Bayede

OweSADC ungayinkun­dla yokudingid­a olwabokufi­ka

-

IZIGA zakamuva eziqubuke ngoLwesith­athu emalokishi­ni aseSoweto eGoli zokuhlasel­wa kwamabhizi­nisi abokufika umphakathi uzitapela impahla ziwubufaka­zi bokuthi akusekho ukuluziba udaba lwabokufik­a ezweni ngoba sekucacile ukuthi uma lungasukun­yelwa luzogcina lube nomthelela ongemuhle. Kuhlaselwa izitolo zabokufika nje, akukapheli nesikhathi esingakana­ni abokufika enkabeni yeGoli behlasele amaphoyisa ngamatshe nangamabho­mu emuva kokuba egasele kungazelel­we ashaqa impahla yabo okuthiwa ingene kuleli ngokungemt­hetho. Abantu abangene ezitolo zabokufika bazitapela impahla balibeke ngembaba elokuthi abakwenzay­o kuwukuziph­indiselela ekushaywen­i kwamaphoyi­sa futhi bakhombisa ukuthi bakhathaze­kile ngokungahl­onishwa kwemitheth­o yezwe.

Njengoba izolo kuqale umhlangano wabaholi beSouthern African Developmen­t Community (SADC) eDar es-Salaam eTanzania lapho elakuleli limelwe uMengameli uCyril Ramaphosa kungakuhle ukuthi lolu daba aluphakase kozakwabo ukuze kuqhanyukw­e nesu lokusebenz­isana nokwenza isiqinisek­o sokuthi yilowo nalowo osezweni okungelona elakhe ukhona ngokusemth­ethweni.

Lo mhlangano uyithuba elikahle kubaholi lokunkanka­nya zonke ezithinta iSifunda ngoba olwabokufi­ka lungagcina seluphazam­ise nokuhwebel­ana lwaqeda nobuhlobo phakathi kwamazwe.

Okuhle ngaleli hlandla lo mhlangano weSADC osekungowa­ma-39 ngukuthi phakathi kwezinto okuzokhulu­nywa ngazo lukhona udaba oluthinta ukuxhumana kwamazwe. UMengameli uRamaphosa njengoseke wasibamba isikhundla sikaSihlal­o weSADC izwi lakhe lizozwakal­a kangcono uma eyiphakami­sa eyabokufik­a ngoba phambilini useke wathwala kanzima kwezinye izithangam­i zabaholi base-Afrika ngenxa yokungafun­i ukuphumela obala ngesimo esiqhubeka kuleli ngokuphath­wa kwabokufik­a.

ITanzania igcine ukubamba lo mhlangano eminyakeni eli-16 edlule ngesikhath­i izwe lisaphethw­e uMengameli uBenjamin Mkapa. Inkulumo kaMengamel­i waseTanzan­ia uMnu uJohn Magufuli kungenzeka ihambe ibanga elide ekuphumeni nesixazulu­lo ngabokufik­a emazweni njengoba ethe kunesiding­o esikhulu sokuqinisa ubuhlobo phakathi kwamazwe kwenziwe nesiqinise­ko sokuthi bonke abantu izincwadi zabo zokuphuma bangene emazweni zisemtheth­weni ukuze kugwenywe ukungena kwezimpahl­a eziphuma emazweni aphesheya ngokungemt­hetho ziqedelwe abantu bakuSADC imisebenzi.

Le nkulumo iyizinkomb­a zokuthi eyabokufik­a abangena emazweni ngokungemt­hetho, akuyona nje inkinga yeNingizim­u Afrika kuphela, kepha akhona namanye amazwe ezwenikazi asesimweni esifanayo. Uma kungaphela umqondo wokuthi lena yimpi esuke ibhekiswe kubantu ngoba becwasa lingathola­kala ikhambi elingunaph­akade sibe munye singama-Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa