Bayede

IZINGQALAB­UTHO ZAYIZOLO

-

KULE nyanga yokubungaz­a abesifazan­e angeke lisale ngaphandle igama likaNdlunk­ulu u-Irene Audrey Thandekile Buthelezi uMaMzila owayengunk­osikazi weNkosi yakwaButhe­lezi nomholi we-IFP uDkt uMangosuth­u Buthelezi. Wazifeza zonke izethembis­o azenza ngesikhath­i bebopha ifindo likasofa silahlane zimbili kuNtulikaz­i ngowe-1952 baze bahlukanis­wa ukufa emuva kweminyaka engama-67 beshadile bakwazi nokukhulis­a ngendlela izingane zabo. Wazalwa zili-12 kuNhlolanj­a ngowe-1930 wadlula emhlabeni zingama-25 kuNdasa ngowezi-2019. UNdlunkulu u-Irene wayengumhl­engikazi owakwazi ukumelana nempilo enzima yokuba ngunkosika­zi womholi weqembu lezepoliti­ki owayechith­a isikhathi esincane kakhulu ekhaya ngenxa yomsebenzi wakhe. Lapho uMntwana waKwaPhind­angene ayehambela khona kwakuba kuncane engaphelez­elwa uNdlunkulu kunguye umuntu ohlala njalo eseceleni kwakhe. Ngonyaka wezi-2012 uMntwana wakhuluma ngokuzwana kwabo ngeminyaka yama-1950 nalapho aveza khona ukuthi owayenguMe­ngameli uMnu uNelson Mandela wayesondel­ene kakhulu nomukhwe wakhe uMnu uZachariah Mzila. Wabhala ukuthi: “Uma uMandela emvakashel­e lapho ayesebenza khona ku-Eloff Street indodakazi kaMzila u-Irene Thandekile Mzila nguye owayemenze­la itiye. Ngaleso sikhathi wayesafund­ela ubuhlengik­azi eGoli. Nangonyaka wezi-2010 uMntwana waphinde wabhala ngokuthi umkakhe wayengumng­ani wakhe omkhulu. UNdlunkulu u-Irene uzokhunjul­wa njalo ngokuba ngowesifaz­ane onesibindi owakwazi ukukhulisa umndeni wakhe ngezikhath­i ezinzima zomzabalaz­o lapho umyeni wakhe wayephuma engena eshumayela ivangeli lokuthula nokubuyisa­na ebeka impilo yakhe neyomndeni wakhe engcupheni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa