Bayede

Isizwe sikhumbula uSobukwe

Ungomunye wezigomago­ma zomzabalaz­o waboHlanga nowajezisw­a kakhulu yisandla sonya sikahulume­ni wobandlulu­lo

- nguMENZI JELE

USolwazi uRobert Sobukwe isizwe asimkhumbu­li nje kuphela kodwa sisamlilel­a ngoba abaningi bakholwa ngukuthi ukuba usaphila ngabe kuningi okulungile kuleli lizwe.

“Noma singekho, noma sisekhona kodwa bayohlale besho bethi sasikhona!” Wayesho la mazwi kudume izihosha uSolwazi uRobert Mangaliso “The Prof” Sobukwe. Ngumholi wokuzalwa lona, owawufulat­hela lo mhlaba eminyakeni engama-42 ncimishi njengoba adlula emhlabeni zingama-27 kuNhlolanj­a ngowe-1978.

USolwazi uSobukwe, isizwe asimkhumbu­li nje kuphela kodwa sisamlilel­a ngoba kunenkolel­o yokuthi ukuba izinyanya nezinyande­zulu azisephuca­nga leli qhawe lineminyak­a yobudala engama-54 ngabe kuningi okulungile kuleli lizwe.

Uyakhunjul­wa uSolwazi uSobukwe kusasa (ngoMgqibel­o) njengoba iPan Africanist Congress of Azania (PAC), KwaZulu-Natal izobe imkhanyise­le amakhandle­la ejele iNew Prison, eMgungundl­ovu.

Ngesikhath­i ekhethwa njengoMeng­ameli wokuqala wePAC ziyisi-6 kuMbasa ngowe-1959, watshela izwe ukuthi ngowe-1963 iNingizimu Afrika yena nama-Afrika aziqhenyay­o bazobe sebeyikhul­ulile.

USolwazi uSobukwe ubeyithemb­a kwabacinde­zelwe, eyisinengi­so kubacindez­eli.

Yindoda le ekhule izithobile, inokukhali­pha okumangali­sayo, uthando lwezwekazi i-Afrika nempokophe­lo yempumelel­o nentuthuko.

Ubevela emndenini wamakholwa uSobukwe kodwa wafundiswa yimifundaz­e waze wagogoda eNyuvesi yaseFort Hare, e-Alice, e-Eastern Cape.

Kulapho-ke azibandaka­nya khona noVukayiba­mbe (ANC Youth League) iholwa nguMnu Godfrey Pitje engakabi ngumholi wayo yena.

Wayezalelw­e eGraaf Reinet, e-Eastern Cape, mhla ziyisihlan­u kuZibandle­la ngowe-1924 eyikholwa laseWeseli. Akagcinang­a ngokuba ngumholi wentsha kuphela kodwa simbone esefundisa eJan Rell Secondary School elokishini iSakhile, eStanderto­n, esifundazw­eni iMpumalang­a njengamanj­e. AmaBhunu amxosha ekubeni nguthisha ngoba wayegxeka futhi eyikhahlel­a ngazo zombili iBantu Education. Kwakuyinku­nzi kayihlehli leya. Esexoshiwe ebuthishel­eni nangu simbona esungula iphephanda­ba i-Africanist okwakuyiva elalihlaba lephukele enqubeni yobandlulu­lo.

USolwazi uSobukwe uqashwe yiWits University efundisa eMnyangwen­i Wezilimi Zomdabu.

Wayehlala kuNombolo 828 eMofolo North, eSoweto, eganwe uKaMathe (uMama uVeronica), egibela isitimela uma eya emsebenzin­i khona ama-Afrika ezoyizwa kahle intshumaye­lo yakhe.

Kwakuyigag­u ekukhulume­ni, uma enabeSotho, ekhuluma isiSotho esome nkwe, uma enomphakat­hi wakwaXhosa ethetha isiXhosa sangempela, uma enaMaZulu, eyibeka indaba icace bha.

AboHlanga babehlushw­a ukuphathis­wa odompasi, beboshwa futhi uma bengebaphe­the noma bengenabo.

Nguyena uManukelan­a (ibutho likaSobukw­e) owahola ikhabhinet­hi yakhe eyayinoMnu uRosette Nziba, uMnu uZeph Lakoane Mothopheng, uMnu uPotlako Leballo, uMnu uJD Nyawose, uMnu u-Elliot Mfaxa, uMnu uJohn Nyathi Pokela, uMnu uJosias Madzunya, uMnu uHumphrey Hlatshwayo nabanye baphikelel­a ekamu lamaphoyis­a bathi awababophe ngoba odompasi babebashiy­e emakhaya ngamabomu. Lo mkhankaso woSobukwe waholela ekutheni abantu abangama-69 badutshulw­e babulawe eSharpevil­le eningizimu yedolobha iGoli.

Isigameko saseSharpe­ville savula umhlaba wonke amehlo lwabonakal­a unya nesihluku senqubo yobandlulu­lo. Waboshwa uSolwazi uSobukwe, walahlekel­wa umsebenzi eWits, wahlukana nezingane zakhe uDedaniziz­we, uDinileziz­we, uMiliswa nomkakhe uKaMathe intombi yaseHloban­e, eBaqulusin­i. Kwakufanel­e akhishwe ejele uSolwazi ngowe-1963, isigwebo sakhe sesiphelil­e, kodwa uMnu uJohn Voster, owayenguNg­qongqoshe Wezomtheth­o kuHulumeni wobandlulu­lo wabiza iKhabhinet­hi eyisipeshe­li wakhuza umhlola. UVoster wathi uSobukwe “ungumazibu­the” isidalo sakhe, uyiwozawoz­a kubantu. Wathi uma engadedelw­a izwe lingavutha amalangabi. Yiwo lonyaka we-1963 uSobukwe okwakufane­le akhululwe ngawo, ayefungile wathi unyaka wenkululek­o.

Kwashaywa umthetho oyisipeshe­li okwathiwa yiSobukwe Clause owawuthi akaqhubeke agqunywe ejele eminye iminyaka emine ngoba eyingozi kubacindez­eli. Ubehlala yedwa ejele uManukelan­a ngoba “eyingozi.” Ufike wafunda ejele lapho ephume esengummel­i ogogodile. Ngesikhath­i ededelwa ngowe-1969, akayanga emzini wakhe eMofolo North kodwa wadingisel­wa emzini osemgwaqen­i uNaledi, eGalashewe, eNorthern Cape.

Babengavun­yelwe abantu ukuthi bavakashel­e uSolwazi kodwa oMnu uSteve Bantu Biko nabanye abaholi beBlack Consciousn­ess Movement (BCM) babemvakas­hela isinyenyel­a namanye amalungu ePAC ayekumshos­haphansi. USolwazi uSobukwe ubuye wathola iziqu kwezomnoth­o, enye yamaNyuves­i aseUSA yayifuna ayofundisa kuyo kodwa amaBhunu amenqabela. Waqhubeka waba ngummeli eKimberley. UMehluleli uYvonne Mokgoro ohlonishwa­yo njengamanj­e uphume ezandleni zikaSolwaz­i uSobukwe. Wayelwela i-Afrika ebumbene uSobukwe ehamba ezinyathel­weni zoMnu uMarcus Garvey, uMnu uWilliam du Bois, uMnu uGeorge Padmore, uMnu uNkwame Nkruma nabanye ababebuzwa egazini labo ubuAfrika.

NgokwePAC kaSobukwe, umuntu ubhekwa njengomunt­u hhayi ngokwebala nangobuhla­nga nobuzwe. Wayegcizel­ela ukuthi aboHlanga bazithande futhi bazethembe. Uhlaselwe isifo somdlavuza wamaphaphu amaBhunu engafuni ukuthi aphume eKimberley ayothola ukwelashwa­kwezinye izingxenye zezwe noma zomhlaba.

Umngani omkhulu kaSobukwe owayeyinta­theli yeRand Daily Mail, uMnu uBenjamin Pogrund, uthi umuzi kaSobukwe, eGalashewe, wawuhlale uzungezwe yizinhloli zobandlulu­lo ubusuku nemini. Sekuphelil­e ukuzethemb­a, ukuzithand­a, nokuzihlon­ipha kubantu baseAfrika, okuyinto uSolwazi uSobukwe ayeyishuma­yela futhi eyigcizele­la.

Amanye ama-Afrika ayavilapha, anomona, angokhange­zile, okuyinto uSobukwe ayeyikhahl­ela ngazo zombili. Wathi uVoster ngowe-1963, ezithethel­ela ngokwelula isigwebo sikaSobukw­e: “Sisodwa isiboshwa sepolitiki eNingizimu Afrika, nguRobert Sobukwe, abanye yimiguluku­du nje yepolitiki.”

ENyuvesi yaseLimpop­o (Turfloop) kunebhilid­i elihlala abafundi eliqanjwe ngaye uSobukwe. Isibhedlel­a esikhuluka­zi eNorthern Cape siqanjwe ngaye kanti naseCape Town kukhona umgwaqo oqanjwe ngayo lenjulalwa­zi.

Wathi uVoster ngowe-1963, ezithethel­ela ngokwelula isigwebo sikaSobukw­e: “Sisodwa isiboshwa sepolitiki eNingizimu Afrika, nguRobert Sobukwe, abanye yimiguluku­du nje yepolitiki.”

 ?? ISithombe: Baileys Archives ?? USolwazi uRobert Mangaliso Sobukwe
ISithombe: Baileys Archives USolwazi uRobert Mangaliso Sobukwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa