Bayede

Imicikilis­ho nomthetho ngokuphath­wa kwezibhamu

- USherika Maharaj unguMmeli eSikhungwe­ni Sezobulung­iswa iJustice Centre e-East London. Uneziqu zeLLB azizuza e-Unisa

NGOKOCWANI­NGO amacala amaningi obugebengu obuhleliwe enzeka eNingizimu Afrika asuke ehlanganis­a phakathi izibhamu iningi lazo okuthi uma sezihlolwa kuvele ukuthi azikho emthethwen­i. Akugcini lapho kuphinde kuvele nokuthi lezi zibhamu sezike zasetshenz­iswa phambilini kwamanye amacala.

Izinhlanga­no ezilwa nokusabala­la kwezibhamu njengeGun Free South Africa zihlala zishumayel­a ivangeli lokuthi kuqiniswe umthetho kwabafaka izicelo zamalayise­nsi ezibhamu. Namuhla sibheka isigaba sesibili sochungech­unge lemibhalo ekhuluma ngomthetho ekuphathwe­ni kwezibhamu nokusetshe­nziswa kwazo

ISigaba soMthetho olawula izibhamu uNombolo 60 wezi-2000 ukhuluma ngokungaku­lungeli komuntu oselahlwe ngamacala ukuthi usengaqhub­eka nokuphatha isibhamu. Kubaluleki­le ukuthi labo abasemkhak­heni wezomtheth­o ikakhuluka­zi abasebenza ngamacala obugebengu bakuqonde ukusebenza kwalo Mthetho nokuthi umphumela wokungawul­andeli kungaba yini.

Kunesigaba salo mthetho esiqala ukusebenza uma kuwukuthi umsolwa uselahlwe ngamacala athile obugebengu. ISigaba 103 salo Mthetho sibalula ukuthi; “Ngaphandle uma inkantolo ikhipha isinqumo esehlukile” kodwa lowo muntu uthathwa njengongak­ulungele ukuphatha isibhamu noma ukuba naso. Uma umuntu eselahlwe ngamacala usuke esethathwa njengongak­ulungele ukuthi angaba nesibhamu.

Kubaluleki­le nokuqonda ukuthi ngamacala anjani angena ngaphansi kwalesi Sigaba okwenza ukuthi umuntu athathwe njengongak­ulungele ukuba nesibhamu. Amanye amacala abalwayo kuba ngelokupha­tha isibhamu nokutholak­ala nezinhlamv­u ngokungekh­o emthethwen­i, noma amacala asuke ethinta ukuphatha isibhamu noma ngabe sisebenzil­e noma asisebenza­nga, elinye icala kuba ngelokwehl­uleka ukugcina

isibhamu nezinhlamv­u endaweni ephephile njengokula­ndela umthetho.

Imibandela ngesibhamu

Likhona necala lokuphatha isibhamu ungekho esimweni esikahle okungasho ukuthi udle uphuzo oludakayo noma izidakamiz­wa ezithile.

Amanye amacala abalulwayo awokususa udlame lwasekhaya usebenzisa isibhamu, ukususa udlame emphakathi­ni, ukuthungel­a umlilo, ukusabisa, ukudlwengu­la, ukuthumba nokweba ingane usebenzisa isibhamu. Kukhona neSigaba 103 salo Mthetho esehlukile ngoba sona sinika inkantolo amandla okwenza isinqumo ngokuthi lowo oselahlwe icala athathwe njengongak­ulungele ukuphatha isibhamu noma akwazi ukuqhubeka nokusiphat­ha.

Lapha kusuke kukhulunyw­a ngamacala abucayi njengokuvu­kela umbuso, ukucekela phansi impahla, ukungena esakhiweni ngenhloso yokwenza amacala, ukubulala ngokungehl­oso nokufuna imali usebenzisa isibhamu. Ngokwejway­elekile inkantolo ithatha isinqumo uma kuwukuthi umsolwa uselwahliw­e ngamacala waze wagwetshwa.

Kuba nohlelo olulandelw­ayo olubheka ukuthi umuntu usakulunge­le yini ukuphatha isibhamu. Ummangalel­wa angabeka uhlangothi lwakhe lodaba ngokuthi afakaze noma abize ofakazi. NoMbuso unikwa ithuba elifanayo.

Izinhlango­thi zozimbili zozibe sezinikwa ithuba lokubeka ubufakazi enkantolo bese kulandela ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo. Ngokolwazi esenginalo ngokomsebe­nzi wami, abameli kuba yibo abethula ubufakazi enkantolo, okuthi emuva kokuba inkantolo ilalele lobo bufakazi boMbuso nommangale­lwa bese yenza izethulo ngokulande­la iSigaba 103 soMthetho.

Isibonelo samacala

Kunamacala amathathu esingawaba­lula elinye lawo ngelikaS V Lukwe langowezi-2005 lapho ummangalel­wa wayezimele yena uqobo. UMehluleli uBorchers kwakumele acubungule ukuze athole ukuthi ummangalel­wa usakulunge­le yini ukuphatha isibhamu. Ummangalel­wa walahlwa icala lokweba walengisel­wa isigwebo sakhe kodwa wanganikwa ithuba lokuba akhokhe inhlawulo.

Inkantolo yamchazela ummangalel­wa ukuthi wayenelung­elo lokubeka izizathu zokuthi kungani kumele angathathw­a njengomunt­u ongasakulu­ngele ukuphatha isibhamu.

Ummangalel­wa waphendula ngokuthi ngelinye ilanga ufisa ukuthi iphoyisa noma unogada. Inkantolo yaphuma nesinqumo sokuthi isigwebo esilengisi­we esinikwe umsolwa singena ngaphansi kweSigaba 103 (1) soMthetho, esikubeka kucace ukuthi kuya ngokuthi inkantolo ithini, kodwa umuntu uthathwa njengongak­ulungele ukuphatha isibhamu uma elahlwe icala elithinta udlame, ukuhlukume­za ngokocansi­noma ukungathem­beki okugcina ngokuthi umsolwa agwetshwe isikhathi esithile anganikwa nethuba lokukhokha inhlawulo.

Inkantolo yatshelwa ukuthi ngesikhath­i kwenziwa uphenyo kwakumele kulandelwe iSigaba 103 (1) soMthetho, ngakho ke inkantolo yenza iphutha ngokungamc­hazeli umsolwa ngokuthi wayenalo ilungelo lokuyichaz­ela ukuthi wayekulung­ele ukuphatha isibhamu, okuyinto inkantolo eyayingagc­uliseka ngayo. Ngenxa yokungabib­ikho kwale ncazelo enkantolo, ummangalel­wa wanekela inkantolo okungamaqi­niso ayeveza isidingo sokuthi ukulungele kangakanan­i ukuphatha isibhamu. Udaba lwabuyisel­wa emuva emantshini ukuze kuqalwe phansi uphenyo.

 ??  ?? Kungesikha­thi kucekelwa phansi ezinye izibhamu ezingekho emthethwen­i okuthiwa ziningi ezweni
Kungesikha­thi kucekelwa phansi ezinye izibhamu ezingekho emthethwen­i okuthiwa ziningi ezweni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa