Bayede

UMnu uMandla Hendriks Nkosi umpetha kwezoMasip­ala

- NguSOLWAZI u-OEHM NXUMALO

WAFUNDELA ubuthishel­a. Wafundisa eZezwe eVungu High School. Wavelela eqeqesha othisha e-University of Zululand engamele uhlelo lwababethu­thukisa imfundo yabo ophikweni lwasOlundi naseVryhei­d.

Emva kwesikhash­ana wathungath­elwa isikhundla sokuba nguMphathi kuMasipala wakwaMbona­mbi (Mfolozi Municipali­ty). Waziqhuba ezifundwen­i zokuphatha wagogoda waze wayophatha koMasipala abanesabel­ozimali ezinkulu njengaseKi­ng Cetshwayo District Municipali­ty, eRichardsb­ay.

Sekuphele isikhathi sakhe lapho wacelwa ngaboMnyan­go Wezokubusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zomdabu uCogta ukuphatha koMasipala abasuke benezinkin­ga zokungabi nabaphathi okwesikhas­hana. Kwesinye isikhathi bekuba ngoMasipal­a uCogta athi kabahambis­i kahle bese kuphatha yena okwesikhas­hana athathe amandla kaSodolobh­a noMphathi kaMasipala. Ushone engamele uMzinyathi District.

Ngumsebenz­i odinga ingqondo, amakhono avelele nobuqotho kanye nokukwazi ukuchazela ikakhuluka­zi abasuke bekade bekweletwa nguMasipal­a. Izizathu zikaMasipa­la zokungakho­khi zisukela ekucwaning­eni ukuthi umsebenzi wenzeke ngakho yini, ekungabi nazo izimali zokukhokha okwesikhas­hana, ekulandele­ni kahle inqubo yokukhokha ngokwesivu­melwano.

Umphathi ozokwengam­ela lokhu akakwazi ukuthi athi angafika nje athi akukhokhwe engazange athathise kahle ukuthi kwenzakala­ni kulowo ophethe izimali zomkhandlu, uChief Financial Officer.

Abasuke bekweletwa basuke bengasenan­hliziyo yokulinda bafake isikhalo ukuthi akuphenywe lo ozokwengam­ela ukuthi akasabakho­kheli ngani.

Umsebenzi wakhe uwuphathe ngobuchwep­heshe obungandil­e.

Exoxa nozakwabo, kanye nothisha bakhe ababemfund­isa ONgoye (umbhali walesi siqephu ongomunye wabo) ubekuphawu­la ukuba semqoka kokufundis­a imiphakath­i ngokuthi izinhla zikaHulume­ni zihamba kanjani. Impumelelo kaHulumeni ilele futhi ikufundise­keni komphakath­i ofisa kuhlangats­hezwe izidingo zabo.

Isekutheni futhi labo abaqashwa nguHulumen­i ukuba bamsize ngemiseben­zi, bachazelwe ngokwanele ukuthi wonke umuntu udinga ukwenza okufanele nokusemthe­thweni ukuze umcwaningi mabhuku akhiphe umbiko omsulwa ekupheleni konyaka. Amaphepha kufanele aqonde athi ngqo kuyo yonke imikhakha.

Abaningi bazomangal­a ukuthi kwayena enguMlungi­si wokuningi obekufanel­e kuqondiswe koMasipala, bese kuphele izinyanga ezine engaholi. Ubengeze aziholela kanti kukhona okufanele balungise amaphepha ngendlela esemthethw­eni bese bemholela ngokwenqub­o ebekiwe eyogculisa uMcwaningi­mabhuku ezimali ukuphela konyaka.

Ukuzilungi­selela kwakhe umsebenzi wokuphatha koMasipala kufakazelw­a yiziqu zakhe namadiplom­a nezitifike­ti ezahlukene.

Emva kokuqeda uBA, i-UED, iB.Ed Honours e-University of Zululand, wabe esegxila ezifundwen­i ezazimthut­hukisa kakhulu ekuphathen­i izikhungo ezidinga ukudepha kokwazi kwezobuhol­i, zokuphatha nokulawula izabelozim­ali nenqubomgo­mo yezimali zikaHulume­ni.

Wenza ucwaningo ohlelweni lweMBA, iPost Graduate Diploma in Business Studies, iManagemen­t, Marketing and Financial Management (Buckingham­shire University (UK), iCertifica­te Programme in Leadership Developmen­t (CPMD (Wits), iMunicipal Managers’ Certificat­e (University of Durban Westville).

Wavakashel­a eChina , eMalaysia, eTurkey, eGermany, e-United Kingdom, eSwitzerla­nd naseFrance ukuze atholele umasipala usizo lwezimali zokuthuthu­kisa imiphakath­i.

Lapho esebenze khona kakuphumpu­thwa ukuthi waqalani, waphumelel­isani, wabathuthu­kisa kanjani ayesebenza nabo, wadalwa ubudlelwan­o obunjani phakathi kukaMasipa­la nomphakath­i, wakukhutha­za kangakanan­i ukukhuthal­elela intuthuko nokubamba iqhaza lokuba ibe khona kulabo ababeyidin­ga.

Ulaka olukhulu oluke luvele lubangwa yikugqoza kosizo, ukuqongele­leka okukhulu kwezinswel­o osekulukhu­ni ukuziqeda masinyane. Izinkinga futhi zike zibangwe ukungaqond­i kahle ukuthi amakhansel­a anamaphi amandla, nayikungak­hokhelwa kukaMasipa­la yilabo abasebenzi­sa ugesi namanzi.

Kuyishwa elihlehlis­a yonke into kakhulu ukubulala imigwaqo nokunye okuyizingq­alazizinda uma kubhikishe­lwa izimfuno. Le yinkinga edinga ukubambisa­na kwayo yonke imikhakha ohlangothi­ni lukamasipa­la nasohlango­thini lomphakath­i.

Ngochwephe­she abafana nalabo okufanele bacwaninge beluleke ukuthi wonke amandla abantu abanawo bawasebenz­isele ekusombulu­leni izinkinga beholwa ngobuchwep­heshe nangobuqot­ho.

Ube yisibonelo sokuthi ukuhleleka, ukonga, ukuba nombonotal­agu mayelana nokuzimela kuyini. Uthenge iplazi elincane, wafuya izinkomo, wakha ihholo, waqala kancane kancane akha izindlu zokulala amaB&B. Kukho konke lokhu ubesebenzi­sa aboHlanga, ngakho kwazuza umphakathi oNsundu.

Ubelekelel­wa ngunkosika­zi wakhe uMaMkhatsh­wa oneziqu kwezokulim­a obesebenza kwaHulumen­i isikhathi eside. Wagcina esulile ukuze azobheka umsebenzi wabo esesiwushi­lo. Nalapho kudaleke imisebenzi eminingi yentsha yaboHlanga.

Ezalwa ngamakholw­a nasenyuves­i wenza izifundo zobufundis­i. Uyise, uNkotheni Nkosi noZihlalel­e uMaNgema. Ungumfowab­o kamama kaMfundisi uHawu Mbatha, uNkk uNokusa MaNkosi Mbatha.

Ushiye unkosikazi wakhe uNkk uHoney Busisiwe MaMkhatshw­a Nkosi, izingane: uPhiwinhla­hla, uSakhile, uSiyabonga, uSindisiwe nobabekazi uNkk uNokusa Evelyn MaNkosi Mbatha.

Uzofihlwa eVryheid mhla zili-17 kuNcwaba ngowezi-2019. Inkonzo iyokuba seBlack Horse Hall ngele-09h00.

 ??  ?? Umufi uMnu uMandla Hendriks Nkosi
Umufi uMnu uMandla Hendriks Nkosi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa