Ubungozi besifuba sezwe esingagcina singangungubele
Induku ishaya imviki futhi idla enyameni muva nje. Abebaziwa njengochwepheshe bokuvika, njengoba bephethe ezobunhloli ezweni lonke, uMhlonishwa u-Ayanda Dlodlo neSekela lakhe, uMhlonishwa uZizi Kodwa, sekuvele okushaqisayo ngabo.
Izingcingo zalaba bobabili kuthiwa zicushiwe, okwenza kube netwetwe lokuthi ingabe zingakanani izimfihlo zezwe ezingawela ezandleni ezingafanele. UMnyango Wezobunhloli kunoma yiliphi izwe, ungumgogodla wezimfihlo zezwe. Uma lezo zimfihlo zingawela ezandleni zezitha kungaba lula ukuqumba phansi uMbuso.
Akubona bodwa oNgqongqoshe uDlodlo noKodwa, abacushelwe izingcingo njengoba nezinye izikhulu zikaHulumeni eziseminyangweni esemqoka nebucayi, izingcingo zazo kutholakale ukuthi zicushiwe nazo. Akucaci ukuthi ngubani owenza lo mkhonyovu wokucupha izingcingo zabaholi, nokuthi iyini inhloso yakhe. Udaba lolu selubikelwe amaphoyisa kanti yiwona aphezu kophenyo. Okhulumela uphiko lwezobunhloli, iState Security Agency (SAA), uMnu uMava Scott, uthi abenzi balokhu basesifundazweni iGauteng.
“Icala silivule eGauteng ngoba sinezinsolo eziqinile zokuthi abantu abakulo mshikashika bakuleso sifundazwe. Lokhu kuqale ukubonakala ekuqaleni kwaleli sonto ngesikhathi kukhona abantu abebethola imiyalezo evela kuMhlonishwa uKodwa, ekubeni engazange abathumelele yona. Sesibeke konke ezandleni zamaphoyisa ukuthi aphenye,” kucacisa uMnu uScott.
Akukhona okokuqala ukuthi uMnyango nophiko lwezobunhloli kugetshengwe kuleli lizwe. Ekuqaleni kwale nyanga, ekomkhulu lalesi sikhungo, ePretoria, kwantshontshwa izizumbulu zemali o k wa kungatholakala n g a ukuthi yakhwatshwaniswa kanjani nokuthi ngubani. Uphiko noMnyango, kwake kwaba sehlazweni futhi ngesikhathi uDkt uSiyabonga C wele, e s e nguNgqongqoshe wawo. Inkosikazi kaDkt uCwele, uSheryl Bathokozile Cwele, waboshwa wagqunywa iminyaka ejele, njengoba esadonsa namanje, ngokuba nda kanye k a kwakhe ekushushumbiseni izidakamizwa, okwatholakala ukuthi ubesekwenze iminyaka eminingi.
UDkt uCwele, wathi wayengazi ukuthi umkakhe uhamba amazwe omhlaba eshushumbisa izidakamizwa. Waboswa noMnu uFrank Nabolisa, odabuka eNigeria, kodwa obenamabhizinisi eGauteng. Bobabili basadonsa.