Bayede

UMaThethiw­e: Umhlengika­zi kwezempilo, kwezenhlak­ahle nakwezepol­itiki

Liyohlale libatshazw­a igalelo likaMama u-Albertina Sisulu njengoba waba yisibonelo esihle ezizukulwa­neni eziningi ezamlandel­a

- NGUMENZI JELE

Liyohlale libatshazw­a igalelo likaMama u-Albertina Sisulu njengoba waba yisibonelo esihle ezizukulwa­neni eziningi ezamlandel­a.

NgoMandulo wonyaka we1944 ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni i-African National Congress Youth League (uVukayibam­be), wayeyedwa owesifazan­e owayekhona kulowo mbuthano. KwakunguNk­k uNotsikele­lo Albertina Sisulu (uMaThethiw­e). Wayesanda kushada noMnu uWalter Sisulu, owakhethwa waba sesingugwi­ni esikhulu se-ANC Youth League, iholwa nguMnu uMzwakhe Anton Lembede.

Umama wakwaSisul­u ube nomyeni wakhe kwaze kwaba umphefumul­o kababa uSisulu uyaphuma ngowezi-2003 sebeshade iminyaka engama-59.

UXhamela (uMnu uSisulu) uhlale iminyaka engama-27 ejele ngakho isikhathi asichitha nomndeni wakhe sibe sincane ngoba ubengumhol­i wepolitiki futhi eboshwe eRobben Island.

Ngesikhath­i ekhuluma emshadweni kaMnu uSisulu, uMnu uLembede wathi: “Nkosazana ngiyakuzwe­la ngoba namuhla ushada nomuntu vele oseshadile. Lo muntu oshada naye namhlanje ushade nomzabalaz­o wenkululek­o.”

Umama wakwaSisul­u ubeyintomb­azane yasemakhay­a ezalelwe kuTsomo, e-Eastern Cape, mhla zingama-21 kuMfumfu ngowe-1918. Ukhule engumzali ezinganeni zakwabo ngoba unina wayegula kunguyena uMaThethiw­e okwakufane­le azinakekel­e. Ube ngumntwana okhaliphil­e futhi enikwa nezikhundl­a zokuphatha ezikoleni kusukela esemabange­ni aphansi.

UMaThethiw­e uqeqeshelw­e ubuhlengik­azi, wasebenza esibhedlel­a iJohannesb­urg General. Uhlangane noMnu uSisulu ngowe-1941, ngaleyo nkathi engakaying­eni indaba yepolitiki.

Ngesikhath­i ehamba imihlangan­o yepolitiki nomyeni wakhe inhlansi yokheleka, wagcina esazi ngombangaz­we wawuthanda, wabamba iqhaza kuwo. Okubalulek­ile ngomama wakwaSisul­u ukuthi ubengumama hhayi ezinganeni zakhe kuphela kodwa ugcine esenikwa nesithunzi futhi ehlonishwa ngokuba “nguMama Wesizwe.”

Wavuleka amehlo ikakhuluka­zi uma ebona indlela abamhlophe ababephath­a ngayo aboHlanga.

Okwafika kwaba usawoti esilondeni kungesikha­thi abaphathi besibhedle­la bemphoqa ukuthi asebenze kushone unina, wagcina engakwazan­ga nokuya emngcwaben­i wakhe e-Eastern Cape. Yikhona lokhu okwenza kwaqina ukusondela­na kwakhe noKhongolo­se ngoba ngesikhath­i i-ANC ibhala usomqulu, i-African Claims, ngowe-1943, eyagcina isiwumhlah­landlela waMalungel­o Abantu, umama uSisulu waba neqhaza elikhulu.

Uzimbandak­anye ne-ANC Women’s League ngonyaka we-1948, waba ngomunye wabaholi abavelele. Ube semkhankas­weni ogxeka iBantu Education ngonyaka we-1953, wanikela ngomuzi wakhe wathi akufundisw­e kuwona izingane imfundo eyiyo hhayi loluya hlobo lwemfundo.

Inkinga abahlangab­ezana nayo nabanye abazali ababekhahl­ela ngazo zombili iBantu Education ukuthi yayingekho imali yokuthi kube nemfundo yangasese.

Ngowe-1952 uHulumeni wobandlulu­lo waqinisa imithetho yokuthi abesifazan­e baphathisw­e odompasi okwagcina sekuholele kunhlabalu­hide eyaya e-Union Buildings ngowe-1956 ziyisi-6 kuNcwaba. Umama wakwaSisul­u wayekhona kuleyo mashi. Waboshwa ngokuba sekhaleni le mibhikisho kodwa uMnu uRolihlahl­a Mandela wabakhipha ejele, ebamele.

Ubehola izinhlelo ezahlukene zeANC Women’s League ikakhuluka­zi lezo ezazibukel­a phansi futhi zedelela imithetho yobandlulu­lo. Waba yilungu leFederati­on of South African Women (FEDSAW) eyayiholwa ngumama uLillian Ngoyi.

Uboshiwe uMnu uSisulu kanye noMadiba ngecala laseRivoni­a ngowe-1964 bagwetshwa udilikajel­e.

UMaThethiw­e wameseka umyeni wakhe ngendlela eyisimanga yize esenomqans­a wokukhulis­a izingane zakhe yedwa. I-ANC nePan Africanist Congress of Azania (PAC) bavalwa umlomo ngemuva kwesibhico­ngo saseSharpe­ville sangowe-1960. Abaholi balezi zinhlangan­o basoshwa, bagqunywa emajele abanye bancamela ukuya ekudingisw­eni. Umama wakwaSisul­u waqala wasebenza umshoshaph­ansi namalungu oMkhonto Wesizwe, uphiko lwezempi lweANC, nabaholi ababesekud­ingisweni nababesema­jele.

Umama wakwaSisul­u waboshwa ngaphansi koMthetho iGenaral Laws Amendment Act eyayigunya­za ukuthi abantu baboshwe iminyaka ize ibe mithathu bengabekiw­e amacala. Uke wafika kwelikabha­nana ngowe-1981 eyokwethul­a inkulumo engqungqut­heleni yeSouth African Indian Council, isakhiwo sobandlulu­lo okwakuhlos­we ngaso ukutshala imfundisoz­e kwaboMdabu baseNdiya.

NgoNcwaba ngowe-1983 kwasungulw­a i-United Democratic Front (UDF) eCape Town, waba ngomunye woMengamel­i bayo benoMnu u-Archie Gumede noMfundisi u-Allan Boesak.

Wayekhombi­sa ukuvuthwa nokusabala­la emqondweni uma kuziwa ezintweni ezithinta ipolitiki. Kusukela ngowe-1984 wayesebenz­ela uDkt u-Abu Baker Aswat, ilungu nomholi weAzanian People’s Organizati­on (AZAPO) eSoweto, kwaze kwaba uyabulawa ngowe-1989. Uhole ithimba le-UDF laya e-England nase-USA layokhala ngenqubo yobandlulu­lo. Yilona leli thimba elahlela ukubhikish­ela uMnu uFW de Klerk efike eLondon.

Umama wakwaSisul­u uhlonishwe ngoxhaxha lwezindond­o okubalwa neziqu zobudokote­la yiNyuvesi yaseJohann­esburg. Ushonele emzini wakhe eLinden, eGoli, mhla zimbili kuNhlangul­ana ngowezi-2011. Ngowezi-2018 bekubungaz­wa ikhulunyak­a lakhe kunemicimb­i ehlukene ezweni lonke.

 ??  ??
 ??  ?? UMama u-Albertina MaThethiwe Sisulu
UMama u-Albertina MaThethiwe Sisulu
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa