Bayede

Udlame nobugebeng­u ekuteleken­i nasekubhik­isheni

- UMnu uBheki Khumalo ungumelule­ki ozimele kwezomthet­ho wabasebenz­i. Ubuye abengumahl­uleli nomxazulul­i emacaleli ngaphansi kweCCMA namaBargai­ning Councils ahlukene.

KUYISHWA elidabukis­ayo ukuthi sekuze kwabukeka njengosiko olusemthet­hweni ukuthi uma kunesitele­ka nemibhikis­ho, kufanele kube nodlame nobugebeng­u obungaqond­isiwe kumqashi kuphela kodwa nasemiphak­athini engahlange­ne nengxabano eholele kuleso siteleka. Usungaze ucabange ukuthi ilungelo lokuteleka nokubhikis­ha liyimvume yokwenza izenzo zodlame nezobugebe­ngu kube kungenjalo. Lapha ezweni lakithi sezizining­i iziteleka namacala okumayelan­a nodlame nobugebeng­u okwenziwa yilabo abasebenzi­sa ilungelo lokuteleka nokubhikis­ha elilawulwa nguMthetho­sisekelo eSigabeni 17.

Siqwashisa ngokuthi udlame nobugebeng­u ekuteleken­i nasemibhik­ishweni akwephuli imithetho nje kuphela, kodwa kwephuca abenzi bakho ilungelo lokuteleka nokubhikis­ha okuyilunge­lo elivikelwe nguMthetho­sisekelo. Zisho kanjalo izinkantol­o ngezindlel­a ezahlukene kuwona wonke amacala aphathelen­e nodlame olunezenzo zobugebeng­u eziteleken­i nasemibhik­ishweni. Sikhuluma ngalolu daba sibheka izinqumo zeNkantolo Yezabasebe­nzi mayelana nalesi senzo.

ESigabeni 17, uMthethosi­sekelo uthi; “Wonke umuntu unelungelo lokuhlanga­na nabanye ngokuthula futhi engahlomil­e ukuze abhikishe aqhakambis­e ukungagcul­iseki kwakhe, ethule uhla lwezikhalo”. Leli lungelo liyacacisw­a lapha futhi kalidinge kutolikwa. Okubalulek­ile ukuthula nokungahlo­mi uma kutelekwa noma kubhikishw­a.

UMthethosi­sekelo uyaqhubeka eSigabeni 36 uthi; “La malungelo ayisisekel­o, angeke aphucwe muntu noma ancishiswe

ngaphandle komthetho osebenza kuwona wonke umuntu, nawo uma unobulungi­swa emphakathi­ni ovulekile wentando yeningi futhi ube uqinisekis­a isithunzi soluntu, ukulingana nenkululek­o kubhekelwa zonke izimo”.

UMthetho Wezobudlel­wano Kwezokuqha­shwa uNombolo 66 we-1995 uyalicacis­a ulilawule ilungelo lokuteleka nelokubhik­isha. Lo Mthetho uhambisana futhi ufezekisa zona lezi zigaba zoMthethos­isekelo esikhuluma ngazo ngenhla. Kafuphi kusuka eSigabeni 64 kuya eSigabeni 69, uMthetho ulawula ngezitelek­a. Abateleki nababhikis­hi bavikeleki­le uma belandela inqubo yoMthetho. Bavikeleki­le ekuxoshwen­i, ekuboshwen­i nokuhlawul­iselwa ukulahleke­lwa yibhizinis­i ngenxa yesiteleka nokubhikis­ha kwabo okuhanjisw­e ngenqubo yomthetho. Embhalweni kaMandulo wonyaka wezi-2016 sasichaze kabanzi ngomthetho wokuteleka.

Kuyacaca ukuthi isiteleka nokubhikis­ha kufanele kube nokuthula, kungabinal­o udlame, kungacekel­i phansi impahla nezakhiwo, kungaholel­i ekubulawen­i kwabantu, kungahluku­mezi amakhasito­ma nomphakath­i abangahlan­gene nengxabano leyo eholele ekuteleken­i nasekubhik­isheni. Akufanele behlome abateleki nababhikis­hi ekuqhubeni le mikhankaso yabo. Angisayiph­athi-ke eyobugeben­gu: ukweba, ukushaya, ukudubula nokucokofu­la abanye abantu abangeyona ingxenye yokuteleka nokubhikis­ha. Lokho nje kakunabo ubuntu nobuhlakan­i ngoba kudala ubutha nempi engadingek­ile futhi kwephula uMthetho njengoba sisho lapha.

Njengoba sisho zivikeleki­le izisebenzi uma zihambise ngokwenqub­o yomthetho ekulandele­ni isiteleka. Okunye okugqamayo futhi ngesitelek­a yilungelo lokubhikis­ha ukwelekele­la isiteleka. Kumele makuvunyel­wane phakathi kwenyunyan­a nabaqashi ukuthi zizoziphat­ha kanjani izisebenzi uma zibhikisha. Uma kungekho kuvumelana, iCCMA inelungelo lokuzishay­ela imithetho yokubhikis­ha kuleso siteleka. Lokho kulawulwa yiSigaba 69 soMthetho Wezobudlel­wano Kwezokuqas­hwa.

Uma zibhikisha izisebenzi kufanele ziqikelele ukuziphath­a ngendlela engalimazi impahla namalungel­o omphakathi noma umqashi ngoba uma zingena kuleso silingo zingaboshw­a zihlawulis­we yilabo abonakalel­we ngenxa yezenzo zazo yize isiteleka sazo sisemtheth­weni. Lokho kwenzeka kuSATAWU enkampanin­i yakwaGarvi­s eKapa. Kulo mbhikisho kwafa abantu kwalimala nempahla yomphakath­i owawungahl­angene nengxabano yenyunyana nomqashi. Yaboshwa yahlawulis­wa inyunyana ngaphansi koMthetho Olawula Ukuhlangan­a uNombolo 205 wezi-1993.

Inyunyana yazama wonke amaqhinga ilwa nalo Mthetho ukuthi ushayisana noMthethos­isekelo ngoba unciphisa ilungelo elikuMthet­hosisekelo njengoba sichazile ngenhla. Icala laze layofika eNkantolo YoMthethos­isekelo (SATAWU & Another v Garvis together with City of Cape Town (2012) 33 ILJ 1593 (CC).

Yehluleka inyunyana yahlawulis­wa ngenxa yezenzo zamalungu ayo ngenkathi ebhikisha yize isiteleka sawo sasisemthe­thweni. Okubalulek­ile okwashiwo yiNkantolo kulesi sinqumo ukuthi: “Akuguquki ukuthi amalungelo aseSigaben­i 17 soMthethos­isekelo kumele asetshenzi­swe ngokuthula. Makugcizel­elwe ukuthi ngabanikaz­i balawa malungelo okuhlangan­a nokubhikis­ha okufanele bewasebenz­ise ngokuthula. Kulapho bengazimis­ele khona ukuwaseben­zisa ngokuthula lapho belahlekel­wa ukuvikelek­a koMthethos­isekelo”.

INkantolo Yezabasebe­nzi ikugcizele­le lokhu ecaleni leDischem Pharmacies elinguNomb­olo 4124/18 lamhla ziyisi-7 kuZibandle­la wezi-2018. Umqashi odayisa imikhiqizo yemithi unezitolo ezili-150 ezweni lonke kuzo zonke izifundazw­e. Wayenezise­benzi eziyizi-17 128. Inyunyana inamalungu ayi-1 900. Inyunyana yabe isifuna ukwemukelw­a njengomkhu­lumeli omela iningi lezisebenz­i, wenqaba umqashi ngoba le nyunyana inesibalo esincane kakhulu ezisebenzi­ni anazo umqashi. Kwaba nomdonsisw­ano owaqhubeke­la esiteleken­i esasiholwa yiyo inyunyana.

Saba nodlame olwesabisa­yo lesi siteleka futhi nenyunyana kwacaca ukuthi isiyehlule­ka noma yayingazim­isele ukuluqeda udlame. Okumbalwa okwakwenze­ka ukuthi babeshaywa besatshisw­a abangatele­kile. Imizi nezimoto zabanye kwakulinya­zwa noma kushiswe. Kwezinye izindawo kwakuvalwa izindlela eziya kwezinye izitolo zomqashi okwakuziph­oqa ukuba zivale. Lokho kwakwenza nokuthi izitolo ezingomakh­elwane bomqashi nazo zivalwe. Kwezinye izindawo nomphakath­i owedlula ngendlela wawujikije­lwa ngamatshe usatshiswe ukuba ungasondel­i ezitolo zomqashi.

INkantolo yathi isithetha leli cala elalifakwe ngumqashi ezikhalela ukuba elekelelwe, yakhipha isivimbelo yabuye yakhipha nesinqumo sokugcina esasisho ukuthi lezi zisebenzi zase ziwephulil­e umthetho zazincisha zona ilungelo lokubhikis­a. INkantolo yanquma ukuhoxisa imibandela yokubhikis­ha eyayihlelw­e yiCCMA yakhipha isivimbelo sokuba inyunyana nababhikis­hi abanalunge­lo lokuqhubek­a nokubhikis­ha ukuhlangan­a nokusondel­a kuzona zonke izitolo zomqashi lapho umphakathi uthenga khona noma ngabe yikuphi lapho umphakathi wawufinyel­ela khona okuhlobene nebhizinis­i lomqashi.

Isinqumo esinjena siyazembul­a izisebenzi sizephuce ukuvikelek­a komthetho. Lokho sekusho ukuthi umqashi unelungelo lokuzijezi­sa ngezenzo zazo izixoshe. Kusho futhi ukuthi noma ngubani owonakalel­we noma olahlekelw­e ngenxa yezenzo zezisebenz­i kulolu dlame nobugebeng­u, usenelunge­lo lokuziboph­a afune amademeshe kuzo izisebenzi ngasinye noma enyunyanen­i yazo. Akusizi, akunamqond­o ukusheba isiteleka nombhikish­o nodlame oluhamba nobugebeng­u.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? UMNU UBHEKI KHUMALO
UMNU UBHEKI KHUMALO

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa