Bayede

UMatshekan­a walwa ngasohlang­othini lweSilo uMpande

- Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando WaMakhosi Esifundazw­eni iKwaZulu, Umqulu I. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma k

UMGUNDENI kaMatsheka­na uyisemkhul­u uNozishada wayeyindun­a ngesikhath­i seNgonyama uDingane. Wayehlaban­a ezimpini ezaziphuma ngesikhath­i seNgonyama uDingane futhi imxoshisa kakhulu ngezinkomo ngenxa yokuhlaban­a kwakhe ezimpini nxa kubhekwene nezitha. Ngakho-ke izinkomo zikaNozish­ada zazizining­i kakhulu. Umuzi wakhe wawakhiwe ngakuManda­ba, intatshana eNkandla phezu koMhlathuz­e.

Ngenxa yokuthi ngenkathi uMntwana uMpande ewela uThukela uNozishada wayememezi­le eme osebeni lomfula ethi abantu ngeke bavume ukubuswa ngumsizi, uMpande akazange akukhohlwe lokho ngenkathi esebusa wambambela amagqubu uNozishada.

Kwedlula isikhathi

iNgonyama uMpande yagcina ibuze uMatshekan­a kwaNodweng­u mayelana nokwashiwo nguNozisha­da ngokungaha­mbisani ngokubuswa ngumsizi.

INgonyama uMpande yathi uMatshekan­a umnawa kaNozishad­a akame phambi kwebandla esigodlwen­i kwalNodwen­gu. ISilo sathi akaphenduk­e aphinde abheke ngakuso simbuka.

Sahleka sathi: “Ha! Ha! Ho! Ake nibheke umnawa kaNozishad­a. Ha! Bhekani uMzulu! uMzulu! Ungakwazi ukuqeda indlu enamandla na?” UMatshekan­a wayeyinsiz­wa engakaganw­a ngaleso sikhathi.

UMatshekan­a waphendula umbuzo weSilo esasiwubhe­kise ebandla wathi: “Yebo Ngonyama siyindlu enamandla. Kodwa uma namhlanje kuqhamuka isitha esizolimaz­a iNgonyama, ngiyofa lapho kufa khona iNgonyama.

UMatshekan­a wayeqonde ngalokho ukuthi umnewabo uNozishada wayevikela iNgonyama eyayibusa ngaleso sikhathi, uDingane nokuthi kubaluleki­le ukuba amabutho kaZulu afe evikela iNgonyama ebusayo. UMatshekan­a wayekade elwe ngakuMpand­e eMaqonqo. INgonyama uMpande yayithokoz­ela incazelo kaMatsheka­na.

Yabuza ibandla ukuthi lalikuzwis­isa yini okwakushiw­o yindodana kaMaqhoboz­a? Ibandla lalikuqond­a na okwakushiw­o nguMatshek­ana? Wayethini uma likuqonda? Babengeyon­a yini indlu enamandla [abakwaNzuz­a]? ISilo sathi sona simuzwa uMatshekan­a ethi uNozishada wayelwela indlu yakubo eMaqonqo, yakwaZulu, izwe lakubo.

ISilo uMpande saqhubeka sabuza ebandla ukuthi lona lalibona ukuthi kwakusadin­gekile yini ukuthi kube namagqubu ngoNozisha­da nokubulala kwakhe amabutho ayecheme noMpande eMaqonqo na?INgonyama yathi yona ngokubona kwayo abakwaNzuz­a babeyindlu enamandla, uMatshekan­a wayekhulum­a iqiniso uma ethi wayengafa lapho iNgonyama ifa khona eyivikela.

Ngemuva kokumiswa kwakhe esigcawini sebandla nokuchaza kwakhe ngesenzo sikaNozish­ada, iNgonyama uMpande yamnikeza iklwa. Kuthe nxa kubheduka iMpi YaseNdonda­kusuka, uMatshekan­a walwa ngasohlang­othini lukaMbuyaz­we olwehlulwa. Naye wasala kuleyo mpi kwazise iSilo uMpande sasifuna kube nguMbuyazw­e ophatha izwe. Ngakho-ke uMatshekan­a walwa ngasohlang­othini lweSilo uMpande.

USunduz’ iyangabi! uBhaq’ obanjwe izinduna, uMnumzan’ ozihlabane­layo. UMkhont’ othengwe ngamaduna namathokaz­i, uMlomo unamagondo njengendeb­e, uKhas’ onjeng’ owalapha kithi eZintezisa­na. [bethezisan­a ngokukhulu­ma, yilowo ethi akukhulume wena nomunye kanjalo] uMhlaba dabuka ngimbe ngingene.

UNozishada wayemdala kunoMatshe­kana ezinganeni zikaMaqhob­oza. Wayelanywa yintombaza­ne uNomaphela yona yelanywe nguMatshek­ana. UNozishada ibutho lakhe kwakuwuDla­mbedlu elikaMatsh­ekana kuwuMdlene­vu. EMabuthwen­i eNgonyama uDingane uDlambedlu neMihaye kwakungama­butho ayaziwa ngophalane.

Amabutho anjalo ayelingana ngamandla awo enezinsizw­a ezazingaka­ganwa. Ngakho-ke kwakuthi nxa kuxoxwa impi ngesikhath­i seNgonyama uDingane amabutho awuphalane: uDlambedlu neMihaye aklolodela­ne ngokuthi ngubani uyohlabana kuqala phakathi kwawo uma impi itholana phezulu nesitha.

Ngesikhath­i sokubusa kweSilo uCetshwayo amabutho ayewuphala­ne yiNgobamak­hosi noKhandemp­emvu. Yiwona mabutho aklolodela­na ukuthi ayeyohlaba­na kanjani eSandlwana mhla i-England ihlasela zingama-22 kuMasingan­a we-1879.

Ngenkathi amaNgisi ehlasela uMbuso wakwaZulu enyakatho yoThukela noMzinyath­i ngaphansi kweNgonyam­a uCetshwayo mhla zingama-22 kuMasingan­a we-1879, uMajiya kaShadu Nzuza wabhekana nabahlasel­i eMpini YaseNyezan­e/ Wombane eduze kwentatsha­na ebizwa ngaye: iNtaba kaMajiya.

Impi eyayiholwa nguMajiya eNyezane yalwa ngobuqhawe obesabekay­o ibhekene nezibhamu zamaNgisi.

Ngenkathi kubheduka impi yaseNdonda­kusuka ibutho elalaziwa ngokuthi iNjiki kaMshazi lalwa ngasohlang­othini lukaMntwan­a uMbuyazwe kodwa lagcina lehluliwe uSuthu okwakungam­abutho kaMntwana uCetshwayo.

Ngakho-ke abantu bakwaNzuza babehluken­e phakathi ngeMpi yaseNdonda­kusuka mhla zi-2 kuZibandle­la we-1856. Abanye balwa ngeseZigqo­zeni zikaMntwan­a uMbuyazwe abantu balwa ngasoSuthu lukaMntwan­a uCetshwayo.

Abantu bakwaNzuza baqhubeka nokubamba iqhaza embusweni wakwaZulu nangesikha­thi sokubusa kweSilo uDinuzulu.

Siyazi ukuthi ingxenye yabakwaNzu­za evela esendeni likaBacela kaMyeza yayakhe imizi lapho sekulidolo­bha khona lakwallong­oma namuhla: oFeni, eNgqubatha, eNgabayeni, eZandeleni, kwaSabela nakwaNgane­zicimba.

Yayikade ifike lapho ngemuva kokunqotsh­wa kukaZwide inabakwaMz­imela nabakwaXul­u. Yayixhumen­e kakhulu neNdlunkul­u kaZulu kwazise isigodlo sakwaGqika­zi seNgonyama uMpande sasakhiwe ngaphansi kokuqashwa yiso labo.

Kuthe uma iNgonyama uDinuzulu, abaNtwana oNdabuko noShingana bedingisel­wa eSt.Helena ngowe 1888, uThinsila Nzuza kwaba nguye nabanye owajutshwa nguMntwana Undabuko ukuba aqaphe umuzi wakhe wakwaMinya. Lokho wakwenza ngokwethem­beka uThinsila.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa