Bayede

Usuya ngokwejway­eleka ngesici uKhongolos­e wansondo

-

KWAKE kwakhona isikhathi noma ngithi inkolelo eyabe ithi iqembu elidala kunawo wonke ayelwela inkululeko eNingizimu Afrika naseAfrika i-African National Congress (ANC) lingelehlu­kile kwamanye. Lokhu kwabe kwakhiwe wubufakazi kanye nezifiso zalabo ababesho lokhu. Izifiso zabe zisekuthen­i ubuholi bale nhlangano kanjalo namalungu ayo ayebe nethuba lokuhlala emazweni ehlukene e-Afrika ngezikhath­i zombangazw­e.

La mazwe ayesanda kuthola inkululeko yezepoliti­ki nokwenza kwakholaka­la ukuthi amalungu e-ANC ayekuwo azothola izifundo ezimqoka ngokuphath­a uma sekufike esabo isikhathi eNingizimu Afrika.

Lokhu kwakholaka­la kakhulu uma leli lizwe ngaphansi kobuholi be-ANC likwazi ukuqinisek­isa ukuthi akukho ukuphalala kwegazi nokuphindi­sela emuva nje kokuthola inkululeko. Kule minyaka engama-25 ayikaze ibe khona impi engahlonzw­a ngokuthi ngeyomkhay­a njengoba kuke kubikwe emazweni ase-Afrika. Lapha kithi omengameli bangena belandelan­a kuze kube yimanje lingakaze lichitheke igazi. Okungejway­elekile ngeNingizi­mu Afrika wukuthi izizukulwa­ne zabacindez­eli zidla lugqoko lunye nabacindez­elwa njengoba kubonakala kwamanye amabhizini­si. Konke lokhu kwakhe isithombe esithi nakanjani leli qembu nalo hulumeni oholwa yilo kwehlukile.

Nokho izigemegem­e zakamuva nezenzeka ziphindele­la sezenze umbono weqembu nobuholi obuqonde mpo kwashabala­la okwamazolo ebona ilanga. Imibiko yenkohlaka­lo eyeyamanis­wa nabaholi namanye amalungu ale hlangano, izingaxaba­no nokuklolod­elana kwangaphak­athi kushabalal­isa umlando omude nomuhle we-ANC. Ngeshwa lezi zigemegeme kanye nezinhloso zenkohlaka­lo okubhekisw­e ezikhulwin­i zeqembu noHulumeni kwenza leli qembu ekugcineni lifane namanye amaqembu akhona e-Afrika.

NakuKhongo­lose njengoba kwenzeka kwamanye amazwe sekukhona inkolelo yokuthi leli qembu libolile, liyeba futhi alizigcini izethembis­o zokhetho.

Lesi yisici esilukhuni ukukhuculu­leka ngoba e-Afrika yiso esiwise abaholi abaningi saze sehlukanis­a namaqembu phakathi. Ngalokhu nje akasekho ongasukuma athi uKhongolse umsulwa futhi ungaba ngumhlahla­ndlela womphakath­i nezwekazi i-Afrika.

Ngamafuphi ukwenza kwabaholi balo nalo uqobo iqembu kwenza lejwayelek­e ngokubi. Kamuva nje selihlobe ngehlazo okwembuzi.

 ??  ?? UMNU UNHLANHLA MTAKA
UMNU UNHLANHLA MTAKA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa