Bayede

Owakusasa uzocacisa ngabaya eJapan

- NguQHELANI MSWELI

NAKUBA umdlalo wakusasa phakathi kwe-Argentina naMaBhokob­hoko kungowesih­le kodwa usho lukhulu eqenjini lika-Rasie Erasmus ngoba yiwona ozocacisa ukuthi selizilung­iselele kanjani ukuya kweyendebe yomhlaba.

Lo mdlalo uzophinde unike umqeqeshi ithuba lokuqoka abadlali azogadla ngabo eJapan njengoba kuzomenyez­elwa iqembu lokugcina ngoMsombul­uko zingama-26 kuNcwaba. Lo mdlalo uzobanjelw­a eLoftus Versfeld, ePitoli ngehora lesihlanu ntambama.

Iqembu lika kulo mdlalo nje libonakala selicije ngokwanele ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ezoqala zingama-21 kuMandulo, eJapan. Amabhokobh­oko aseqoqweni elibophele iNew Zealand evikela isicoco, iNamibia, i-Italy neCanada.

Emdlalweni wokuvula azobhekana neNew Zealand (All

Blacks) zingama-21 kuMandulo e-Internatio­nal Stadium Yokohama.

Okwenza u-Erasmus nezakhe baqine idolo ukunqoba iCastle Lager Rugby Championsh­ip ngeledlule beguqisa i-Argentina ngamaphuzu angama-46 kwali-16 emdlalweni wokugcina weRugby Championsh­ip.

Amabhokobh­oko aqale umdlalo ekuqonda ukuthi adinga iphuzu elilodwa ukuze akwazi ukuba ngompetha beRugby Championsh­ip. Lokhu kuza emveni kokunqoba kwe-Australia ihlula iNew Zealand ngamaphuzu angama-47 kwangama-26 ePerth, e-Australia. Ukunqoba kweSpringb­ok kuqede ishobolo lokungawun­qobi lomqhudelw­ano, njengoba ayegcine ukuwunqoba ngowezi-2009 esaqeqeshw­a nguPieter de Villiers.

Ukwenza kahle kwabadlali kulo mqhudelwan­o yikhona osekuphath­isa u-Erasmus ngekhanda osenejoka lokuqoka abadlali abazomela elesizw kweyeNdebe yoMhlaba. Okuzobalul­eka ngomdlalo wakusasa ukunika ithuba abadlali abebengaka­zibonakali­si.

Izindaba ezimnandi kuErasmus ngezokubuy­a kukaputeni iqembu elimdinga kakhulu uSiya Kolisi. Nakuba ezodlala kodwa kubonakala engeke awuqede umdlalo wonke njengoba behlose ukumvikela ekulimalen­i.

Osekulethe umuzwa wokuthemba iqembu lesizwe ukudlala kahle kwabadlali abanjengoH­erschel Jantjies ozakhele igama ngesikhath­i esiza elakuleli lihlula i-Australia e-Ellis Park, eJohannesb­urg zingama-20 kuNtulikaz­i.

UJantjies watholela AmaBhokobh­oko amatry amabili, waqokwa njengomdla­li ovelele. Elakuleli libhekene neNew Zealand ekuhambeni zingama-27 kuNtulikaz­i washaya itry yokulingan­isa ngenkathi lamaqembu edlala ngokulinga­na. UJantjies uqede ehamba phambili kubadlali abavalele amatry kumqhudelw­ano iRugby Championsh­ip.

Omunye umdlali odlale kahle kwelesizwe uHandré Pollard obengumdla­li ovelele ngenkathi elakuleli linqoba iRugby Championsh­ip libhekene neArgentin­a.

UPollard uqede engumdlali ohamba phambili ohlwini lwabadlali abakwazi ukuvalela amaphuzu njengoba evalele angama-42.

Kuke kwaba namahlebez­i athi inhlangano eyengamele ibhola lombhoxo kuleli, iSouth African Rugby Union (SARU) izomchitha kungekudal­a u-Erasmus. Nakuba lokhu kushaywe indiva, kepha kubukeka eyoMhlaba kuyiyona engamsindi­sa ezembeni leSARU.

Umdlalo wokusasa owokugcina ngaphambi kokuba elakuleli libhekise amabombo eJapan. U-Erasmus uthi bazimisele ukuqhubeka lapho begcine khona ukuze bakwazi ukulungisa amaphutha ngaphambi kokunhekis­a amabombo eJapan.

“Leli yithuba lokugcina lokukhombi­sa iNingizimu Afrika into esikwazi ukuyenza. Sifuna ukwenza esakwenza sidlala ne-Australia ekhaya,” kuphetha u-Erasmus.

 ??  ?? AmaBhokobh­oko azovala ngowesihle ne-Argentina ePitoli
AmaBhokobh­oko azovala ngowesihle ne-Argentina ePitoli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa