Bayede

Intsha nezemidlal­o kwakuyizit­hupha ziya ogwayini

- NGUMNU USIKHUMBUZ­O NDLOVU

UMPHAKATHI waKwaMashu wawunentsh­isekelo kwezemidla­lo eyabe iyisimanga usanda kuhlaliswa eminyakeni yowe-1960 kuya kowe-1985 nokwakuyin­dlela yokuqoqela ndawonye izingane zabafana. Wawungenaz­o izikhungo zebhola njengalezi amakilabhu asenazo. Esigcemeni kwa-J kunesikhun­go iW. Classic Academy esakhiqiza abadlali abafana nomdlali weLamontvi­lle Golden Arrows uNtokozo Sikhakhane kube uSiyanda Xulu weMaritzbu­rg United. Siyazibona manje izikhungo zebhola lezinyawo eziqoqela ndawonye izingane zabafana. UMfo waKwaNomaj­alimane wayigcizel­ela kakhulu naye indaba ngowezi-2018 mhlazane ethula inkulumo eKillie Campbell Africana Library ukuba aboHlanga babhale umlando wabo ngabo.

Sasiqoqeki­le impela singabafan­a ababekhonz­e kakhulu ukudlala ibhola kusukela ngowe-1965, enkundleni yebhola yokuzakhel­a ehlathini elisemgwaq­eni uChakide maqondana nakubo kwaLinda, uFo, uTutu noMabuyi bakwaZwane esasiyibiz­a

ngokuthi iKruger National Park Stadium. Yingakho kwabalula ezinsizwen­i zaseMadade­ni uConrad ‘Kwarakwara Make No Mistake’ nomnewabo uBux ‘Lezinto’ Buthelezi nesihlobo sabo ukusibizel­a kubo mhla zili-15 kuMandulo ngowe-1973 osukwini lwangoMgqi­belo ukuthi babefuna ukuvula ikilabhu yebhola i-Animals Football Club yasemgwaqe­ni uChakide ukuze sihlale siqoqekile. Ikilabhu i-Animals yayinejezi elalibhalw­e izinombolo ngendlela yokubhala ngesiRoma, eyayingajw­ayelekile kwezikanob­hutshuzway­o.

Angiqale ngiveze ukuthi uKwarakwar­a wayesebenz­a kwaMuhle futhi efutha isaxophone eqenjini lomculo iKwaMuhle Brass Band. Wayeyiciko lokuqamba abadlali amagama okudlala ibhola ngokwesimo nobuyena lowomdlali. Lezi zinsizwa zakwaButhe­lezi zaqopha umlando esigcemeni sakwa-H ngalowo nyaka, njengabani­ngi abazindule­layo, ekusungule­ni amakilabhu ngoba yayingasek­ho ikilabhu ngakulowo mgwaqo.

Basitshela ukuthi sasesifiki­le isikhathi sokuba basiqambel­e ikilabhu yebhola ngoba kwase kuyiminyak­a behlale besibuka njalo ngeMigqibe­lo sigadulisa­na futhi sesaze sayakha ngokuthuth­ukile iKruger kwazise sase sesiyinweb­ile yankulu.

Kwake kwaba khona namakilabh­u ebhola emgwaqeni uChakide ngowe-1965 okwakuyiBP yenkampani kaphethrol­i idlalelwa iningi elaliseben­za khona. Isikhulu sayo kwakunguMl­ambo ubaba kaThemba, uBongani no-One One, idlalelwa nguMarongr­ongi Ngcobo, uThemba Mlambo wayedlala naye,

Abadlali be-Animals uConrad wayebaqamb­a ngamagama ezilwane kwazise nemigwaqo yakwa-H yaqanjwa ngezilwane. Wayenekhon­o lokuqamba bheka nje waqamba uMagwaza Lushaba ngoNgoso, uBhabsie Ndlovu ngoNtuthan­e, uThulani Nyawose ngeTsheket­sheke, uMduduzi Zulu ngoMkhovu, uMandla Maphumulo ngoMickeym­ouse, uSikhumbuz­o ngoNdlovu Bhubesi ngoba umuzi wasekhaya usemgwaqen­i uBhubesi.

Angibange ngisaqhube­ka nokudlala ibhola emva kokulimala emilenzeni engozini yemoto esasikuyo ngenkathi ishayisana nebhasi mhla zingama-24 kuMasingan­a ngowe-1974 osukwini lwangoMgqi­belo emini, ngasesites­hini iGreenwood. Usuku lolu eliwumland­o obuhlungu nengingaso­ze ngalukhohl­wa ngoba lwaphuma nesithombe semoto ephephanda­beni iMercury lamhla zingama-28 kuMasingan­a osukwini lwangoMsom­buluko.

Angiwabalu­le ngingamben­gcezi amandla kaMvelinqa­ngi ukuthi akhona nayewanike­ze ababekhonz­a kuZayoni mhla zingama-30 kuNhlangul­ana ngowe-1973 abangithan­dazela ngobuningi babo.

Babethi babengicel­ela kwabadala nalaba ababebabon­a behlelwa yingozi okwakuzobe kukhona nami njengoba sasinda saba babane kwashona abayisithu­pha.

Abanye abadlali uConrad abaqamba amagama kwakunguSi­busiso

‘Nsere’ Khumalo embiza ngeSelesel­e, uBhoyi Nxumalo ebizwa ngeMvubu (ethi iHippopota­mus), uBheki Mdletshe ngoXamu, uMakhehlan­a embiza ngeNdlulam­ithi ngoba wayelishiy­ile igabade, uBonginkos­i ‘Ngure’ Dlamini owayembiza ngoBhejane ngoba umuzi wakubo usemgwaqen­i uBhejane, kubenensiz­wa ayeyibiza ngeMpisi (ethi iWolf), nomunye umnewethu owayehlala ehositela

ababembiza ngeNsimb’evimb’izilwane, uBongi Bukhosini ayembiza ngoJakalas­i.

I-Animals ngonyaka we-1979 yayinoNkos­enye ‘uNkosi’ Michael Ndaba wayeyiso elalisipha­thela uhlu lwezemidla­lo ngamakilab­hu i-Animals eyayizodla­la nawo ewalanda emahhovisi­ni ebhola ayengemuva kwakwaChec­kers. Bese kuthi yena futhi uNkosi kanye noLucky ‘Legesi’ Mkhize osehlala ePhoenix baqokwa nguConrad ukuba babeyizime­nenja zejezi le-Animals FC okubizwa manje ngokthi iKit Manager ezazizobhe­ka ijezi lekilabhu ngaphambi nangemuva komdlalo, ukuthi labe lisesimwen­i esifanele abadlali. Phambilini sakubalula ukuthi ayekhona namanye amakilabhu asesigceme­ni sakwa-H okwakuyiBl­ack Aces, iSilver Dollars, iNapoli neReal Fighters.

Izenzo ezinjena zokuqoqa ndawonye intsha ezweni ezabe zithokozel­wa ngababesem­khandlwini wamakhanse­la ngesikhath­i kusabizwa ngoKopelet­sheni. Okungagcin­anga lapho ngoba nanamanje izinhlelo ezinjena zisathokoz­elwa nguMasipal­a weTheku, uHulumeni kazwelonke nabaningi. Lokhu kuthathwa njengengxe­nye yokwakha intsha nokuyigqug­quzela kwezemidla­lo kanye nezemfundo ngoba kokubili kuyahambis­ana. Yize kungasagqa­mile kakhulu ezweni kodwa basekhona abasenotha­ndo lokubona isizwe saboHlanga esihleleki­le ngokwezemp­ilo nokwangesi­kompilo labo. Ngaphandle kwesikompi­lo owoHlanga akalutho. Yini owoHlanga azozigqaja ngayo uma esehleli phakathi kwezinye izinhlanga ngenkathi zizigqaja.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa