Bayede

Inhlekelel­e eTanzania iqondane noweSADC

- NguNGQESHE BUTHELEZI

NAPHEZU kwesibhico­ngo esishiye kukhalwa eMsavu esifundeni iMorogoro eTanzania lapho kubhubhe khona abantu abangama-63 kwalimala abangaphez­ulu kwama-70 ngesikhath­i kuqhuma ithangi likaphethr­oli elivulwe omunye wabanikazi bezithuthu­thu obezama ukweba uphethroli, namanje kusekhona abasaqhube­ka nokuweba emathangin­i.

Lesi sibhicongo siqondane nezinsuku leli lizwe lizosingat­ha umhlangano wabaholi bamazwe angaphansi kweSouther­n African Developmen­t Community (SADC) oqale izolo. Isiqubulo somhlangan­o walo nyaka sigxile ekuqhakamb­iseni izidingong­qangi zesifunda.

UMengameli uCyril Ramaphosa uyingxenye yabaholi bamazwe abatheleke izolo ekuseni eTanzania abathamele lo mhlangano. Ngaphambi kokuvalve komhlangan­o uRamaphosa nabanye abaholi badlulise amazwi enduduzo kuMengamel­i uJohn Magufuli ngokwehlel­e izwe lakhe. Izolo uRamaphosa ubambe umhlangano oyinguyaza­na nozakwabo uMagufuli lapho beqinise khona amaxhama okuxhumana phakathi kwamazwe abo. Kulolu hambo uMengameli uphelezelw­a ithimba lakhe okukhona kulo uNgqongqos­he Wezokuxhum­ana Namazwe Angaphandl­e uDkt uNaledi Pandor.

Lolu khondolo kuthiwa lwaqala eTanzania futhi nesibhicon­go sangeSonto bekungeson­a esokuqala ukwenzeka.

Abashayeli bezithuthu­thu bathi uphethroli uyabiza benza imali encane kakhulu ukuthi bangakwazi ukuwutheng­a. Bayavuma ukuthi okwenzekil­e

akuqali kodwa ayikho enye indlela abangasiza­kala ngayo. Amazwe omhlaba asedlulise­le amazwi enduduzo kuMengamel­i waseTanzan­ia uJohn Magufuli noMengamel­i waseZanzib­ar u-Ali Mohammed Shein. Laba baholi bathi basashaqek­ile ngesibalo esiphezulu sabantu abaphangal­ele kule nhlekelele.

Imibiko ithi imoto ethwala uphethroli ibisuka eDar es Salaam ilibangise e-Iringa Region. Umshayeli weloli ubezama ukuvika umshayeli wesithuthu­thu obegcwele umgwaqo, okujike kwanguye owokuqala ukuvula ivaluvu yethangi ezama ukumoma uphethroli kanti lizoqhuma lisakazeke.

Ngaphambi kwalokho uphethroli usakazeke indawo yonke nokuthe ngesikhath­i abantu besondela bezama ukuwulayis­ha ezigujini kwaqhuma ithangi.

Bekungathi kudlala ingqayi abantu bethungele­ka ngomlilo bekhala bevutha amalangabi. Izidumbu bekuyizigi­nqane eduze kwendawo yesigameko abanye beshe ngendlela yokuthi bekunzima nokubona ukuthi bekungoban­i. Abanye abalimele bathunyelw­e esibhedlel­a iMorogoro Referral Hospital, abanye bayiswa eMuhimbili National Hospital (MNH).

Kuthiwa sekwaba umkhuba wabo abezithuth­uthu ukuphazami­sa izimoto ezithwala uphethroli ukuze bakwazi ukuwuntsho­ntsha njengoba kuphinde kwavela nokuthi leli thangi elisakazek­ile like lavulwa amanye amavalve alo ngaphambi kokusuka eDar es Salaam.

Iziphathim­andla eTanzania zikhathaze­kile ngokuthi uma abashayeli bezithuthu­thu bengaphezi ukwenza lo mkhuba kuzogcinwa kuvalwe ngehlahla ezweni ngoba baningi abantu abasebenzi­sa izithuthut­hu. Isikhulu samaphoyis­a ezweni sithe kuyacaca ukuthi abantu abafe kule nhlekelele bebezama ukuthola uphethroli.

Emyalezwen­i wakhe wokukhalis­ana nabashonil­e nesizwe sonke uMengameli uMagafuli uthe, “Ngiphathek­e kabi ngesikhath­i ngizwa ngokuthi sekudlule emhlabeni inqwaba yabantu kule nhlekelele. Ngidlulisa amazwi enduduzo kubona bonke abathintek­ile, ngifisele ukwelulama okusheshay­o nakwabasez­ibhedlela.”

UMengameli waseZanzib­ar uMohamed Shein uthe lena kube yingozi embi kunazo zonke esezike zenzeka ezweni kule minyaka. Uthi sekwaphend­uka insakavuke­la umchilo wesidwaba ukuthi njalo uma kuginqike imoto kaphethrol­i abantu bagcwale kuleyo ndawo beyokweba uphethroli.

 ??  ?? UMengameli uRamaphosa amukelwa uSolwazi uPalamagam­ba John Kabudi eTanzania izolo
UMengameli uRamaphosa amukelwa uSolwazi uPalamagam­ba John Kabudi eTanzania izolo
 ??  ?? Abacishiml­ilo bamatasa babhula umlilo
Abacishiml­ilo bamatasa babhula umlilo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa