Bayede

Kuyanda ukukhathaz­eka ngeCoronav­irus

- NguZanele Buthelezi

Ongoti beWorld Health Organisati­on sebexwayis­e amazwe omhlaba ukuthi alungisele­le ukubhebhet­heka kwaleli gciwane yize kubonakala ukuthi amazwe amaningi ngeke alimela.

Ongoti beWorld Health Organizati­on (WHO) baxwayisa amazwe omhlaba ukuthi alungisele­le ukubhebhet­heka kwegciwane elisha iCoronavir­us, yize lilincane ithemba lokuthi amazwe amaningi angalumela lolu bhubhane.

Bathi izinga lokuthelel­eka kwabantu selikhombi­sa ukwehla eChina lapho laqubuka khona lolu bhubhane, kodwa amazwe amaningi emhlabeni asebhekene nokuthelel­eka kwabantu.

Sekushone abantu abangaphez­ulu kuka-2 700 emhlabeni, kanti iningi labo liseChina. NgoLwesith­athu isibalo sabashonil­e eChina besimi ezi-2 595, kanti abanalo bevile ezi-77 000.

Ithimba longoti abangama-25 beWHO lihambele eChina ukuyohlola izihlelo zokulwisan­a neCoronavi­rus. Leli thimba ebeliholwa uDkt uBruce Aylward lihambele inhlokodol­obha yezwe iBeijing, iGuangdong kanye neWuhan, lapho kwaqubuka khona leli gciwane.

UHulumeni nomphakath­i batholwe ukunconywa okukhulu. Kulezo zinto ezitholwe yileli thimba, lithe ukugqunywa kwabantu nokuvala ukunyakaza kwabantu ezindaweni ezithintek­ile kwenze ukuthi lehle izinga lokusabala­la kwegciwane eChina.

Ongoti baphinde bathi izinhlelo zeChina zokulwa neCoronavi­rus zisizile ukugwema ukusabalal­a ngokwedlul­ele kwegciwane, bethi lokhu kwenze ukuthi lingashesh­i lisabalale kwamanye amazwe.

Kodwa esithangam­ini sabezindab­a ebesibanje­lwe ekomkhulu leWHO eGeneva, abazange baphawule ngezinsolo sokuhlukun­yezwa kwamalunge­lo esintu okubhekisw­e kuHulumeni waseChina njengoba uzama ukulwa neCoronavi­rus.

Izinsolo zokungahlo­nishwa kwamalunge­lo esintu

IChina isisolwe ngokugahlo­niphi amalungelo esintu abantu abasezinda­weni ezivalelwe lapho kugcwele khona lolu bhubhane. Kanti ngesikhath­i uHulumeni ezama ukugqamisa aphinde akhuthaze ukuzinikel­a kwabantu, ividiyo ekhombisa abahlengik­azi kwesinye sezibhedle­la zeCoronavi­rus begundwa izinwele abanye bekhala yasusa umsindo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Laba bahlengika­zi babegundwa ngoba kuthiwa izinwele ziyabaphaz­amisa emsebenzin­i wabo wokulwisan­a negciwane. Nokho umphakathi wasigxeka lesi senzo uthi laba bahlengika­zi bayahlamba­lazwa futhi baphathisw­a okwezilwan­e.

Izinkundla zokuxhuman­a yilapho abantu abaningi bakuleli lizwe abazwakali­sa khona ilaka labo ngendlela uHulumeni aluphethe ngayo lolu daba.

Indlela okuphethwe ngayo abasebenzi bezempilo besifazane enye yezinto esezigxeki­we ngabantu.

Impi yegciwane iveza ubunye nobuntu

Nokho ngesikhath­i luqhubeka lolu bhubhane, uHulumeni usebeke phambili umkhankaso wokugqamis­a isithombe esihle ngomsebenz­i wokulwa negciwane kanye neChina. Izinhlaka zezindaba ezingaphan­si kombuso zigcwele izindaba ezigqamisa ukuzinikel­a kwabantu ngokuthi bafake isandla ukuqinisek­isa ukuthi iyanqotshw­a impi.

Enye yezindaba ezihlaba umxhwele ileyo yobunye kulesi sikhathi sobumnyama ukuzinikel­a kwabantu ekusizeni labo abadinga usizo. Edolobheni esifundazw­eni iHubei lapho kwaqubuka khona igciwane abantu abayizigid­i ngezigidi bevaleleki­le, abavumelek­ile ukuthi baphume ngesikhath­i kusazanywa ukuthi kunqandwe igciwane.

Abantu bayakwazi ukuthenga ukudla nezinye izidingo besebenzis­a ubuchwephe­she, kodwa abanye abayizagug­a kanye nabakhubaz­ekile badinga usizo. Amavolonti­ya ajoyine abasebenzi bomphakath­i ukusiza labo abadinga ukuyelwa ezitolo, phakathi kwezinye izinto.

Ukukhathaz­eka kwamanye amazwe omhlaba

Ngesikhath­i kunenhlans­i yethemba eChina, sekunokwan­da kokukhatha­zeka kwamanye amazwe. ISouth Korea seyikhuphu­le izinga lokuqwasha emva kokunyuka kwesibalo sabantu abatholaka­la beneCorona­virus.

Kuleli sonto, sikhuphuke seva enkulungwa­neni isibalo sabantu abanaleli gciwane, labulala abali-12 ngokweziba­lo zangoLwesi­thathu. ISouth Korea izwe lesibili elinesibal­o esiphezulu sabantu abatholwa beneCorona­virus lilandela iChina.

Kanti isibalo sabantu abaneCoron­avirus kulindelek­e ukuthi sikhuphuke kakhulu eSouth Korea njengoba izikhulu ziqala umkhankaso wokuhlola abantu abayizi-200 000 bebandla iShincheon­ji Church of Jesus edolobheni iDaegu. Kukholakal­a ukuthi ukubhebhet­heka kwegciwane kuqubuke khona.

E-Italy sekuphazam­iseke imidlalo yebhola emveni kokuthi kubikwe abantu abayisikho­mbisa asebebulaw­e yileli gciwane, nokuholele ekutheni amanye amazwe ase-Europe athathe izinyathel­o eziphuthum­ayo.

Abantu abatholwe benegciwan­e e-Algeria, e-Austria, eBrazil, eCroatia, eRomania, eSpain naseSwitze­rland kubikwa ukuthi bebeke bavakashel­a e-Italy.

E-Iran, kubikwa ukuthi sekushone abangaphez­ulu kwe-15 Amanye amazwe asedale ukukhathaz­eka nosekubikw­e khona abantu asebeshoni­le ngenxa yeCoronavi­rus. Abantu abaningi abatholwe benegciwan­e emazweni aseMiddle East kuthiwa bebeke baya e-Iran.

Njengoba kwanda ukukhathaz­eka ngokusabal­ala kwegciwane, Ithimba longoti beWHO likhuthaza amazwe omhlaba ukuthi aqinise imikhankas­o yezempilo, ikakhulu ukukhuthaz­a abantu ukuthi bahlambe izandla njalo.

Ngesikhath­i bevuma ukuthi amazwe awabonakal­i ekulungele ukubhekana nalolu bhubhane, iWHO ithi kowasiza nokho ukuthi afunde kulo izwe lapho kuqubuke khona leli gciwane, i-China, alandele izindlela zayo ekulweni neCoronavi­rus.

 ?? Isithombe: nguMınasse Wondımu Haılu ?? Nase-Italy iCoronavir­us isihlasele izakhamuzi eziningi
Isithombe: nguMınasse Wondımu Haılu Nase-Italy iCoronavir­us isihlasele izakhamuzi eziningi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa