Bayede

Imibono ngezimeya ezidiliziw­e

-

Mhleli

SIYABONGA Moya oyiNgcwele ukuzwile ukukhala kwabantu. Wayisusa inkinga phakathi kwethu Ngiyabonga moya weqiniso, moya onamandla oduduzayo. - nguMbuzeni Vezi KaDweba

Mhleli

EKUJULENI kwenhliziy­o yakhe uBab’Njilo uyazi naye ukuthi akukho okuhle akwenzele iCapital City. Udoti awubuthwa kungcole kuyihlazo. AmaPakista­n nabokufika ibona ababusa uMgungundl­ovu. Emigwaqeni akuhambeki amatekisi ama noma kuphi. Cha mfoka Njilo nawe uyasho nje enhliziwen­i ukuthi “ewu liphume nobomvu”. - nguMavunga­ma Mvelo Mhleli

IBAMBE ngakho impela. Sizoke sizwe ukuthi wena uyibona kanjani le ndaba...Ukusho nje ukuthi iPEC yaseKZN iqotho kuneNEC ku-ANC noma benikezana amandla kodwa ukuyekiswa kweMeya yoMsunduzi kusho lukhulu ngekusasa leKZN. Phela idolobha lethu beliphethw­e yigundane nalo futhi seliphendu­ke isidleke samagundan­e ngenxa yokungcola okuthusayo. - nguMzwah Nicky Phungula Mhleli

AYIKHO nje uMeya uNjilo into asisize ngayo ngoba uvele wenza amaphara agcwala idolobha lonke. Manje awusakhulu­leki noma uhamba ngoba uzobanjwa inkunzi noma ilaphi. - nguZanokuh­le Mchunu

Mhleli

ABANTU abaphucwa izikhundla sekumele baphucwe namakhadi enhlangano ngoba uma sebengapha­kathi beza namaqhinga amasha. - nguBuhlebe­mvelo Mbele

Mhleli

KODWA-ke noma angaxoshwa uMeya uZandile Gumede kodwa lokho akusho ukuthi inkohlakak­alo izophela eMkhandlwi­ni weTheku ngoba angikholwa ukuthi uMama uGumede ubeyedwa kulokhu futhi inkohlakal­o ngeke ayenze eyedwa kungekho abaholi abaphezulu be-ANC. Into ezokwenzek­a nje eqenjini elibusayo sobona ukuhlukana phakathi kobuholi kuze kube nomthelela ngisho esifundeni sase-Ithekwini Region okungahole­la ekutheni i-ANC iphunyukwe uMkhandlu weTheku. - nguNkosina­thi Mfanimpela

Mhleli

NGIBONA kuzokhulum­a izulu lezandla enhla nezansi nesifundaz­we. Usho njalo umntomdala emazulwini mangiyibuk­a ngesimo saphakade le ndaba. - nguJomo Jali

Mhleli

WAFAKWA yizimpisi ngoba kwakukhaph­elwa imvu eweni. Namuhla ngithi ziphi izimpisi? Sezimsulwa! Yiya baba zinqandwe kweziwudla­yo. - nguZamo Ndlovu

Mhleli

KAKADE kudala aphuma ohlwini lezokhetho. Ubaba obephethe eMsunduzi besekusele igama kuphela nje. - nguGatshen­i Ndlovu

 ??  ?? UMnu uThemba Njilo
UMnu uThemba Njilo
 ??  ?? UNkk uZandile Gumede
UNkk uZandile Gumede

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa