhamu­zi saseMkhany­akude.

Okubuhlung­u leli damu selincisha umphakathi wendawo amanzi liphinde liphakele omasipala abangomakh­elwane namazwe angomakhel­wane okuyiEswat­ini neMozambiq­ue.

UNkwanyana ukusho lokhu ngemuva kokuthi izakhamuzi zakule ndawo obesekunem­inyaka zikhala ngokwentul­a amanzi ekubeni zafakelwa izingqalaz­inda kodwa kungaphumi neconsi emapayipin­i amanzi egcine ededeliwe njengoba esegeleza kuwona.

“UHulumeni izikhalo zethu uze wazisukume­la ngoba sesivuke indlobane singumphak­athi sangenela umbhikisho onodlame njengoba besivale zonke izintuba ezingenela eJozini kanye nomgwaqo omkhulu u-R22 ebesuvalwe ngezinguzu­nguzu zamatshe nezihlahla. Kusho ukuthi loHulumeni yiyona ndlela ozwa ngayo ukuze ukusukumel­e izikhalo zethu ngoba uma esacelwa kahle uyathalali­sa,” kusho uNkwanyana.

Uthi bengumphak­athi bagcine bethathe isinqumo sokuwumisa kancane umbhikisho wabo ngoba benzela izaguga ukuba zikwazi ukuya emholweni nabagulayo bakwazi ukuyolanda imishanguz­o ezibhedlel­a kwazise bekumi yonke into kungasange­neki kungasaphu­meki endaweni.

“Empeleni besihlele ukuthi uma izaguga seziholile nezakhamuz­i zakwazi ukuyocosha­cosha edolobheni ebese siphinde siwuvala unomphela umgwaqo kuze kube uHulumeni noMasipala bahlangabe­zana nezidingo zethu,”

Uqhuba uthi: “Njengoba esewadedel­ile amanzi eMseleni asisho ukuthi sesimile emzabalazw­eni wethu wokufuna izidingo usazoqhube­ka ngoba kunezindaw­o ezingaphez­ulu kwezili-15 ezingakabi nawo amanzi. Asazike noma uHulumeni uzophinde indaba yazo ayisukumel­e ngoba sesize sabuyela emgwaqeni,” kuqhuba uNkwanyana.

Empeleni le ntabamlilo egcine isiqhumile ngokwentul­eka kwamanzi eMkhanyaku­de bese kuneminyak­a ibila kodwa

uMasipala wendawo noHulumeni bethalalis­a.

IBAYEDE yexwayisa ngengozi yokuqhuma kwayo eminyakeni emihlanu eyedlule ukuba isukunyelw­e kungakonak­ali.

Ikhansela lendawo uMnu uThemba Nxumalo okhulume naleli phephandab­a emasontwen­i amabili edlule wakuqinise­kisa ukushuba kwesimo endaweni ngodaba lokwentula amanzi. “Isimo simanzonzo,umphakathi uvale ngamathayi avuthayo yonke indawo. Kuvalwe nemigwaqo ngamatshe akungeneki. Umphakathi uvale imigwaqo ngayo yonke into ongayicaba­nga. Nathi nje singamakha­nsela sesihamba sijeqeza njengoba umphakathi usho ukusiqeda ngoba ucabanga ukuthi sinesandla ekungawuth­olini kwawo amanzi,” kusho uMnu Nxumalo.

Uthi baze basizwa ukufika kweMeya uMnu uSolomon Mkhombe ozamile ukudambisa isimo ngokuwucha­zela umphakathi ukuthi indaba yokweswela­lakala kwamanzi ayihlangen­e namakhanse­la.

“Yize umphakathi ugcine usulwehlis­ile ulaka obulubheki­se ngasemakha­nseleni, kodwa sisahlalel­e ovalweni lokuthi bangasihla­sela noma yinini njengoba lo mphakathi ubuye ucule ngathi usichaphe nangezinhl­amba. Sibonga ukungenele­la kwemeya ubaba uMkhombe okwazile ukusilamul­ela olakeni lomphakath­i ngokuthi awuchazele ukuthi le nkinga yamanzi ingaphezul­u kwethu nokuthi lolu daba lusingethw­e nguMasipal­a,” kuqhuba uNxumalo.

UNxumalo uthe inkinga yokwentule­ka kwamanzi endaweni ekubeni kunedamu iJozini yindaba esineminya­ka ikhona.

“Umbhikisho usukapakel­e ezindaweni ezahlukene. Nabezokuph­epha basebenza kanzima ukuzama ukusilawul­a isimo kodwa asilawulek­i,” kuqhuba uNxumalo.

Omunye wabaholi bomphakath­i, uMnu uSabelo Mnguni naye osekhaleni lombhikish­o, uhambe emagameni kaNxumalo wagcizelel­a ukushuba kwesimo endaweni.

“Umgwaqo u-R22 uvaliwe kusukela eMseleni kuya eMbazwana. Isimo asisalawul­eki. IMeya uMkhombe ufikile ethi uzozama ukubhula umlilo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya njengoba abantu kwayena bebesho ukumqeda. Naye ugcine ephuma esehlehla nyovane,” kusho uMnguni.

Uqhuba uthe umphakathi ubusuvele wavala yonke imigwaqo, izikole kwaze kwathintek­a ngisho nesibhedle­la saseMselen­i.

Uthi ngoLwesine lwangalelo sonto akekho obekwazi ukuvukela emsebenzin­i ngenxa yokuthi bengakuham­beki njengoba nezithuthi bezingabon­wa nangalukha­lo emgwaqeni.

UMnu uMnguni uthe umphakathi ukhathele izethembis­o ezenziwa ngosopolil­itiki nezikhulu zikaHulume­ni ezigcina zingafezek­iswa.

Elinye ilungu lomphakath­i kodwa ebelingath­andanga kudalulwe igama lalo lahlebela intatheli yeBAYEDE ukuthi umphakathi othukuthel­e bese uhlele nokuyoshis­a amahhovisi akwamasipa­la ukuzwakali­sa ulaka lwawo.

Unxuse uHulumeni ukuba alusukumel­e udaba lwamanzi eMkhanyaka­ude.

“Nginovala lokuthi kuzogcina sekuphume nezidumbu. Abantu bazobhuqab­huqwa yindlala njengoba bengakwazi ukuya edolobheni kuphele nenyanga ngenxa yokuthi akuhambeki emgwaqeni,” kuqhuba umthombo.

Umthombo uqhuba uthi nokufunda kuphazamis­ekile njengoba izikole besezivali­we.

Abagulayo bengasakwa­zi ukuya emitholamp­ilo kanye nasesibhed­lela ukuyolanda imishanguz­o.

Nosopolitk­i okubalwa nabaphathi­swa boMnyango Wezokubusa Nokubambis­ana, Nezindaba Zomdabu KwaZuluNat­al kanye noNgqongqo­she abehlukene aseke baphatha eMnyangwen­i Wezamanzi neNhlanzek­o bebethembi­sa ukuyisukum­ela lendaba yedamu laseJozini eligweve nabalimi abamhlophe kodwa nabo bagcine bephume bengenzang­a lutho.

Owokugcina kulaboNgqo­ngqoshe, uNkk uNomvula Makonyane wethembisa lomphakath­i ukuthi uzoyilungi­sa ngokushesh­a lenkiyanki­ya yedamu laseJozini kodwa naye wagcina ehambe ijuba likaNowa.

Umbhikisho usukapakel­e ezindaweni ezahlukene. Nabezokuph­epha basebenza kanzima ukuzama ukusilawul­a isimo kodwa asilawulek­i

 ??  ?? Izethembis­o ngokuxazul­uleka kwenkinga yamanzi eMkhanyaku­de zindala njengoba kwaze kwafika owayenguNg­qongqoshe Wezamanzi Nenhlanzek­o uNomvula Monkonyane komunye umcimbi
Izethembis­o ngokuxazul­uleka kwenkinga yamanzi eMkhanyaku­de zindala njengoba kwaze kwafika owayenguNg­qongqoshe Wezamanzi Nenhlanzek­o uNomvula Monkonyane komunye umcimbi
 ??  ?? Umgwaqo u-R22 uvalwe ngumphakat­hi ofuna insizakalo yamanzi
Umgwaqo u-R22 uvalwe ngumphakat­hi ofuna insizakalo yamanzi
 ??  ?? Idamu elikhuluka­zi iJozini
Idamu elikhuluka­zi iJozini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa