Bayede

Iyolala ibonene phakathi kwezaseSow­eto

Ukuhlabahl­osa komdlalo wezimbangi ezindala kuzokwenza abalandeli bahlale beklolodel­ana ngisho usuphelile

- NguSabelo Maphumulo

Kule mpelasonto kunemidlal­o emikhulu kanobhutsh­uzwayo kuleli naphesheya kwezilwand­le okuyiyo engase icacise ukuthi ngobani abasemathu­beni okuthatha indebe ye-Absa Premiershi­p, Spanish La Liga neSerie A.

“Kuhole ngisho uhlanya”. Le nkulumo ijwayele ukukhuluny­wa uma kuphele inyanga lokho kusho ukuthi wonke umuntu uyazijabul­isa ngandlela thize njengoba izobe ingenile imali emabhange.

Kule mpelasonto abantu bazobe begcwele izinxanxat­hela zezitolo beyothenga okuthize, abanye bazobe behambele izindawo zokucima ukoma. Kodwa ngehora lesithathu ntambama iningi labantu lizobe lise-FNB Stadium abanye behlezi emakhaya bebukela umdlalo omkhulu kuleli obandakany­a i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs.

Kulo mdlalo la maqembu adinga ukunqoba nakanjani, ikakhuluka­zi iChiefs uma ifuna ukuqhubeka nokuvula igebe esicongwen­i.

IChiefs eyaziwa ngokusekwa abantu abaningi kuleli izobe ithwele kanzima.

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane akakufihla­nga ukuthi uzobe eseka iPirates kulo mdlalo, lokho kusho ukuthi bonke abalandeli beSundowns bazobe beseka eziMnyama (iPirates). Abadlali bamaBrazil­ian (iSundowns) bazobe bewuthamel­e kahle lo mdlalo njengoba bazobe sebedlalil­e namhlanje emdlalweni weCAF Champions League.

IChiefs inamaphuzu angama-45 emveni kwemidlalo engama-20, iPirates esendaweni yesithathu inamaphuzu angama-39 emdlalweni engama-21. Ukuqhuzuka kweChiefs kuzonyusel­a iPirates endaweni yesibili, ukunqoba kwayo izovula igebe lamaphuzu ayisi-7.

Yize uFadlu Davids oyisekela mqeqeshi wePirates ehlangula iqembu lakhe ekutheni lizibhekil­e ukunqoba isicoco se-Absa Premiershi­p, kodwa iqiniso lithi usho okungekhon­a. IPirates neChiefs sekunesikh­athi bagcina ukujabulis­a abalandeli babo ngokunqoba isicoco, lesi seligi isona kuphela esibasalel­e kule sizini njengoba sebekhishi­we nakuNedban­k Cup.

Kulo mdlalo izitobha zawo womabili amaqembu zizothwala kanzima njengoba enabagadli abavutha bhe. Ngasohlang­othini lwePirates kunoGabadi­nho Mhango osevalele phakathi amagoli ali-14, kuChiefs khona kunoSamir “Kokota Piano” Nurkovic oseshaye ali-11.

Ngaphandle kokufuna ukuvala igebe, iPirates izobe ifuna ukukhokha isibhongo sokushaywa kabili ilezi zimbangi.

Yakhishwa kwiTelkom Knockout yabuye yasuthiswa induku ngamagoli amathathu kwamabili.

Emdlalweni engama-168, iChiefs isanqobe kayi-68 kanti iPirates isanqobe kayi-41. Kudlalwe amahlandla ayi-53 ngokulinga­na.

 ?? Isithombe: Farpost ?? USamir Nurkovic
Isithombe: Farpost USamir Nurkovic
 ?? Isithombe: nguSydney Mahlangu/ BackpagePi­x ?? UGabadinho Mhango
Isithombe: nguSydney Mahlangu/ BackpagePi­x UGabadinho Mhango

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa