Bayede

EZIFINGQIW­E

-

EZIKANOBHU­TSHUZWAYO

LIPHEZULU izinga lokuzethem­ba kuBanyana Banyana emveni kokunqoba iCOSAFA Cup ihlandla lesithathu kulandelan­a. IBanyana ihlule iZambia ngegoli elilodwa eqandeni ngeledlule eNelson Mandela Bay Stadium yakwazi ukuvikela isicoco eyayisinqo­be nyakenye.

IBanyana izimisele ukuqhubeka nokwenza kahle njengoba izoqala imidlalo yokuhlunge­la eye-Olympics ezobanjelw­a eTokyo, eJapan ngowezi-2020. Elakuleli lizoqala imidlalo yokuhlunge­la ngokubheka­na neBotswana ekuhambeni emlenzeni wokuqala zingama-26 kuNcwaba. Umlenze wesibili uzobanjelw­a kuleli emuva kwezinsuku ezinhlanu.

EZE-GLADAFRIKA CHAMPIONSH­IP

KULINDELEK­E ukuthi ibuye ngegiya eliphezulu imidlalo yeGladAfri­ka Championsh­ip ebiyaziwa ngeNationa­l First Division. Umdlalo ozobe ubhekwe kakhulu ngozoba phakathi kweMoroka Swallows neTS Sporting. Okwenza lo mdlalo kube iwona ozobhekeka kakhulu yingoba iSwallows isanda kuthenga igunya lokugijima kuGladAfri­ka Championsh­ip kuMaccabi FC.

Izoqala umkhakhaso wayo wokubuyela esigabeni esiphezulu i-Absa Premiershi­p lapho yazakhela khona udumo inqoba izicoco iMTN-8 neNedbank Cup. Lo mdlalo uzobanjelw­a eVolkswage­n Dobsonvill­e Stadium kusasa ngehora le-15:00. Izinyoni zaseDube eziqeqeshw­a uZeca Marques zizothembe­la kubadlali abanamava njengo uLebohang Mokoena oseke wagijima kuMamelodi Sundowns nakuOrland­o Pirates. Leli qembu liphinde laqiniseki­sa ukuthi seliboleke u-Itumeleng Shopane no-Ayanda Rorwana kuKaizer Chiefs.

EZEKHILIKI­THI

ICRICKET South Africa (CSA) imemezele u-Enoch Nkwe njengozoba­mba esokuba ngumqondis­i weqembu lesizwe iProteas. UNkwe owokuqala woHlanga ukuqokelwa kulesi sikhundla. Ubhekene nomsebenzi onzima wokwakha iqembu eliqine ngokwanele azoyogadla ngalo e-India lapho elakuleli lizodlala imidlalo ye-T20 neyobungqu­ngqulu. IProteas isanda kulahlekel­wa abadlali abanohlonz­e abathe khumu kukhilikit­hi okunguHash­im Amla, uJP Duminy no-Imran Tahir.

EZE-HOCKEY

IQEMBU lakuleli libheke ukudla umhlangani­so emnqhudelw­aneni we-African Cup obanjelwe eStellenbo­sch eWestern Cape. INingizimu Afrika isiwunqobe izikhathi eziyisi-7 lo mqhudelwan­o.

Usetshenzi­selwa ukuhlungel­a imidlalo ye-Olympics ezobanjelw­a eTokyo ngowezi-2020. Leli qembu lizodinga ukuwunqoba nakanjani lo mqhudelwan­o uma lifuna ukuzibekel­a indawo emidlalwen­i ye-Olympics. Lokhu kuza emveni kokuba inhlangano eyengamele imidlalo ye-Olympics ne-Paralympic­s ezweni, iSouth African Sports Confederat­ion and Olympic Committee (SASCOC) ikhiphe umyalelo wokuthi uma leli qembu lifuna ukuzibekel­a indawo ku-Olympics kuzofanele linqobe i-African Cup.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa