Singayinqoba i-English Premier League: Kane
UHARRY Kane ongumgadli kuTottenham Hotspur (Spurs) ukholelwa ukuthi kule sizini bangakwazi ukunqoba i-English Premier League (EPL) kulandela ukukwazi ukuqinisa iqembu ngesikhathi sokuthengwa nokudayiswa kwabadlali.
ISpurs iwuqale kahle umgqigqo wayo ngokubhaxabula omakoti ku-English Premier League i-Aston Villa ngamagoli amathathu kwelilodwa ngoMgqibelo.
EzikaMauricio Pochettino, iSpurs, ziqede endaweni yesine kulogi yangesizini eyedlule. Zaqeda endaweni yesibili ngesizini yowezi-2016/2017, ngesizini yowezi-2017/2018 zaqeda endaweni yesithathu.
Ngenhloso yokwenza ncono kule sizini iSpurs isiqinise iqembu ngokusayinisa abadlali abanjengoTanguy Ndombele odakuba eFrance, uGiovani Lo Celso wase-Argentina noRyan Sessegnon wakhona e-England. Ukuthengwa kwabadlali ngale ndlela kuleli qembu indlala yokungathengwa kwabo amasizini amabili elandelana.
Ukutheza kweqembu nokuqala kahle isizini sekwenze uKane akholelwe ekutheni iSpurs ingawudla umhlanganiso kule sizini. Uthe ngesizini eyedlule bakwazile ukuncintisana kodwa bayilahla ekupheleni kukaMasingana. “Njengoba iLiverpool iqale kahle nathi kufanele singabe sisasalela emuva,” kusho uKane.
“Siyakholwa ukuthi singakwazi ukudla umhlanganiso yize iseyinde indlela yingakho sithenge abadlali ukuze sikwazi ukuqinisa iqembu, nabadlali baphinde bakwazi ukulwela ijezi. Sinabadlali abakulangazelele ukunqoba, nabadlali abasha bazimisele futhi benza kahle. Sizodinga wonke umdlali ukuthi azinikele ngaso sonke isikhathi ukuze sikwazi ukunqoba isicoco se-EPL,” kusho uKane
Okuzophinde kusize iSpurs ukungahambi kwesihlabani uChristian Eriksen odabuka eDenmark odlala esiswini. Bese kunemibiko yokuthi angase asayine kuManchester United noma iReal Madrid yaseSpain. Kugcine kungenzekanga lokho njengoba kuphinde kwavela imibiko ethi lo mdlali unqabile ukuyogijima kuleli qembu nokumjabulise kakhulu uKane.
“Sengidlale iminyaka eyisithupha no-Eriksen futhi siyawazi amava akhe, ushaya amagoli, awakhande futhi uphasa kahle ibhola. Usinika yonke into eqenjini noma ngabe uwuqalile umdlalo noma cha,” kusho uKane.
ITottenham Hotspur izogadulisana neManchester City (Man City) evikela isicoco seEnglish Premier League e-Etihad Stadium kusasa ngehora le-18:30. IMan City ibhaxabule iWest Ham United ngamagoli amahlanu eqandeni yathumela umlayezo ngezinhloso zayo zokuvikela isicoco.
IManchester City izofuna ukubuyisa izinduku njengoba yathola induku kowe-Uefa Champions League yowezi-2019. EzikaPep Guardiola, iMan City, zahlulwa iSpurs emdlalweni wamaquaterfinal eChampions League yangesizini yowezi-2018/2019.
Emdlalweni wokugcina we-EPL la maqembu ebhekene iSpurs yanqoba ngegoli elilodwa eqandeni.