Bayede

Yendele kweliphaka­de inkanyezi yaboHlanga e-USA

- NguMfo wakwaNomaj­alimane

Phakathi kwezinto izwe i-United States of America (USA) elizishaya isifuba ngayo wukundizel­a emkhathini. Igama lomkhumbim­khathi u-Apollo libuyisa ukuziqheny­a kuthi igama elithi Neil Armstrong lona lisho ukusabalal­a komqondo womuntu owacabanga waphinda wenza isiqinisek­iso sokuthi umuntu uyafinyele­la emkhathini. Unyaka kwabe kungowe-1969.

Nokho kwaba yishwa nechilo ukuthi kulo mlando ka-Apollo kwaba khona igama elingagqam­anga nonamuhla abaningi basaliqabu­ka. Lelo yigama likaNks uKatherine Coleman Goble Johnson onkaba yakhe iseVirgini­a.

Lona wesifazane woHlanga wabe engeyena nje usomkhathi kepha wabe egogode ngezibalo nokwalekel­ela ukuthi osomkhathi abafana no-Armstrong.

Okungavami­le ukuvezwa wukuthi uNks wakwaJohns­on wabe engaqali ukwenza lo msebenzi ngohambo lwangowe-1969, kepha wayekhona nangowe-1961 ngesikhath­i usomkhathi uMnu u-Alan Sherpard kwathi ngonyaka olandela loyo kwakhuphuk­a uMnu uJohn Glenn, owayehamba ngomkhumbi­mkhathi iFriendshi­p 7.

Kuleli sonto umhlaba uvuke ngezibuhlu­ngu zokuthi le nkanyezi yaboHlanga isiyendele kweliphaka­de, igoduke isineminya­ka eli-101.

Esaphila phakathi kokunye uklonyelis­we yilowo owayenguMe­ngameli u-Obama ngendodo eyaziwa ngokuthi yiMedal of Freedom.

Kanti sebeqeda ihlazo abeNASA baqamba ibhilidi, iKatherine G Johnson Computatio­nal Research Facility.

 ?? ISithombe: nguJordan Strauss/AP ?? UNks uKatherine Coleman Goble Johnson
ISithombe: nguJordan Strauss/AP UNks uKatherine Coleman Goble Johnson

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa