Kudingeka iqiniso lonke neqiniso lodwa kwawokuhlukumeza
UMTHETHO omayelana nodlame lwasekhaya iDomestic Violence Act 116 of 1998 neProtection from Harassment Act 17 of 2011 ngokwehlukana kwayo iyakucacisa ukuthi isikhalo ngokuhlukunyezwa kumele kube ngesisuke sesiphindaphindeka.
Ecaleni eliyisibonelo salokhu likaMnyandu v Padayachi ngowezi-2017 esigabeni sama68 kwavela ukuthi indlela yokuziphatha kommangalelwa yayingadingi ukuthi ayekwenza kuze kube uyakuphindaphinda kodwa kwacaca kwasekuqaleni ukuthi unezinhloso ezingezinhle. Ngaphezu kokuhlukunyezwa kwadingeka ukuthi umehluleli asebenzise umthetho iProtection from Harassment Act, kuleli cala ukuze kuvikelwe ummangali.
Ecaleni lika Silberberg v Silberberg, Silberberg v Silberberg and Another ngowezi-2007, 2008 nowezi-2013, inkantolo yakhuluma kabanzi ngezimiso zomthetho iDomestic Violence Act, icacisa ukuthi kudingeka ukuthi kube nochungechunge lokuphindelela kwezinto ebezenzeka ngaphambilini ukuze kwenziwe isiqiniseko sokuthi lokhu akuqhubeki ukwenzeka ngisho nasesikhathini esizayo.
Kumele kukhunjulwe ngaso sonke isikhathi ukuthi yomibili le mithetho inhloso yayo akukhona ukuthena amandla nokukhalima labo okuvela ukuthi bangabahlukumezi kugcine ngokuthi bangathathelwa zinyathelo ngendlela yokuziphatha kwabo.
Indlela yokuziphatha ebonakalisa ukuhlukumeza ngokocansi kungaba yinto emehlweni omunye ebonakala njengento encane kokunye kube sengathi ohlukunyeziwe uthathe ngamawala ngoba ubedlaliswa.
Akudingi ukuthi kuze kube wukuthi ohlukunyeziwe aze abonakale ngezimpawu zokwesaba kuze kudingeke ukuthi avikelwe ngandlelathile ukuze inkantolo ibone ukuthi uhlukunyeziwe. Ecaleni likaS v Baloyi noNgqongqoshe Wezobulungiswa kanye nabanye esigabeni se-17 umehluleli wakubalula ukuthi inhloso yokungenelela ngokukhipha umnqamulajuqu wokuvikelwa kohlukunyeziwe akukhona ukuxazulula inkinga yodlame lasekhaya noma ukujezisa kodwa ngukuba kutholakale ikhambi ukuze kugwenywe ukuthi isimo esifanayo siphinde senzeke esikhathini esizayo.
Uma kulandelwa umthetho kubalulekile ukuthi wonke amacala okuhlukunyezwa abikwayo abhekisiwe ngokwerhlukana kwezigaba zawo kubhekwe nalowo osuke ezofaka icala ukuze ozothatha isinqumo ekugcneni akwazi ukwehlukanisa phakathi kokuyiqiniso nokungelona.