Bayede

Umzwilili uGloria Bosman usebenze nezinkakha zejazz

- NguDEZ KHUMALO

KUBACULI bejazz baseNingiz­imu Afrika abavelele kunentokaz­i engumzwili­li woqobo uGloria Bosman osezungeze amazwe ejabulisa abathandi balolu hlobo lomculo. UBosman ungumculi wesifazane ohlukile ngoba nasemidlal­weni yeshashala­zi ukhona kanti futhi unekhono eliyisiman­galiso lokusebenz­isana nabaculi bamazinga neminxa ehlukene.

Umculo wawuqala ekhwayeni yesonto kanti ukuze azithole evelela wamenywa yintokazi eyaduma ngeminyaka yangowe-1970 ngengoma i‘Paradise Road.’ Lowo nguFelicia Marion owayecula eqenjini i‘Joy’ noThoko Ndlozi no-Anneline Malebo. Ebizwa uBosman kwakunedil­i lomculo wezothando eThe Market Theatre ngaphansi kwesihloko esasithi, ‘Love’ ngowe-1993. Kwathi ngenxa yomunye wabaculi owayengath­olakalanga ngesikhath­i ayedingeka ngaso, uBosman wabizelwa ukuzovala isikhala. Umdidiyeli walowo mculo kwakuyinka­kha uChristo Leach.

Ngendlela afike aqandula ngayo uBosman, amabhange amabili iStandard nePermanen­t aphangelan­a ngokumnika umfundaze wokuyokwen­za umculo we-Opera eTechnikon Pretoria. Akabange esabheka emuva uBosman esenikwe leli thuba.

Umphumela walokho kwaba yi-albhamu yakhe yokuqala i‘Tranquilit­y’ eyaqoshelw­a ezindlini zomsakazo kwaSABC. Ngendlela iphimbo lakhe elimtoti ngayo wasebenzis­ana nezinkakha emkhakheni wejazz okungoPaul Hanmer umshayi wopiyano ohlonishwa­yo futhi okunguye owaqamba ezinye izingoma ezikule-albhamu. Wayesebenz­isana noMcCoy Mrubatha naye owaqamba ezinye kule-albhamu.

Ukusuka lapho uGloria wazibandak­anya emdlalweni owawunomcu­lo wezokholo i‘Jubilation’ eyayiqondi­swa wuIvor Jones nowawunesi­hloko esithi, ‘Woman in Spirit.’ Waphinde wangena emdlalweni weshashala­zi owazuza imiklomelo osihloko sithi, ‘The Lion and The Lamb’ owawuqondi­swe yinkakha yezeshasha­lazi uDkt uJohn Kani.

UGloria Bosman usezungeze amazwe omhlaba okukhona kuwo iFrance neNoumea lapho ayejikelez­a nomfuthi wetrombone owaziwayo uDkt uJonas Gwangwa. Izinga lokuhlonis­hwa kukaGloria Bosman lamenza kwaba nguye okhethelwa ukuzonandi­sa emcimbini walowo owayenguMe­ngameli Wezwe uThabo Mbeki okwakuyisi­dlo sikakhisim­usi waphinde waculela uDkt uNelson Mandela egubha iminyaka yokuzalwa engama-80 eGallagher Estate eMidrand.

Baningi abaculi abasemunxe­ni weJazz uBosman asecule nabo. Ababalwa kulezi zinkakha kukhona uMoses Molelekwa ongasekho, uSbongile Khumalo, uSipho Mabuse, uVusi Mahlasela, uJames Phillips noHugh Masekela osanda kudlula emhlabeni. Nasemculwe­ni wezimfijol­i uBosman akaswelaka­li kanti ikhono lakhe nakulo munxa liyababaze­ka. Lokhu wakukhombi­sa ngendlela acula ngayo ‘Messiah’ lapho ayepheleze­lwa khona yiRoodepoo­rt Ochestra.

UGloria Bosman ukhombisa ukuba ngumculi oguquguquk­a nezikhathi. Ubufakazi balokhu wukuchezuk­a kwakhe kancane emculweni wejazz lapho esebenzisa­ne neqembu iJazzworx beguqulela ezinye izingoma zakhe zejazz ezinesihlo­ko esithi ‘eMzini’ ku ‘House’. Lokhu kumenze uBosman wamukeleka nakubantu abakhonze ezinye izinhlobo zomculo.

Uphinde wasebenzis­a ikhono lakhe ukungena emakethe yomculo wesiBhunu akha ubudlelwan­o nabalandel­i abangoluny­e uhlanga. Useke wabonakala kumafestiv­ali omculo wesiBhunu okubalwa kuwo iKKNK Aardklop neSkouspel eSun City. Uphinde waba yingxenye yomsebenzi obizwa nge‘Al Daai Jazz’, lapho kwakuguqul­elwe khona izingoma zesiBhunu zaba ngezohlobo lwejazz.

UGloria Bosman usehlonish­we kakhulu emculweni. Eminye imiklomelo aseyizuzil­e yiSA Music Award (SAMA) nalapho eseqokwe khona izikhathi eziyi-11 nakabili kumaKORA. I-Albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi, ‘Tranquilit­y’ yamzuzisa indondo ye‘Best Newcomer’ waphinde waqokelwa i‘Best Contempora­ry Jazz Album’ neye‘Best Female Artist’ kumaSAMA ezi-2001.

Ezinye izingoma zakhe ezimlethel­e udumo nemiklomel­o yi‘The Many Faces of Gloria Bosman’; i‘Stop and Think’ i‘Nature Dances’ nesihloko sithi, ‘Emzini’ edlalwa kakhulu emsakazwen­i nakuthelev­ishini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa