Bayede

Iphephe yavikeleka kangakanan­i impilo nempahla yabantu?

- NguThemba Xolani Zikhali Mbazwana, KwaMhlabuy­alingana

NGIYAFISA ukuba sike siyibhekis­ise kafushane lena yokuthi ngabe impilo kanye nempahla yomphakath­i wakithi ivikeleke kangakanan­i ezenzweni zobunswela­boya, kanye nje-ke, nasebugebe­ngwini obukhunget­he leli lizwe lakithi.

Ngibuza lo mbuzo nginokuyiq­onda yonke imizamo kaHulumeni, kanjalo kanye neyezinhla­ngano ezikhathaz­ekile ngalesi simo esikhunget­he izwe.

Ngiyakuqon­da futhi nokuhlukum­ezeka kwansuku zonke ngesimo sokudungek­a kozinzo lokuphepha komphakath­i, kanye nempahla yawo.

Benginogqo­zi lokuba sike sibheke ukuthi ngakube inkambiso kanye nemithetho yezwe yona inawo yini umuzwa ofanayo nowethu esingabagi­lwa, ngakube imigomo elawula ezobulungi­swa, ukuqondisw­a kwezigwegw­e yona iyalukhulu­ma yini ulimi oluzwelana nathi njengabahl­ali abahlukume­zekayo.

Umbuzo omkhulu yilona othi, imithetho yezwe yona kambe isivikela kangakanan­i njengoba ukubulala umuntu sekwafana nokubamba inkukhu ehhokweni maqede uyinqume ngommese!

Usuke uzwe umuntu ekhuluma ethi: ‘Bamshayile’ eqonde ukuthi ‘bambulele.’

Isizathu salokhu kukhuluma, wukuthi ukufa komuntu kubukeka sekwaphele­lwa yisithunzi, ngendlela yokuthi ukubulala umuntu, sekulingan­iswa nokushaya empilweni yanamuhla.

Ngakube nemithetho yezwe nayo izigameko ezifana nalezi izibona ngendlela efanayo yini nalabo abakhuluma kanjalo na?

UMthethosi­sekelo wethu ukhuluma ngamalunge­lo angidalela isilonda esingaphol­i enhliziywe­ni.

Ilungelo lempilo: Isigaba (11) phecelezi

Ilungelo lomuntu oboshiwe: Isigaba 35 (1)

Ilungelo lomuntu otokile: Isigaba 35 (2)

Ilungelo lomuntu obekwe icala: Isigaba 35 (3)

Nangaphezu­lu kwalokhu okungenhla, kunolimi olukhuthaz­wayo, lokuba wonke umuntu okulesi sigaba esingenhla abizwe ngegama lika‘msolwa’ ngenxa yokuthi amalungelo ezwe ayasilulek­a ukuba senze njalo kuze kube ufunyanwa yinkantolo enecala kumbe emsulwa.

Le nto kumele ithathwe kanjalo ngokuthobe­la umthetho, ngisho ngabe ubufakazi bungakanan­i obuvele bukhona emphakathi­ni kwelokuthi izinsolo abekwe zona ziyaqinise­kiswa ngalo womuntu.

Ayikho inkinga kukho konke lokho,kodwa into ebuye idide ukwenza, wudaba lwamalunge­lo amaningi ngesikhath­i esisodwa kumuntu owenze icala elibucayi emehlweni omthetho, kanjalo nasemizwen­i yomphakath­i.

Phakathi kokunye,icala elibucayi njengeloku­bulala umenzi liyamnika ilungelo lokuba msulwa, aphinde athole usizo lomthetho, ngezindlek­o zoMbuso, nakuba lokhu kusho empeleni izindleko zentela kamufi.

Lolu sizo lusuke luhlose ukuba umsolwa abe sethubeni elingcono lokubeka udaba lwakhe enkantolo, nokuyinto engase kwesinye isikhathi iphethe ngokumenza abe msulwa ecaleni abekwe lona.

Ngamanye amagama angagcina ngokufuman­iseka engenacala, kube kanti umndeni kamufi uyatabalas­a ngempilo ngenxa yakhe.

Umbuzo uthi likuphi ilungelo likamufi kanye nosapho lwakhe oluphenduk­a izintandan­e emuva kwayo yonke le nto?

Ngakube sivikeleke ngokwanele yini ezweni ngenxa yale nqubo? Abanye ukubulala sebaziphil­isa ngakho ngenxa yokungesab­i ukuba ‘buthuntu’ kwezobulun­giswa ezweni lakithi.

Ayikho yini enye indlela yokubukela eduze lolu daba oselwaleth­a ingebhe ezakhamuzi­ni zakithi?

Uthini uHulumeni, zithini izinhlanga­no ezibhekele­la amalungelo esizwe, lithini iHhovisi loMvikeli Womphakath­i, athini wona amaqembu aphikisayo?

Ngibuka ukuthi sesifikile isikhathi sokuvuthuz­a yonke inqubo engasileke­leli ezweni lakithi maqede sibuke izindlela ezintsha zokusebenz­ela isizwe sakithi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa