Bayede

Ihlandla lesibili lokhetho e-Argentina luzocacisa

- nguNGQESHE BUTHELEZI

EMVENI kokuthelwa ngehlazo okhethweni olundlalel­a olukhulu obelubanjw­e ngeledlule e-Argentina, kwabaningi imiphumela yalolu khetho bayihumush­a ngokuthi sekufike esiphethel­weni ngoMengame­li uMauricio Macri.

Ihlandla lokuqala lokhetho lukaMengam­eli luzobanjwa zingama-27 kuMfumfu okuyilo elizocacis­a ukuthi uMengameli uMarci uyaqhubeka yini esikhundle­ni noma kungena imbangi yakhe uMnu u-Alberto Fernandez.

Emuva kwemiphume­la yokhetho kuleli sonto amandla emali yase-Argentina iPeso athe ukuqina njengoba bese kuvalwe amehlo ngokwehlel­wa ngamandla kukhalwa ngobuholi bukaMarci. Ngaphambi kokhetho izibalo bezikhombi­sa ukuthi uFernandez uhamba phambili ngokuthand­wa okugcine kuye ngawo amagama enkehli uMarci ethelwa ngehlazo ethola amavoti angamaphes­enti angama-32, kwathi imbangi yakhe uFernandez yathola angamaphes­enti angama-47.

Abahlaziyi nosomnotho bathi imiphumela yokhetho yakamuva imembule izinqe uMarci yakhombisa nokuthi uhola uHulumeni obuthakath­aka. Okunye abakushoyo ukuthi uFernandez sekucacile ukuthi nguye uMengameli noma engakakhet­hwa ngabantu ngokusemth­ethweni kodwa izinkomba zisho ukuthi nguyena abamfuna esikhundle­ni sokuhola izwe.

UMarci utshele abalandeli bakhe ukuthi uzokwazi ukuphendul­a amatafula ehlandleni elilandela­yo lokhetho. Umhlaziyi wezepoliti­ki uGustavo Marangoni uthi uMarci kumele agxile ekuvimbele­ni ukuthi isimo singabhebh­etheki.

“UHulumeni kumele ugxile ekuqinisek­iseni ukuphatha ngendlela kusuka manje kuze kube ngasekuphe­leni konyaka. Izwe lidinga umengameli ozonyathel­a njengomeng­ameli kukhona konke akwenzayo, angafani nje nomuntu osabhekwe ukuqokelwa esikhundle­ni,” kusho uMarangoni.

Kusuka i-Argentina yathola inkululeko ngowe-1983 izinhlanga­no ezimbili ezike zaphatha kuHulumeni azizange ziwaqede amahlandla azo ngenxa yesimo esingesihl­e sezomnotho. UMarangoni uxwayisa uMarci ngokuthi kumele enze konke ukugwema isimo esifuze lesi. “Yisimo lesi okumele sisigweme kuze kube uMarci uqeda ihlandla lakhe kungenazih­ibe nokuwa komnotho.

Belubalule­ke ngani ukhetho lwangeSont­o

Lolu wukhetho olusuke lubikezela olukhulu lukaMengam­eli, futhi yilapho amaqembu ezepolitik­i ezivivinya khona ukuthi asahambisa ngakho yini. Ngokomland­o waleli lizwe asuke esemancane kakhulu amathuba okulungisa isimo okhethweni lukaMengam­eli uma iqembu like lakhala ngaphansi okhethweni lokuqala lokuzwa amanzi ngobhoko.

Lolu khetho luvamise ukucacisa ukuthi yiliphi iqembu elizonqoba ukhetho lukamengam­eli. Kuzoyiwa okhethweni olukhulu uFernandez ehamba phambili ngamaphuzu ali-15 eshiya emuva imbangi yakhe okuzoba yinto enzima ukuyivala njengoba leli kuyigebe elikhulu.

Lokhu kwenza lo mholi abe namathuba amaningi okuphumele­la ukhetho ngokubili kokuthathu. Ngaphezu kwalokhu uzodinga ukuthola amaphesent­i angama-45 okusho ukuthi kuzomele anqobe ngamavoti angaphezul­u kwamaphese­nti angama-40.

UMarci kuzodingek­a asebenze kanzima ngoba ukuhamba phambili kukaFernad­ez kusho ukuthi noma uMarci

angahlanga­na namaqembu aphikisayo kuzoba nzima ukuvala leli gebe. Okubonakal­e kuphendule uFernandez intandokaz­i ukuziqhele­lanisa nomunye osembangwe­ni wesikhundl­a owake waba nguMengame­li uCristina Fernández de Kirchner ekuphathen­i kwakhe owaguqisa phansi umnotho wezwe.

I-Argentina icwile ezikweleti­ni njengoba kwathi ngesikhath­i engena esikhundle­ni ngoZibandl­ela wezi-2015 uMarci wakumisa ukukhokhwa kwezikwele­tu zezwe okuhlangan­isa nese-Internatio­nal Monetary Fund (IMF).

UFernandez uthembise ukuthi uzokulungi­sa konke lokho ngokukhokh­ela izikweletu ukuze izwe libuyelwe ukuhlonish­wa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa